Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 1/8 k. 8-k. 13 isig. 7
  • OFakazi BakaJehova EMpumalanga Yurophu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi BakaJehova EMpumalanga Yurophu
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OFakazi BakaJehova ESoviet Union
  • Intuthuko EPoland
  • Inkululeko Engokwenkolo eRomania
  • Izindaba Ezinhle Ezivela EHungary
  • Ukuqhubekela Phambili ECzechoslovakia
  • Amathemba Esikhathi Esizayo
  • Ingxenye 5—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ukwanda Okuphawulekayo
    I-Phaphama!—1991
  • ‘Kwase Kuba Ukuwa Kodonga’
    I-Phaphama!—1991
  • Bamangala Ngalokho Abakubona
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 1/8 k. 8-k. 13 isig. 7

OFakazi BakaJehova EMpumalanga Yurophu

LAPHO uDonga lwaseBerlin ludilika ngoNovember 1989, iAsiaweek yabika ukuthi “abantu baseMpumalanga Jalimane abayizigidi ezimbili batheleka engxenyeni engasentshonalanga yezwe labo elihlukene, ezinsukwini ezimbili ngemva kokuba iMpumalanga Berlin ivule umngcele.” Yayiyini injongo yabo?

Kwabanothé kakhulu, kwakuwukuzitika ngokuthenga. Kwabanye, ngokuyinhloko kwakuwukubuka nje izinto ezithengiswayo nokunambitha inkululeko yabo ababesanda kuyithola. Abaningi bathola oFakazi BakaJehova emigwaqweni yaseBerlin nakwamanye amadolobha futhi bamukela izincwadi kubo. Kusukela ngalesosikhathi, abanye baye babhalela ihhovisi legatsha leWatch Tower Society eSelters, eduze kwaseFrankfurt am Main, bezwakalisa ukusabela okuphawulekayo.

Enye incwadi yathi: “Lapho ngivakashele eNtshonalanga Berlin okokuqala ngqá ekuphileni kwami, ngamukela ikhophi yeNqabayokulinda njengesipho esivela koFakazi BakaJehova emgwaqweni. Kusukela ngalesosikhathi, ngiye ngaqala ukuhlola iBhayibheli futhi, futhi ngisho nakuba nginezinkinga eziningi kakhulu, sekukhona futhi onginikeza ithemba nenjabulo ekuphileni. Ngingajabula kakhulu uma ngingafunda incwadi ethi Ubusha Bakho​—⁠Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngingathanda futhi ukuthintana noFakazi BakaJehova.”

Esinye isivakashi sabhala: “Njengoba ngangidlula emhubheni ngiqonde esiteshini esiyinhloko eNuremberg, owesifazane wanginikeza omagazini bePhaphama! neNqabayokulinda. Ngahlabeka umxhwele lapho ngibafunda. Sekuyizinsukwana ngisebenzisa iBhayibheli nsuku zonke futhi.”

Imihlangano emikhulu yoFakazi BakaJehova yayiqhutshelwa emadolobheni amakhulu kuyo yonke iMpumalanga Yurophu phakathi nehlobo lika-1990. INkundla Yemidlalo iOlympia ezweni elaliyiNtshonalanga Berlin ngalesosikhathi kwakuyinkundla okwakuqhutshelwa kuyo omunye umhlangano owawuhanjelwe oFakazi abavela emazweni amaningi, kuhlanganise nempumalanga yeJalimane. Kulinganiselwa ukuthi kwabangu-44 532 ababekhona, abangu-30 000 babevela empumalanga yeJalimane. Iphephandaba iBerliner Morgenpost labika ukuthi oFakazi abasha abangu-⁠1 017 babhapathizwa echibini lokubhukuda leOlympic, becwiliswa ngokuphelele emanzini, inqubo “ababehlanganyela kuyo abanamathela ngayo ngokuseduze esibonelweni samaKristu akudala.”

