Ukulutha Kwecrack—Ingabe Likhona Ikhambi?
AKUNGABAZEKI ukuthi ukulutha kwecrack kuye kwafinyelela amazinga ashaqisayo, futhi lenkinga iyanda. Umsakazo nethelevishini kusakaza lenkinga emoyeni. Kuvela ezihlokweni eziphambili zomagazini namaphephandaba. Amagumbi asezibhedlela alabo abembulwa bembeswa nezikhungo zabagula ngengqondo kubhekana ubuso nobuso nobudlova bakho. Amagumbi okubelethisa agcwele ayachichima ngezinsana ezikhubazwe yilokulutha. Amakamelo okugcina izimpahla asesibhedlela asetshenziselwa “ukugcina” abantwana abalahliwe kunokuba kugcinwe izimpahla.
Izinhlangano ezilwisana nethonya lezidakamizwa nezisiza ukuvuselela kabusha impilo zelapha izingane ezingakevi nokweva eshumini elinambili leminyaka. Izinhlangano zenkonzo yezenhlala-kahle zicela ukusekelwa ukuze zilwisane nalomqedazwe. Kunalabo abathi bayahluleka ukunqoba ukuba kwabo imilutha nabanye abangafisi ukukunqoba. Labo abangafisi ukukunqoba balindelwe usizi, ukukhungatheka, ubudlova, futhi ngokunokwenzeka nokufa. Ngalabo abathi bayahluleka, kukhona ithemba.
INew York Times ka-August 24, 1989, yabika ukuthi: “Onyakeni owodwa kuphela odlule, icrack yayibhekwa kabanzi njengesidakamizwa esisha ngokuqhathaniswa, esasingaqondwa kahle kodwa sinezici ezikhethekile eziveza ukulutheka cishe okungalapheki.” Nokho, manje abacwaningi bathola ukuthi ngaphansi kwezimo ezifanele, ukulutha kwecrack kungelashwa ngokuphumelelayo, kwasho leliphephandaba. “Ukulutha kwecrack kungelashwa,” kwasho uDkt. Herbert Kleber, iphini lomqondisi wenhlangano elwisana nezidakamizwa waseU.S., uWilliam J. Bennett. Wathi, isihluthulelo siwukuba imilutha inikezwe indawo emkhayeni nasezimweni ezingokwenhlalo okungenzeka ukuthi azikaze zibe kuyo ngaphambili. Wagcizelela “ukubekwa esimweni esinempilo kunokuvuselelwa kabusha kwempilo.”
Abacwaningi baye bathola ukuthi inqubo ephumelela kakhulu yokwelapha imilutha yecrack cocaine ihlukene izigaba ezintathu—ukulwisana nethonya lezidakamizwa, ukunikezwa kweseluleko nokuqeqeshwa okuqhubekayo komuntu siqu, futhi okubaluleke kakhulu, ukunikeza ukusekela endaweni ezungezile efanelekile. Ukulwisana nethonya lezidakamizwa, noma ukugcina umlutha ukude nezidakamizwa, akuyona inkinga enkulu. Ngokuvamile, ngenxa yezimo umuntu angakwenza lokhu ngokwakhe. Ukuswela imali yokuthenga isidakamizwa kungase kube yimbangela, futhi ngokuvamile kuyisici esinezelayo. Ukuboshwa enhlanganweni yezomthetho wokujezisa lapho izidakamizwa zingatholakali khona kungase kube enye, noma ukulaliswa esibhedlela kungase futhi kuphoqelele ukudeda kuso. Nokho, inkinga eyinhloko ukwenza ukuba umlutha ungabuyeli esidakamizweni lapho usithola.
Nakuba eminye imilutha iye yagqashula ngokuphumelelayo ekuxhakathiseni okunjengokodlawu isengaphansi kwesimiso sokwelashwa esihlelwe ngokukhethekile, odokotela bezokwelapha bagcizelela ukuthi imilutha eminingi iyehluleka ukugqashula emasontweni ambalwa okuqala. Ngokwesibonelo, uDkt. Charles P. O’Brien, udokotela wezifo zengqondo eYunivesithi yasePennsylvania, wathi izingxenye ezimbili kwezintathu zemilutha ezazisohlwini lwesimiso sakhe sokwelapha zayeka enyangeni yokuqala. Ezinye izinqubo azizange ziphumelele ngisho nokuphumelela.
Indawo Ezungezile Engafanele
Omunye umqondisi wesikhungo sezokwelapha owaziwayo wathi: “Kungase kudingeke ukuba sibahlukanise nemiphakathi yakubo. Imilutha kufanele uyihlukanise naleyondawo ezungezile enezidakamizwa. Leyondawo ezungezile iyindawo yokugcinwa kwezidumbu.” Abacwaningi baye bathola ukuthi lesi isizathu esiyinhloko sokuba inani elikhulu lemilutha eliye lalwisana nethonya lezidakamizwa libuyele esidakamizweni esiye sayigqilaza. Isizathu sibonakala sisobala. Okokuqala nje, ingabe lezi akuzona izindawo ezizungezile eziye zayithumela ezikhungweni zezokwelapha? Ingabe icrack yayingatholakali kuwo wonke amakhona emigwaqo lapho ukucindezela kontanga, ngokuvamile okuvela emikhayeni yayo siqu nakubangane abakhulu, kwabangela ukuphafuza kwabo kokuqala epayipini lecrack? Ubani manje osezobakhuthaza ukuba banamathele esimisweni sokwelashwa futhi bakhululeke empini enzima ngenxa yakho kanye ukuphila kwabo?
Izimiso zokwelapha eziphumelela kakhulu zagcizelela indawo ezungezile engafanele njengesici esiyinhloko sokuqhubeka nokusebenzisa kabi izidakamizwa kwemilutha. INew York Times yabika ukuthi: “Isiguli safundiswa amasu okuzehlukanisa nesidakamizwa, kuhlanganise nendlela yokugwema amaviyo angase avuse ukuyiqalekela.” Leliphephandaba lathi, “ukubona isitaladi lapho umuntu ake athenga khona icrack, ibhodlela elilahlwe eceleni komgwaqo, ihhovisi likadokotela wamazinyo noma iphunga lasekhemisi elifana nephunga lamakhemikhali ecrack,” kuyizo zonke izinto ezingavusa isifiso salesidakamizwa. Izimiso zokwelapha eziphumelelayo zagcizelela futhi ukubaluleka kokuba imilutha “inqamule ukusondelana nabangane nezihlobo abasasebenzisa izidakamizwa.” Kunalokho, yalulekwa ukuba izenzele abangane abasha nabantu abangazisebenzisi izidakamizwa. Iseluleko esihlakaniphile ngempela.
Ungenqaba!
Incwadi ethi Self-Destructive Behavior in Children and Adolescents iphawula lokhu: “Ngokuvame kakhulu intsha iqala ukufundiswa noma ‘yethulwa’ ezinhlotsheni ezihlukahlukene zezidakamizwa umngane oseduze . . . Izinjongo [zakhe] kungase kube ukuhlanganyela nayo okuhlangenwe nakho okuvusa amadlingozi noma okujabulisayo.” Nokho, ukucindezela kontanga akulinganiselwe kwabasha, njengoba imilutha emidala ingase ikufakazele lokho; futhi lesiseluleko somBhalo sasingalinganiselwe kwabasha kuphela, kodwa sisebenza kubantu babo bonke ubudala, njengoba umlobi weBhayibheli ethi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.”—IzAga 13:20.
Uma ukhungathekiswa izinkinga ezibonakala zingenakunqotshwa, ungafuni ukuzibalekela ngezidakamizwa. Lokhu kuyomane kwenezele ezinkingeni zakho. Khuluma ngalokhu nomzali noma omunye umuntu omdala onomthwalo wemfanelo oyozikhathalela ngempela izithakazelo zakho ezingcono kakhulu. Khumbula futhi iseluleko seBhayibheli: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu.”—Filipi 4:6, 7.
[Ibhokisi ekhasini 9]
I-ice Ingaphezu Kwecrack
“Abantu baseJapane bayibiza ngokuthi ishabu, kubantu baseKorea ibizwa ngokuthi ihiroppon. Emilutheni yaseMelika esanda kuthola ukuthi sidaka kakhulu nokuthi sikwenza uzizwe uphansi kakhulu ngemva kokuphela kwamandla aso, lesidakamizwa bamane nje basibiza ngokuthi ‘yi-ice,’” umagazini iNewsweek ukhuluma kanjalo ngalesidakamizwa eAsia. Siwuhlobo lwemethamphetamine, noma ispeed, eyenziwa ezindlini zokucwaninga ngamakhemikhali atholakala kalula. Ukudakwa okubangelwa icrack kuhlala imizuzu; okubangelwa isidakamizwa i-ice kuhlala amahora, afinyelela kwangu-24. Ngokuvamile yenza abayisebenzisayo babe nobudlova. Ukusetshenziswa kwayo isikhathi eside kubangela ukulimala kwengqondo nokukhubazeka kwamaphaphu nezinso okubulalayo. INewsweek ithi “umphumela weice kwabasanda kuzalwa uyashaqisa.” Omunye umcwaningi uthi: “Uma wawucabanga ukuthi ukwencika kuyicocaine kubi, lokho kusezingeni eliphansi uma kuqhathaniswa nalesidakamizwa.” Kunzima kakhulu ukuyiyeka kunokulutha kwecocaine, futhi ukubona izinto ezingekho kungase kube namandla kunanini ngaphambili ngemva kweminyaka emibili yokwelashwa.