Indlela Yokwenza Okuningi Ngesikhathi Esincane
‘Sishonephi isikhathi?’ Kukaningi kangakanani uzithola ubuza lowombuzo? Uma ufana nabantu abaningi, ngokunokwenzeka uwubuza kaningi ngaphezu kokuba ungase ukhumbule.
Okulandelayo kunikeza ukusikisela ngokombono womuntu wesifazane, kodwa njengoba kokubili abesilisa nabesifazane benesikhathi esilinganayo isonto ngalinye, umbuzo othi ‘Ngingakwenza kanjani okuningi ngesikhathi enginaso?’ yilowo kokubili abesilisa nabesifazane abangathanda ukuba uphendulwe.
Hlela Izinto Eziza Kuqala
Njengoba wonke umsebenzi ekuphileni udinga isikhathi, kunezinye izinto lezo ngokwemvelo eziza kuqala kunezinye. Ngokwesibonelo, ekuseni ngosuku lwasebusika olubandayo, ayikho enye into umama angase afune ukuyenza ngaphandle kokuba alale isikhathi esengeziwe embhedeni wakhe ofudumele. Kodwa iwashi libonisa ukuthi sekuyisikhathi sokulungisa ukudla kwasekuseni nokuvalelisa umyeni wakhe lapho eya emsebenzini nabantwana lapho beya esikoleni.
Futhi izinto eziza kuqala kumelwe zihlelwe ukuze umkhaya wakho usebenze ngokufanelekile. Kunesikhathi sokuthenga ukudla nesikhathi sokukupheka; isikhathi sokucoca indlu nesikhathi sokuhlanza izingubo; isikhathi sokuphumula nesikhathi sokutadisha; isikhathi sokuhlola umsebenzi wabantwana wesikole owenzelwa ekhaya nemisebenzi yasekhaya—futhi uhlu luqhubeka njalonjalo.
Ingabe usebenza ngaphandle kwekhaya? Uma kunjalo, njengoba unemisebenzi eyengeziwe yokuyenza, isikhathi siba yigugu ngisho nangokwengeziwe. Awunakukwazi ukusichitha, noma ulokhu uhlehlisela izinto kolunye usuku. Yingakho abesifazane abaningi beqaphela ukuthi isimiso sidingeke ngokuphelele ukuze baqede imisebenzi yabo.
UJosephine, umama wabantwana abayisithupha abasukela eminyakeni emibili kuya kwengu-15 ubudala, uthi, “Ngaphandle kwesimiso sansuku zonke, bengihluleka ukufeza imigomo yami yosuku ngalunye.” USandra, onabantwana abathathu, usebenza ngaphandle kwekhaya amahora angu-25 ngesonto, futhi uyavuma: “Phela, ukuba bengingenaso isimiso, ngicabanga ukuthi bengizosangana.”
Ngaphezu kwalokho, izinto eziza kuqala kuwe ngokungangabazeki zihlelwa ngokubaluleka okubeka esikhathini ngokwaso. Zinjalo kuLola. Akukhona nje kuphela ukuthi unendoda yokuyinakekela kodwa futhi unikela amahora asukela ku-90 kuya kwangu-100 ngenyanga emsebenzini wakhe wokufundisa ngeBhayibheli. Uthi: “Isikhathi sibaluleke kakhulu kimi. Nginomuzwa wokuthi silungile nje ukuze ngingalindisi abantu isikhathi eside. Futhi lapho labo okungenzeka badebesele bebona ukuthi ngisazisa kakhulu isikhathi, bathambekela ekusihlonipheni ngokwengeziwe isikhathi sami.”
Hlela Imisebenzi
Kungani abanye besifazane kubonakala sengathi abayiqedi neze imisebenzi yabo? Noma kungani abanye njalo bekhononda ngokuntuleka kwesikhathi? Ingabe esinye isizathu singaba ukuthi bayahluleka ukuhlela imisebenzi yabo? Ezizukulwaneni ezidlule kwakuthatha abesifazane usuku lonke ukuba bahlanze izingubo nolulandelayo ukuba bazi-ayine, nakuba babethenga futhi bepheka nsuku zonke. Nokho, emazweni amaningi namuhla, owesifazane angahlanza indlu, ahlanze futhi omise izingubo, futhi apheke ngesikhathi esisodwa uma ehlelekile. Izinto zokusebenza zesimanje ezenza umsebenzi ube lula ziye zakhulula abesifazane abaningi ukuba basebenze ngaphandle kwekhaya futhi nakuba kunjalo bakwazi ukunakekela izidingo zomkhaya.
Kodwa kuthiwani ngesikhathi esichithelwa ngaphandle kwekhaya? Ingxenye ebonakalayo yaso, ngaphandle kwesikhathi esichithwa ngempela kusetshenzwa, ichithwa futhi kuyiwa kubuywa emsebenzini, kulindwe emahhovisi odokotela nawodokotela bamazinyo nakwezinye izindawo. Ingabe esiningi salesikhathi singasetshenziswa? Ngokwesibonelo, ingabe uyanitha, ukhiloshe, wenze oleyisi, noma ufekethise? Ingabe ungahlela ukuba amanye alamakhono enziwe ngezikhathi nasezindaweni ezinjalo? Abesifazane abaningi bayafunda, benze uhlu lokuthenga, noma babhale izincwadi. Eqinisweni, esikhathini esilandelayo lapho uhlala phansi ukuze ubukele iTV, kungani ungathungi okuthile noma wenzele umkhaya izinto? Bangase bakwazise ngokwengeziwe lokho kunokuthengwe esitolo, futhi uyoba nobufakazi obuphathekayo bokuthi awusichithi sikhathi!
Nokho, kunolunye uhlangothi lwalendaba. Umuntu kumelwe agweme ukuba obambelela ngokweqile ekuzameni ukusebenzisa yonke imizuzu. Ungaba isigqila sesikhathi, futhi lokho kuyokuphanga injabulo. Kunezikhathi lapho umuntu efuna ukuhlala athule futhi abukeze lokho akwenzile. Izikhathi ezinjalo zingaba yigugu ngempela!
Isimiso esifanayo siyosebenza lapho kuziwa ekongeni imali. Ukulinganisela kudingekile. Ungase uhambe ngemoto wehle wenyuka kulo lonke idolobha ukuze wonge amasentshana ambalwa, uzithole usuchithe isikhathi esiningi nopethiloli wenza njalo. Njengoba ungase ulindele, lapho unohlelo oluqinile lokusetshenziswa kwemali, ukonga kubalulekile. Ngakho mhlawumbe ukuthenga esitolo esisodwa esimaphakathi kungasiza. Uyazi ukuthi zikuphi izinto (okukongela isikhathi), futhi uyazi ukuthi zinini izindali (okukongela imali).
Ukukhetha Isikhathi Esingcono Kakhulu
Owesifazane ngamunye unewashi lakhe siqu ngaphakathi kuye. Abanye basebenza kangcono kakhulu ekuseni; abanye abasebenzi kahle kuze kube yintambama. Uma ungumuntu wasekuseni, ngokuqinisekile hlela ukwenza imisebenzi yakho enzima ngalesosikhathi. Sebenzisa amandla akho ngezikhathi okwazi ukusebenza kakhulu ngazo. Uma usebenza ngaphandle kwekhaya, kungani ungakhulumi nomqashi wakho? Kuyoba ngokwenzuzo yakho kanye neyakhe ukuhlela umsebenzi wakho ngokuvumelana nalokho. Uma, ngakolunye uhlangothi, usebenza ngokunwabuluka ekuseni, umsebenzi wakho obaluleke kakhulu wongele isikhathi osebenza ngaso kangcono.
UMary ungumuntu wasekuseni. Ubheka isikhathi asichitha enkonzweni yakhe njengengxenye ebaluleke kakhulu yosuku lwakhe. Ngakho wathola itoho lantambama. Lokhu kumenza anikele ngamahora akhe angcono kakhulu emsebenzini wakhe wokufundisa ngeBhayibheli. Ingabe ungenza okufanayo ngesimiso sakho?
Yiba Nombono Ongokoqobo
Ukuze isimiso sibe usizo, akumelwe sihlanganise imisebenzi eminingi kakhulu. Ukuzama ukuba uMama Omuhle, uNkosikazi, noma isiSebenzi kungaholela ekudumazekeni nasekukhungathekeni. Lokhu kuba njalo ikakhulukazi uma unezinkinga zempilo. Zama ukusebenza phakathi nemigoqo yakho.
UDolly, onesifo esingumahlala-khona, uyachaza: “Isikhathi sami sigxile emisebenzini yomyeni wami. Uyisikhonzi esijikelezayo. Njengoba sihlala endlini encane enamasondo, lapho esewenzile umsebenzi wakhe, khona-ke ngenza owami. Ukugula kwami kuyangivimbela ukuba ngenze konke ebengingathanda ukukwenza. Kodwa lapho ngikwazi, inkonzo yami iza kuqala. Ezinye izinto ekhaya ziyayekwa zingenziwa ngalolosuku.”
Yiba Ovumelana Nezimo
Ukuvivinywa komfutho wowesifazane uyindlela asebenza ngayo ngaphansi kokucindezeleka. Uma ekwazi ukuhlala ezothile ebunzimeni, uyofeza okuningi kakhulu kunokuba akhathazeke kakhulu ngokomzwelo.
USandra wathola imfihlo yokulawula ukucindezeleka. Uthi: “Lapho kuphakama izimo eziphuthumayo futhi ngizizwa ngimpintshaniseke nhlangothi zonke, ngivele ngehlise umoya. Ngiyazi lokho kuzwakala kungavamile, kodwa kuyasebenza. Uma nje sengizilawulile, khona-ke ngiyakwazi ukunquma ukuthi yini okumelwe yenziwe kuqala. Uma ngingawehlisi umoya, angikwazi ukuhlela izinto eziza kuqala eziqondile. Lapho lezi sezibekiwe, khona ngisheshisa imisebenzi yami ukuze ngihlangabezane nezimo eziphuthumayo futhi ngiyawuqeda umsebenzi. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi izivakashi ezithile zake zafika amahora ambalwa kusengaphambili ukuze zizodla ukudla kwakusihlwa. Esikhundleni sokutatazela, ngamane ngapheka kuyilapho ngizibungaza ngendlela engcono kakhulu engangingayenza. Zonke zahleleka futhi zazijabulisa.”
Cela Usizo
Omunye wake wathi umqondisi ongcono kakhulu yilowo ozitholela usizo olwanele. Ingabe uyalungenisa usizo lwabanye emsebenzini? Lapho osebenza nabo bazi ukuthi usizo lwabo luyaziswa, balunikela ngokuzithandela ngokwengeziwe. Kunjalo nasekhaya. Ngeshwa, abanye besifazane bangabanakekeli bamakhaya nabapheki abanakekela kangangokuthi benza abanye banqene ukusiza. Futhi sona kanye lesosimo sengqondo singaba isizathu esenza abanye abesifazane nomama bahlale bethwele kanzima kuyilapho amalungu emikhaya yabo ehleli ebonakala engenandaba.
Manje kuthiwani ngawe? Lapho udinga usizo, ingabe uyalukhuthaza? Ingabe uyalucela usizo, noma uyalufuna? Amazwi athi “Ngicela” azwakala ekhanga ngokwengeziwe kunathi “Ngifuna”—kungakhathaliseki ukuthi ukhuluma nabantwana bakho noma nomyeni wakho.
Omunye wesifazane, encoma umyeni wakhe ngosizo amnika lona, uthi: “Muhle kabi kulokho. Lapho ngingaphilile, uthi angiyolala, futhi apheke ukudla kwakusihlwa; yena nabantwana bayasukeleka futhi basize ngokwenza imisebenzi. Ngikwazisa ngempela lokho!”
Yeka isimo sengqondo esihle ngomkhaya ukuba ube naso! Kodwa umuntu oyinhloko kulesisimo umama. Angaqeqesha abantwana bakhe ukuba baqaphele ukubaluleka kwesikhathi nokuba babe nesimo sengqondo esiqondile ngomsebenzi. Abantwana abanjalo ngokuvamile bayofuna ukusiza ngoba bathola injabulo ekubeni nengxenye emgomweni wonke umkhaya onawo.
Njengoba kungalindelwa, abanye abantu bazosichitha isikhathi kungakhathaliseki ukuthi abanye bathini noma benzani. Asinakubashintsha; singazithuthukisa thina kuphela. Singanquma ukuba nombono ongokoqobo ngesikhathi, sihleleke kangcono, sihlele izinto eziza kuqala eziqondile, futhi sicele usizo lapho kudingekile.
[Izithombe ekhasini 15]
Izinto eziza kuqala kumelwe zihlelwe uma ufuna umkhaya wakho usebenze ngokufanelekile