Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 9/22 k. 31
  • Izisulu Zikagwayi Ezingavikelekile Neze

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izisulu Zikagwayi Ezingavikelekile Neze
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingozi Kagwayi Kwababhemayo Nakwabangabhemi
    I-Phaphama!—1987
  • Ugwayi—Ingabe Uyawenqaba?
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Ukubhema Ngempela Kubi Kangako?
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Basakaza Ukufa?
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 9/22 k. 31

Izisulu Zikagwayi Ezingavikelekile Neze

UMBIKO ka-1989 kadokotela ohlinzayo ophethe-jikelele ubonisa ukuthi uma umuntu eqala ukubhema esemncane kakhulu, kunokwenzeka kakhulu ukuba abulawe umdlavuza wamaphaphu. “Ababhemayo abaqala beneminyaka engaphezu kwengu-25 banesilinganiso somdlavuza wamaphaphu esiphindwe kahlanu kunaleso sabangabhemi; ababhemayo abaqala phakathi neminyaka yobudala ephakathi kwengu-20 nengu-24 banesilinganiso esiphezulu ngokuphindwe izikhathi ezingu-9. Ababhemayo abaqala bephakathi kuka-15 no-19 ubudala banesilinganiso esingaphezulu ngokuphindwe izikhathi ezingu-14 futhi labo abaqala ngaphambi kokuba babe neminyaka engu-15 banesilinganiso somdlavuza esiphezulu ngokuphindwe izikhathi ezingu-19 kunalabo abangabhemi.”

Ezimweni eziningi ukubhema kumane kungukuqala kohambo lwezidakamizwa. Intsha ephakathi kweminyaka yobudala engu-12 nengu-17 ebhemayo yatholakala ukuthi kungenzeka ngokungaphezu kwezikhathi ezingu-10 ukuba isebenzise insangu nezingu-14 ukuba isebenzise icocaine, izidunga-ngqondo, noma iheroin. Ukuhlola okuningi kubonisa ukuthi imihuqa yotshwala engaphezu kwamaphesenti angu-90 nemilutha yeheroin ingamaxhwele kagwayi.

Ukuhlola kwamuva kukaGallup kwabonisa ukuthi amaphesenti angu-64 entsha ayefuna ukuba ugwayi uvalwe kulabo abangaphansi kuka-21 nokuthi “ukuphikiswa okukhulu kwemithetho enjalo kuvela kubantu abadala abenza imali ngokudayisela intsha ugwayi.”—Psychiatric, Mental Health, and Behavioral Medicine News Update, March-April, 1990. ikhasi 1.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela