Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 12/22 k. 4-k. 7 isig. 3
  • Ukwanda Okuphawulekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwanda Okuphawulekayo
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwanda Eminyakeni Yangaphambili
  • Baphikiswa, Kodwa Ukwanda Kwaqhubeka
  • Phakathi Nangaphandle Kwamajele
  • Izihambeli Zomhlangano Ezijabulayo
  • Lapho Ukuhlasela KwabaseSoviet Kwakugxile Khona
    I-Phaphama!—2001
  • Bajabula EMpumalanga Yurophu
    I-Phaphama!—1991
  • OFakazi BakaJehova EMpumalanga Yurophu
    I-Phaphama!—1991
  • Bamangala Ngalokho Abakubona
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 12/22 k. 4-k. 7 isig. 3

Ukwanda Okuphawulekayo

OFAKAZI BAKAJEHOVA abakaze babe usongo emagunyeni ezombangazwe amazwe abahlala kuwo, futhi lokhu kuyaqashelwa manje. Lapho likhuluma ngomunye wemihlangano yesigodi yalelihlobo eSoviet Union, iphephandaba iKrasnoyarskiy Komsomolets laphawula: “Abantu abacabangayo bezwe lethu ekugcineni baqaphela ukuthi abantu bakaJehova abawusongeli nganoma iyiphi indlela umthetho nokuhleleka komphakathi.”

Ngokufanayo, iphephandaba laseSoviet iVostochno-Sibirskaya Pravda labika: “Njengoba inhlangano yoFakazi BakaJehova ingokwenkolo kuphela, ayihlanganyeli ezingxabanweni zezombangazwe futhi ayikhuthazi amalungu ayo ukuba asekele noma imuphi umbuso wezombangazwe, kodwa isekela igunya leBhayibheli noMlobi walo, uJehova uNkulunkulu.”

Ukwanda Eminyakeni Yangaphambili

Emashumini amaningi eminyaka oFakazi BakaJehova bebelokhu bekhuthele eMpumalanga Yurophu. Kakade ngasekupheleni kwawo-1930, iRomania yayisinabangaphezu kwezinkulungwane ezimbili zabo, iPoland inenkulungwane, futhi iCzechoslovakia neHungary zinamakhulu, futhi iYugoslavia yayinabaningana babo. Nakuba lonke elaseSoviet Union lalinenani elincane kakhulu, lokhu kwashintsha ngokuphazima kweso.

UWalter Kolarz, isazi sezindaba zaseSoviet, encwadini yakhe ethi Religion in the Soviet Union wathi abanye oFakazi bangena eRussia “ngezifunda ezazinqotshwe iSoviet Union ngo-1939-40, lapho kwakunamaqembu amancane khona kodwa akhuthele kakhulu oFakazi BakaJehova.” Ngaleyondlela, oFakazi abahlala ezingxenyeni ezisempumalanga zePoland, iCzechoslovakia, neRomania ngokungazelele, njengokungathi ngokuphazima kweso, bazithola bethuthela eSoviet Union!

Enye indlela ephawulekayo oFakazi BakaJehova abangena ngayo eSoviet Union kwakungamakamu okuhlushwa eJalimane. Kanjani? Nokho, phakathi neMpi Yezwe II, iziboshwa zaseRussia zazithola zikulamakamu kanye nezinkulungwane zoFakazi baseJalimane. LamaJalimane ayegqunywe emakamu ngenxa yokuthi alondoloza ukuma okuwujuqu kokungathathi-hlangothi kobuKristu. (Johane 17:​16; 18:​36) Akhetha ukuhlupheka nokufa kunokuba eqe imithetho kaNkulunkulu ngokuzihlanganisa namabutho kaHitler futhi ngaleyondlela abe necala lokubulala amaKristu akanye nawo kwamanye amazwe noma elokubulala nje nanoma ubani omunye.​—⁠1 Johane 3:​10-⁠12.

Ngakho, njengoba uKolarz abhala, “amakamu okuhlushwa amaJalimane, nakuba kungase kuzwakale kungakholeki, angomunye umzila isigijimi soFakazi BakaJehova eseza ngawo eRussia. Salethwa lapho iziboshwa zaseRussia eJalimane ezaziye zaqaphela isibindi nokugxila ‘koFakazi’ futhi cishe ngalesosizathu zathola imfundiso yabo ikhanga.” Ekamu labesifazane laseRavensbrück lilodwa, intsha eniningi yaseRussia kwabikwa ukuthi yayamukele isigijimi seBhayibheli esimenyezelwa oFakazi BakaJehova.