Izinto ziye zashintsha kanjani empumalanga yeJalimane? NgoMarch 1990 amaphephandaba aseMpumalanga Jalimane amemezela ukuvunyelwa ngokomthetho koFakazi BakaJehova. Ngaphansi kwesihloko esithi “OFakazi BakaJehova Bavunyelwe Ngokomthetho Futhi,” iphephandaba laseMpumalanga Jalimane iMitteldeutsche Zeitung lathi: “UMarch 14 washo ukuphela kokuvinjelwa okwase kuneminyaka emine kukhona. Kulolusuku abameleli boFakazi BakaJehova baseJalimane bakwazile ukushiya isakhiwo seG[erman] D[emocratic] R[epublic] State Secretariat for Church Affairs nencwadi engokomthetho ekhukhwini labo evumela futhi umphakathi wabo wokholo ukuba uqhube inkolo ngokukhululekile phakathi kwemingcele yeGDR.”

Incwadi eyemukelwa ivela kuFakazi eLeipzig ngentwasahlobo edlule isilandisa ngalendaba: “Esontweni elilodwa elidlule sasisakuthola ngomshoshaphansi ukudla okungokomoya ngesilinganiso esincane. Manje [ngoMarch 14, 1990] siye saqashelwa ngokomthetho! Ngokushesha sizobe sithulula iloli elithwele amathani amane ezincwadi!” Eqinisweni, iloli lokuqala elaliya eMpumalanga Jalimane lalilayishwe amathani angu-25 ezincwadi zeBhayibheli, futhi phakathi nezinyanga ezimbili ezalandela, kwathunyelwa amanye amathani angu-250. Kwakunjalo ukulamba okungokomoya kwalaboFakazi ababencishwe inkululeko iminyaka engaphezu kwengu-⁠40!

Uma sikhumbula ukuthi kokubili ubuNazi (1933-45) nobuKhomanisi kwazama ukuwuqeda ngokuphelele umsebenzi woFakazi eJalimane, amanani abo amanje awubufakazi obuhle bobuqotho babo nesibusiso sikaNkulunkulu kubo.

OFakazi BakaJehova ESoviet Union

NgoDecember 1989, uMikhail Gorbachev wahlangana noPapa John Paul II eVatican. Iphephandaba laseSoviet iPravda labika uGorbachev ethi ngalengxoxo: “Sibe nenkulumo ejulile nenengqondo. . . . Sikhulume ngenkolo nangezinqubo ezihlangene nayo eziqhubekayo eYurophu, emhlabeni wonke, naseSoviet Union.” IL’Osservatore Romano, iphephandaba elingokomthetho laseVatican, labika ukuthi uMnu. Gorbachev wathi enkulumweni yakhe kupapa: “Abantu bezinkolo eziningi, kuhlanganise namaKristu, amaSulumane, amaJuda, amaBuddha nabanye, bahlala eSoviet Union. Bonke banelungelo lokwanelisa izidingo zabo ezingokomoya. Ngokushesha, uMthetho weNkululeko kaNembeza uzosetshenziswa ezweni lethu.”

Ngokuvumelana naleyonkulumo, ngoSeptember 1990 isigungu seSishaya-mthetho sagunya-​za umthetho ovumela inkululeko kanembeza. Ingxenye 3 yomthetho njengoba yakhishwa ithi: “Ngokuvumelana nelungelo lenkululeko kanembeza, zonke izakhamuzi ziyazinqumela uhlobo lwenkolo ezifuna ukuzihlanganisa nalo, zinelungelo lokuqhuba noma iyiphi inkolo ngokomuntu siqu noma ndawonye nabanye noma ukungabi ngowenkolo ethile kwanhlobo, ukubonisa nokusakaza izinkolelo ezihlobene nokuba kwaso ngesenkolo ethile.”

Kunezinkulungwane zoFakazi BakaJehova eSoviet Union ababheke phambili ekuqhubeni inkululeko yenkolo. (Bheka ikhasi 22.) EMihlanganweni “Yolimi Oluhlanzekile” ka-1990, izihambeli ezingaphezu kuka-17 000 ezazivela eSoviet Union zaba khona ezimisweni zesiRashiya eWarsaw zimelela bonke oFakazi abasakazeke kulo lonke elaseSoviet Union. Babheke phambili osukwini lapho kuyoba nokwenzeka khona ukuba nemihlangano emikhulu eSoviet Union.

Intuthuko EPoland

OFakazi BakaJehova bathola ukuqashelwa okungokomthetho ePoland ngoMay 1989. Kusukela ngalesosikhathi ihhovisi legatsha liye lamiswa, futhi izakhiwo ezandisiwe ziyakhiwa eduze kwaseWarsaw. Ngaphambili, amakhulu oFakazi abasebasha ayeboshiwe ngenxa yempikiswano yokungathathi-hlangothi kobuKristu. Manje bakhululiwe enkonzweni yezempi nasekujezisweni uma beveza isitifiketi esifanele.

Imihlangano eyaqhutshelwa ePoland ngo-1989 nango-1990 okunye okukhulu okwashukumisa oFakazi lapho. Umbiko uphawula ukuthi inani loFakazi abakhuthele ePoland liye lanyuka nyanga zonke phakathi nonyaka odlule, nenani elisha eliphakeme labangaphezu kuka-97 000. Akungabazeki ukuthi ngokushesha iPoland izoba yizwe le-12 elinoFakazi abangaphezu kuka-100 000.a Ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngoApril kwakungabantu abangu-188 861.

Inkululeko Engokwenkolo eRomania

OFakazi eRomania bavukwa amadlingozi ngokuzwa ukuthi inhlangano yabo yayiqashelwa ngokomthetho ngoApril 1990. (Bheka ibhokisi, ekhasini 13.) Ngokushesha imihlangano yesifunda yahlelwa kulo lonke lelozwe, futhi kolunye uchungechunge kwakukhona abangaphezu kuka-44 000, kanti kwakunoFakazi abangu-19-​000 kuphela kulelozwe ngalesosikhathi. Ngokuqinisekile abantu abaningi baseRomania bayasabela esigijimini soMbuso.

Imihlangano yesigodi, leyo emhlabeni wonke eyayinesihloko sika-1990 esithi “Ulimi Oluhlanzekile” yaqhutshelwa emadolobheni aseBrasov naseCluj-Napoca. Isimiso sanikezwa ngesiRomania nangesiHungary. Kwakunabangaphezu kuka-36 000, futhi kwabhapathizwa abangu-⁠1 445.

Kusukela kumagazini kaJanuary 1, 1991, INqabayokulinda yaqala ukukhishwa ngesiRomania ngombala ogqamile ngesikhathi esifanayo neyesiNgisi.

EBulgaria eseduze, lapho kugcwele khona inkolo yobuOrthodox baseMpumalanga, oFakazi abakaqashelwa ngokomthetho kodwa baqasha amakamelo ukuze baqhube imihlangano yabo yebandla. Abangaphezu kwamakhulu amabili batheleka eSalonika, eGrisi, ukuze bazothamela uMhlangano “Wolimi Oluhlanzekile” owawuqhutshwa ngesiBulgaria nangesiGriki.

Izindaba Ezinhle Ezivela EHungary

UJune 27, 1989, kwakuwusuku oluyingqopha-mlando koFakazi eHungary. Iphephandaba iMagyar Nemzet lamemezela: “IHhovisi LoMbuso Lezindaba ZamaSonto lamemezela inhlangano engokwenkolo yoFakazi BakaJehova eHungary njengenkolo eqashelwa ngokomthetho, ngokuvumelana nokukhishwa komthetho wenkululeko engokwenkolo.” Lezindaba zamenyezelwa emsakazweni nakuTV. Abantu baseHungary bezwa ukuthi ekugcineni amaJehova Tanúi (OFakazi BakaJehova) ayesethole ukuqashelwa okungokomthetho komsebenzi wawo.

Ukuze kuhlanganiswe izifunda eziyinhloko zalelozwe, iMihlangano “Yolimi Oluhlanzekile” yaqhutshelwa ePecs, eMiskolc, eDebrecen, naseBudapest. Abangu-⁠2 000 ababekhuluma isiHungary bafika bevela eCzechoslovakia naseSoviet Union. Ukuze kugcizelelwe ubunye bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova, iqembu lezihambeli ezivakashile ezingu-700 laba khona livela eFinland. Ingqikithi yababekhona eHungary yayingu-21-​568, kuhlanganise nezihambeli zaseRomania ezingaphezu kuka-⁠2 000.

Kusukela ngoJanuary 1990, oFakazi eHungary bebamukela omagazini babo njalo ngombala ogqamile, abahunyushwa bakhishwe ngesikhathi esifanayo nabesiNgisi okuwulimi lokuqala abahunyushwa besuselwa kulo.

Ukuqhubekela Phambili ECzechoslovakia

Kulelizwe elihle elinezintaba ezimazombezombe namathafa avundile, oFakazi BakaJehova bamatasa basiza omakhelwane babo ukuba bafunde okwengeziwe ngeBhayibheli. Umbiko ngomsebenzi wabo uthi: “Umsebenzi uqhutshwa obala, futhi imihlangano emikhulu iyaqhutshwa.”

Ngemva kwezinguquko ezinkulu eMpumalanga Yurophu ezaqala ngasekupheleni kuka-1989, oFakazi eCzechoslovakia basabela ngokushesha okukhulu futhi bahlela uchungechunge lwemihlangano yesifunda phakathi nezinyanga zika-April kuya kuJune 1990. Ngenxa yalokho, ngokokuqala ngqá, kwakunemibiko emihle yamaphephandaba eyayikhuluma ngoFakazi. Okwamanje, kunoFakazi abangaphezu kuka-21 000 eCzechoslovakia, futhi ngo-1990 kwakunabangu-40-​295 ababekhona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Amabandla angaphezu kwengxenye asenazo kakade izindawo eziqashwayo lapho engaqhubela khona imihlangano, futhi amabandla angu-12 anawo ngisho namaHholo oMbuso awo siqu.

Kwaqhutshwa umhlangano ePrague ngoAugust 1990, okwakukhona kuwo abangu-23-​876, nabangu-⁠1 824 ababhapathizwa. Ukuze inkundla yenziwe ifanelekele umhlangano, oFakazi abangaphezu kuka-9 500 basebenza ngokuzithandela amahora angaphezu kuka-58 000 ekuyihlanzeni nasekuyipendeni. Ummeleli weTV waseCzechoslovakia waphawula: “Siye savakashela imibuthano eminingi yomphakathi, kodwa siyazisa kakhulu inhlangano yenu lapha enkundleni. Asikukholelwa neze ukuthi kungokokuqala ngqá ukuba nihlele umhlangano onjena.” Esinye isivakashi sathi: “Ngiyasihlonipha isimo esingokomoya, ubudlelwano obujabulisayo, nothando phakathi kwabazalwane benu. Ngize njengomngane; ngihamba nginjengomkhulu ngisho nangokwengeziwe.”

Omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! bakhishwa ngombala ogqamile ngezilimi zesiCzech nesiSlovak, futhi INqabayokulinda iphuma ngesikhathi esifanayo neyesiNgisi ngazo zombili lezilimi. Lapho sicabanga ngesimo esicindezelayo sesikhathi esingaphezu konyaka nje esidlule, lezi izinguquko eziphawulekayo.

Amathemba Esikhathi Esizayo

Ayini amathemba ngoFakazi abashumayela emazweni lapho izizukulwane ezintsha ziye zakhuliswa ngenkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho? Umbiko uyaphawula: “Kunobumnyama obukhulu maqondana neBhayibheli noNkulunkulu. Nokho, okujabulisayo ukuthi abantu abadidwanga izimfundiso zenkolo zamanga okumelwe zisishulwe. Kubonakala sengathi ukuvuna kuyoba kukhulu.”

Ngakho, siyini isigijimi esivela eBhayibhelini oFakazi BakaJehova okumelwe basinikeze abantu baseMpumalanga Yurophu? Isihloko esilandelayo sizophendula.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye angu-11 iBrazil, iBrithani, iCanada, iFrance, iJalimane, i-Italy, iJapane, iMexico, iNigeria, iPhilippines, neUnited States.

[Ibhokisi ekhasini 8, 9]

Inkululeko Engokwenkolo Ekugcineni!

Okulandelayo ukukhulumela okuvela koFakazi abasezweni elaliyiMpumalanga Jalimane ababekhona eMhlanganweni “Wolimi Oluhlanzekile” eBerlin, ngoJuly 1990.

“Igama lami nginguLydia. Ngineminyaka eyisishiyagalombili ubudala, futhi ngivela eGDR [German Democratic Republic]. Ngijabula kakhulu ngokuba kulomhlangano wesigodi ngoba onyakeni odlule, imingcele yayivaliwe. Kwakudingeka ukuba sigubhe iSikhumbuzo ngasese. Manje sikhululekile! Lapho wonke umuntu eqala ukucula, kwehla izinyembezi. Ngijabule kakhulu kangangokuthi ngeke ngingakwazi ukuxoxa ngakho esikoleni!”

“Sigcwele ukubonga nokwazisa ngokuba izimenywa zikaJehova lapha eBerlin phakathi kobuzalwane bezizwe zonke.”​—⁠UBernd.

“Ukuthi abazalwane baseGDR nabo babesesimisweni kuveza isici esikhethekile: UJehova uqeqesha futhi enze abantu bakhe bafaneleke ngisho nalapho bengaphansi kokuvinjelwa.”​—⁠UGottfried.

“Ihlombe kanye nokuhlabelela kwakubonisa ukuthi wonke umuntu wayejabule. Kwakuwumsindo ohlokomayo owawenza umuntu abe nomuzwa ojulile nonamandla ngaphakathi. Yeka indlela uJehova okumelwe ukuba wajabula ngayo!”​—⁠UEgon.

“Ngemva kokubhapathizwa kwami abanye babazalwane babuza ukuthi amanzi ayebanda kakhulu yini. Ngangivele ngibaphendule ngokuthi angazi. Isibusiso sikaJehova sasifudumele kangangokuthi angiliqaphelanga neze izinga lokubanda kwamanzi.”​—⁠UHeidrun.

“Isimo ezindaweni zokulala ezilalisa abantu abaningana sasingachazeki! Sivela eDenmark, eMozambique, eNgilandi, eCalifornia, eningizimu yeJalimane, eSpain, eGDR​—⁠sonke sahlabelela ndawonye, sonke sasikhuluma ‘ulimi oluhlanzekile.’”​—⁠UJutta.

“Njalo sasilandisa abantwana bethu izinto esasizikhumbula zemihlangano yaseBerlin yawo-1958 nawo-1960, eyokugcina esakwazi ukuba khona kuyo. Kodwa esasikubona manje kwakukwedlula kude konke esasikukhumbula nalokho esasikulindele.”​—⁠UWolfgang.

“Okwasihlaba umxhwele kakhulu kwakuyilapho izinkulungwane zisukuma ukuze zihlabelele futhi zidumise uJehova, ikakhulukazi phakathi nengoma yokuphetha nomthandazo. Sasingenakuzivimba izinyembezi zethu.”​—⁠UMonika noReinhard.

[Ibhokisi ekhasini 13]

“Ukwahlulela Ngokungalungi Kwalungiswa”

Ngaphansi kwalesosihloko kwabikwa indatshana eyayisezindabeni ephephabhukwini laseRomania iTineretul liber (Intsha Ekhululekile) ka-August 11, 1990. Yathi: “Yebo, ukwahlulela ngokungalungi kwalungiswa. Inhlangano engokwenkolo ezondwa kakhulu ‘yoFakazi BakaJehova,’ abaye bagcina ubuqotho babo njengabalandeli bakaKristu eminyakeni engaphezu kuka-40, baye baqashelwa ngokomthetho, bethola incwadi ebagunyaza ngokomthetho. Lenhlangano iqhuba umsebenzi wayo ngaphansi kokuqondisa nokugunyaza kweNdikimba Ebusayo, njengenhlangano yomhlaba wonke, ekhuthele emazweni angu-210 nasezindaweni eziyiziqhingi.” Lendatshana yaphetha ngokumemezela imihlangano yangoAugust eBrasov naseCluj-Napoca.

[Izithombe ekhasini 9]

Imisebenzi yasemhlanganweni: (kusukela ngezansi kwesobunxele, kukhuphuke njalo kuye ngakwesokudla) ukwethulwa kwencwajana entsha eWarsaw; amapulatifomu olimini lwesiHungary nesiRomania, eBudapest; ukubhala amaphuzu, eBerlin; ukulungiswa kwenkundla ngaphambi komhlangano, ePrague

[Izithombe ekhasini 10]

Imisebenzi yasemhlanganweni: (kusukela kwesobunxele, kukhuphuke njalo kuye ngakwesokudla) ubhapathizo, eRomania; inkundla yezemidlalo, ePrague; umkhaya uphethe incwadi ethi “Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu” eBerlin; isikhulumi eBudapest; ukuhlola iBhayibheli ePoland

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela