Ukuzivuselela Ngomoya-mpilo Akusizi
ABAGIJIMI abaphelelwa umoya baphumela ngaphandle kwenkundla futhi baqala ukuhogela umoya-mpilo ohlanzekile. Ngokuvamile, izigubhu zomoya-mpilo zihlala ziseceleni kwamabhodlela amanzi. Ingabe ukwenza kusheshe ukuvuseleleka noma uthuthukise ijubane? Akunjalo ngokokucwaninga okwakhishwa kumagazini wezokwelapha iHippocrates kaSeptember/October 1989. Abagijimi bagijima emzuliswaneni baze baphelelwa amandla, base behogela umoya-mpilo ohlanzekile. Baphinda futhi bagijima ngokuqeda amandla emzuliswaneni, kodwa manje bahogela esigujini esasinomoya nje wakuleyondlu. Benza kwaba kabili ngalendlela. Abazange bazizwe bengcono ngemva kokuhogela umoya-mpilo ohlanzekile kunokuba kwakubé njalo ngemva kokuhogela umoya nje wakuleyondlu. Abanye baphikelela ngokuthi, babengasibona isigubhu okuyiso, kodwa ngokuvamile babeshaya phansi.
Igazi elalithathwe ngaphambi nangemva kokuhlola ngakunye “lawuchitha umqondo wokuthi umoya-mpilo ohlanzekile wenza kusheshe ukuvuseleleka ngokuthumela omningi wawo emisisheni ekhathele. . . . Izilinganiso zegazi zelactate—ikhemikhali eyakheka okwesikhashana egazini uma imisipha esebenza kanzima iphelelwa umoya-mpilo—ngokuyisisekelo zazifana, kungakhathaliseki ukuthi kwakusetshenziswe siphi isigubhu. Uma umoya-mpilo omningi wawuya emisisheni, ilactate yayiyokwehla.”
Igazi lithwala umoya-mpilo oyisilinganiso esithile kuphela futhi lingasithola kalula lesosilinganiso emoyeni osemkhathini. Umoya-mpilo ohlanzekile awulivuseleli igazi ngokuba nomoya-mpilo odlulele noma usize umgijimi avuseleleke ngokushesha ekuziqeqesheni ngenkuthalo. Ukuvuseleleka ekuphelelweni umoya kwenzeka lapho inhliziyo ishaya ngamandla, iletha igazi eliningi emangqamuzaneni emisipha futhi ngalokho ikhiphe umoya-mpilo omningi. Igazi alisenawo umoya-mpilo owengeziwe. Limane likhiphe ngokushesha umoya-mpilo okulo, futhi lokho kwenza ukuvuseleleka kusheshe kakhudlwana.