Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 7/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lithini IBhayibheli Ngama-dinosaur?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Ukwakheka Okuhlukile Nobukhulu Bezibankwakazi
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 7/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Izibankwakazi Umagazini kaFebruary 8, 1990 owawukhuluma ngezibankwakazi ngawuthola uthakazelisa. Lezihloko zaziheha, njengoba zazichazwe kahle, zibekwe kahle, zizwisisiseka kokubili kubantu abanolwazi nabangenalwazi. Ngangicabanga ukuthi nginolwazi ngempela ngezibankwakazi kodwa manje ngiyaqaphela ukuthi ulwazi lwami lwalunganingiliziwe ngempela.

U. A., Federal Republic of Germany

Bengilokhu ngizibuza ukuthi kwenzekani ezibankwakazini. Nakuba ngifunda ikilasi eliphambili esikoleni esiphakeme, angikaze ngizwe impendulo eyiqiniso nekholeka kangaka.

S. S., United States

Indodana yami eneminyaka emine kuphela ubudala, yayijabulela kakhulu imifanekiso, njengoba lezibankwakazi ezinkulukazi ziyithakazelisa kakhulu. Kusukela ngoNovember lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli, bengilokhu ngizijabulela izihloko zenu ezinhle ngendlela emangalisayo. Kuyadabukisa ukuthi ngiye ngalahlekelwa okuningi kangaka esikhathi esidlule!

M. G., Mexico

Ubhapathizo Ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kumelwe Ngibhapathizwe?” (March 22, 1990) Okuhlangenwe nakho kukaSusana okusekuqaleni kwalesihloko kwathinta imizwelo yenhliziyo yami. Ngazinikezela kuNkulunkulu lapho ngisonyakeni wesithupha esikoleni semfundo ephansi, futhi ngempela kwangisiza ukuba ngihlale ngiqinile okholweni. Ingabe bekungenakuba kuhle yini ukube yonke intsha engamaKristu ibibonise ukuzinikela okufana nokomthenwa waseTiyopiya futhi ibuze, “Kwalani ukuba ngibhapathizwe na?”—IzEnzo 8:36.

M. A., Japan

Ukushisa Okubabazekayo Ngingumfundi wasesikoleni semfundo ephakeme oneminyaka engu-15 ubudala futhi ngithanda ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngesihloko esasikumagazini wesiNgisi kaJanuary 22, 1989, esikhuluma ngeozone kanye nezihloko ezazikokaSeptember 8, 1989, ezikhuluma ngokushisa okubabazekayo. Ngokusebenzisa ukwaziswa okukulezihloko, ngakwazi ukubhala indaba ngesihloko sengxoxo, enganikezwa amamaki aphakeme ngaso.

J. B., Australia

Imisebenzi Yokukhangisa Ngengqephu Ngiyanibonga kakhulu ngesihloko senu esasikhuluma ngemisebenzi yokukhangisa ngengqephu. (January 8, 1990) Indodakazi yami yayiwumkhangisi wengqephu oyingane ngaphambi kokuba sifunde iBhayibheli. Saxoxa ngalesihloko ndawonye. Sasiyiqiniso ngempela; ithonya ukukhangisa ngengqephu okwaba nalo endodakazini yami kuleyominyaka yobudala kwakuwukuyenza izizwe ukuthi ingungqá phambili, ingcono kunanoma ubani omunye. Sobabili siyanibonga ngalesihloko. Indodakazi yami ayiseyena umkhangisi wengqephu, futhi uJehova uNkulunkulu ungungqá phambili ekuphileni kwayo—kunokuba kube yiyo ngokwayo.

N. J., Canada

AmaJeepney Bengilokhu ngingumfundi wePhaphama! iminyaka eyishumi. Ayikho incwadi engaqhathaniswa nayo lapho kuziwa ohlotsheni lokwaziswa, izithombe, kanye nokunemba kwendlela ukwaziswa okunikezwe ngayo. Bengilokhu ngifuna ukukusho lokhu kudala, kodwa ngemva kokufunda isihloko esasikumagazini kaNovember 22, 1989 ngesiNgisi, esithi “AmaJeepney—Umthuthi Wabantu BasePhilippine,” angibange ngisakwazi ukuzibamba. Kuyathakazelisa ukwazi indlela abantu bakwezinye izingxenye zomhlaba abaphila ngayo. Indlela engokoqobo iPhaphama! ekubeka ngayo ukwaziswa akukhona nje ukuthi isinikeza ulwazi kodwa futhi isibeka kulezo zindawo!

E. P. S., Brazil

Ukuhlinzwa Kobuchopho Angikwazanga ukubamba izinyembezi lapho ngifunda okuhlangenwe nakho kukaBethel kumagazini kaApril 22, 1990. Ngiyambonga uJehova ngokuthi wasinda ekuhlinzweni kwakhe ubuchopho. Intombazane encane enemigomo ephakeme kangaka engokomoya kanye nokholo oluqinile ekubhekaneni nokufa ikufanele ukwazisa kwethu. Ngiwuntanga kaBethel futhi nami nginemigomo efanayo. Futhi nakuba ngethemba ukuthi ngeke ngizithole ngisesimweni esifanayo, ngiyethemba ukuthi ukholo lwami luyobhekana novivinyo kube nemiphumela ejabulisayo efanayo.

T. V., Italy

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela