Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Izibankwakazi Umagazini kaFebruary 8, 1990 owawukhuluma ngezibankwakazi ngawuthola uthakazelisa. Lezihloko zaziheha, njengoba zazichazwe kahle, zibekwe kahle, zizwisisiseka kokubili kubantu abanolwazi nabangenalwazi. Ngangicabanga ukuthi nginolwazi ngempela ngezibankwakazi kodwa manje ngiyaqaphela ukuthi ulwazi lwami lwalunganingiliziwe ngempela.
U. A., Federal Republic of Germany
Bengilokhu ngizibuza ukuthi kwenzekani ezibankwakazini. Nakuba ngifunda ikilasi eliphambili esikoleni esiphakeme, angikaze ngizwe impendulo eyiqiniso nekholeka kangaka.
S. S., United States
Indodana yami eneminyaka emine kuphela ubudala, yayijabulela kakhulu imifanekiso, njengoba lezibankwakazi ezinkulukazi ziyithakazelisa kakhulu. Kusukela ngoNovember lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli, bengilokhu ngizijabulela izihloko zenu ezinhle ngendlela emangalisayo. Kuyadabukisa ukuthi ngiye ngalahlekelwa okuningi kangaka esikhathi esidlule!
M. G., Mexico
Ubhapathizo Ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kumelwe Ngibhapathizwe?” (March 22, 1990) Okuhlangenwe nakho kukaSusana okusekuqaleni kwalesihloko kwathinta imizwelo yenhliziyo yami. Ngazinikezela kuNkulunkulu lapho ngisonyakeni wesithupha esikoleni semfundo ephansi, futhi ngempela kwangisiza ukuba ngihlale ngiqinile okholweni. Ingabe bekungenakuba kuhle yini ukube yonke intsha engamaKristu ibibonise ukuzinikela okufana nokomthenwa waseTiyopiya futhi ibuze, “Kwalani ukuba ngibhapathizwe na?”—IzEnzo 8:36.
M. A., Japan
Ukushisa Okubabazekayo Ngingumfundi wasesikoleni semfundo ephakeme oneminyaka engu-15 ubudala futhi ngithanda ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngesihloko esasikumagazini wesiNgisi kaJanuary 22, 1989, esikhuluma ngeozone kanye nezihloko ezazikokaSeptember 8, 1989, ezikhuluma ngokushisa okubabazekayo. Ngokusebenzisa ukwaziswa okukulezihloko, ngakwazi ukubhala indaba ngesihloko sengxoxo, enganikezwa amamaki aphakeme ngaso.
J. B., Australia
Imisebenzi Yokukhangisa Ngengqephu Ngiyanibonga kakhulu ngesihloko senu esasikhuluma ngemisebenzi yokukhangisa ngengqephu. (January 8, 1990) Indodakazi yami yayiwumkhangisi wengqephu oyingane ngaphambi kokuba sifunde iBhayibheli. Saxoxa ngalesihloko ndawonye. Sasiyiqiniso ngempela; ithonya ukukhangisa ngengqephu okwaba nalo endodakazini yami kuleyominyaka yobudala kwakuwukuyenza izizwe ukuthi ingungqá phambili, ingcono kunanoma ubani omunye. Sobabili siyanibonga ngalesihloko. Indodakazi yami ayiseyena umkhangisi wengqephu, futhi uJehova uNkulunkulu ungungqá phambili ekuphileni kwayo—kunokuba kube yiyo ngokwayo.
N. J., Canada
AmaJeepney Bengilokhu ngingumfundi wePhaphama! iminyaka eyishumi. Ayikho incwadi engaqhathaniswa nayo lapho kuziwa ohlotsheni lokwaziswa, izithombe, kanye nokunemba kwendlela ukwaziswa okunikezwe ngayo. Bengilokhu ngifuna ukukusho lokhu kudala, kodwa ngemva kokufunda isihloko esasikumagazini kaNovember 22, 1989 ngesiNgisi, esithi “AmaJeepney—Umthuthi Wabantu BasePhilippine,” angibange ngisakwazi ukuzibamba. Kuyathakazelisa ukwazi indlela abantu bakwezinye izingxenye zomhlaba abaphila ngayo. Indlela engokoqobo iPhaphama! ekubeka ngayo ukwaziswa akukhona nje ukuthi isinikeza ulwazi kodwa futhi isibeka kulezo zindawo!
E. P. S., Brazil
Ukuhlinzwa Kobuchopho Angikwazanga ukubamba izinyembezi lapho ngifunda okuhlangenwe nakho kukaBethel kumagazini kaApril 22, 1990. Ngiyambonga uJehova ngokuthi wasinda ekuhlinzweni kwakhe ubuchopho. Intombazane encane enemigomo ephakeme kangaka engokomoya kanye nokholo oluqinile ekubhekaneni nokufa ikufanele ukwazisa kwethu. Ngiwuntanga kaBethel futhi nami nginemigomo efanayo. Futhi nakuba ngethemba ukuthi ngeke ngizithole ngisesimweni esifanayo, ngiyethemba ukuthi ukholo lwami luyobhekana novivinyo kube nemiphumela ejabulisayo efanayo.
T. V., Italy