Ngemva kwempi, iziboshwa ezazivela emazweni aseMpumalanga Yurophu ezazingoFakazi BakaJehova zaphindela emazweni enkaba yazo. Zafundisa ngentshiseko ngokuthi ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kuwukuphela kwethemba lokuthula okuhlala njalo. Ngaleyondlela, inani loFakazi eMpumalanga Yurophu landa ngokuphawulekayo. NgoApril 1946, kwase kunabangaphezu kwezinkulungwane ezine abashumayelayo eSoviet Union, futhi ngokushesha lelinani laphindeka kabili. NgoSeptember 1946, oFakazi eRomania baba nomhlangano eBucharest owawunabantu abacishe babe ngu-15 000.

Ngokushesha ngemva kwalokho kwaqala iMpi Yomshoshaphansi, futhi lokhu kwanqamula izindlela zokuhamba nezokuxhumana phakathi kweMpumalanga Yurophu neNtshonalanga. Ngaphezu kwalokho, imibuso emisha eyayibusa yaqala ukumelana noFakazi BakaJehova. Ngokudabukisayo, yayibheka oFakazi njengosongo, futhi abaningi bafakwa emajele. Naphezu kwalokhu, ngo-1951, iCzechoslovakia yase inoFakazi abakhuthele abangu-3 705; iHungary inabangu-2 583; iYugoslavia inabangu-617; futhi iPoland inabangaphezu kuka-15 000.

Baphikiswa, Kodwa Ukwanda Kwaqhubeka

Ngo-1967, uMaurice Hindus wabhala ngoFakazi BakaJehova encwadini yakhe ethi The Kremlin’s Human Dilemma. Lokho akusho kwakubhekisela koFakazi eSoviet Union kanye nakwezinye izingxenye eMpumalanga Yurophu. “Nakuba besebenza ngomshoshaphansi, bayazingelwa futhi banikezwa izigwebo eziqinile zasejele. Kodwa akukho okubavimbelayo. Lapho becindezelwa kwenye indawo, baqubuka kwenye . . . Babonakala bengenakubhujiswa njengamaphoyisa eSoviet.”

Ngentwasahlobo ka-1951, oFakazi BakaJehova eSoviet Union bathola igalelo elibuhlungu. Abangaphezu kwezinkulungwane eziyisikhombisa babo emariphabhuliki eSoviet aseYurophu baboshwa futhi bayiswa amakamu angamajele ezingxenyeni ezikude zezwe, kuhlanganise naseSiberia kanye naseVorkuta, emajukujukwini enyakatho. Waba yini umphumela?

“Lokhu kwakungekhona ukuphela ‘koFakazi’ eRussia,” kuphawula uKolarz, “kodwa kwakumane nje kuyisiqalo sokugaya ngomunye umhlathi emisebenzini yabo yobuproselithe. Bazama futhi nokusakaza ukholo lwabo lapho bemi eziteshini besendleleni beyiswa ekudingisweni. Ngokubadingisa uHulumeni waseSoviet awuzange uphumelele ekuhlakazeni ukholo lwabo. Bekhishwa emizaneni engayodwa ababehlala kuyo ‘oFakazi’ balethwa ezweni elibanzi ngokwengeziwe, ngisho nakuba leli kwakuyizwe elisabekayo lamakamu okuhlushwa nawokusebenza njengezigqila.”

Phakathi Nangaphandle Kwamajele

Njengoba amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka aqhubeka eshumayela ngokungayeki lapho eshushiswa, benza kanjalo oFakazi BakaJehova eSoviet Union. (IzEnzo 5:​42) UHelene Celmina, owaseLatvia owayeboshelwe lokho okwakucatshangwa ukuthi ubugebengu, uthi engxenyeni yekamu lokujezisa lasePotma lapho ayegqunywe khona kusukela ngo-1962 kuya ku-1966, kwakunezinye iziboshwa ezingu-350. “Cishe ingxenye yazo,” esho, “yayingoFakazi BakaJehova.” Encwadini yakhe ethi Women in Soviet Prisons, uCelmina wabhala ngalokho akubona ekamu:

“Izincwadi ezivela eBrooklyn zifika njalo, zisesimweni esihle futhi ziziningi ngemizila engekho emthethweni nehlelwe kahle . . . Akekho owayengaqonda ukuthi lelizwe locingo oluhlabayo nelinokuxhumana kwabantu okulinganiselwe lalingangenwa kanjani yizincwadi ezinqatshelwe​—⁠futhi ezazivela eUnited States nokwenza! OFakazi BakaJehova abaningi bagwetshwa iminyaka eyishumi yokusebenza kanzima ngenxa nje yokuba nomagazini abambalwa beNqabayokulinda ezindlini zabo. Njengoba abantu beboshelwa ukuba nalezinto ezibhaliwe, ukukhathazeka nokuthukuthela kwabaphethe ngokuba khona kwalezincwadi ekamu kuyaqondakala.”

Ngosizo lukaJehova, akukho okwakungavimbela ukusakazwa kwalokhu kudla okungokomoya! UCelmina waphawula: “Akekho oke wathola ukuthi [INqabayokulinda] ingena kanjani ekamu. Phela, ngemva kokuboshwa, yileso nalesosiboshwa sikhunyulwa sibe-ze bese siseshwa ngokuphelele. Lapho sifika ekamu isiboshwa ngasinye siseshwa ngokuphelele futhi, ngisho nangokucophelela okukhulu. Amapotimende ayaseshwa ukuze kutholakale ukuthi awanayo yini enye ingxenye efihlekile esesinqeni. Akekho ongaziwa ovunyelwa ukungena ekamu ngaphandle kwesizathu esihle. Lapho iziboshwa zikhishwa ekamu ukuze ziyokwenza umsebenzi emasimini, zizungezwa onogada abahlomile futhi asikho esivunyelwa ukuba sisondele kubo. Ukuseshwa okuphelele kwesiboshwa ngasinye kuyenziwa lapho ziphindela ekamu kusihlwa. Kodwa naphezu kwalokhu kuqaphisisa, izincwadi zaseBrooklyn ziyafinyelela kubafundi bazo.”

Ngesikhathi esifanayo, amaKristu anentshiseko ngaphandle kwamakamu okuhlushwa aseSoviet aphikelela emisebenzini yawo yokushumayela obala nokufundisa. Lokhu kwafakazelwa izincwadi namabhayisikobho okwakwenziwe ngomzamo wokubhuntshisa inkonzo yabo. Ngokwesibonelo, ngo-1978 kwanyatheliswa incwadi ethi The Truths About Jehovah’s Witnesses, njengoba kwakuchazwa esethulweni sayo, ngenjongo “yokuqhuba imfundo yokukholelwa ekutheni uNkulunkulu akekho phakathi kwabalandeli balenhlangano engokwenkolo.”

Umlobi, uV. V. Konik, phakathi kokunye waveza ukuthi oFakazi BakaJehova banikeza izinkulumo zeningi kaningi emingcwabeni yabo nasemishadweni. “Ngokwesibonelo,” ebhala, “ngoAugust 1973, emzaneni waseKrasnaya Polyana, esifundeni saseKrasnodarskiy, kwakunomshado wamalungu amabili alenhlangano, owawunabantu abacishe babe ngu-500. Abashumayeli abayisithupha babanikeza izinkulumo, futhi izinkulumo zabo zazidluliselwa ngemibhobho emibili. Khona-ke kwadlalwa idrama ukuze kuboniswe indlela oFakazi BakaJehova abaxoxa ngayo nabantu bezinye izinkolo kanye nabantu abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu.”

Yebo, naphezu kokuvinjelwa komsebenzi wabo, oFakazi BakaJehova kulo lonke elaseMpumalanga Yurophu baqhubeka ngentshiseko beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu belalela umyalo kaKristu ongokwesiprofetho. (Mathewu 24:​14) Ekugcineni, ngoMay nangoJune 1989, oFakazi BakaJehova bavunyelwa ngokomthetho ePoland naseHungary, ngoApril 1990 bavunyelwa eRomania, ngoMarch 1991 eSoviet Union, kanye naseBulgaria ngoJuly 1991. Futhi umsebenzi wabo wenziwa ngaphandle kokuphazanyiswa eCzechoslovakia.

Izihambeli Zomhlangano Ezijabulayo

Unalokhu kwaziswa, mhlawumbe ungasiqonda kangcono isizathu sokuba amashumi ezinkulungwane ezihambeli zemihlangano yaseMpumalanga Yurophu akujabulela​—⁠ukukhala, ukwanga, ukushaya ihlombe, nokuvayizelana izandla ezinkundleni.

IBudapest, iPrague, neZagreb kwamiswa ‘njengemihlangano yesigodi yezizwe zonke,’ futhi kwenziwa amalungiselelo akhethekile ukuze kuhlaliswe amashumi ezinkulungwane zezihambeli ezivela kwamanye amazwe. ESoviet Union, imihlangano yesigodi yaqhutshwa emadolobheni ayisikhombisa kwaba nabangu-74 252; iPoland yayinabangu-131 554 emihlanganweni yayo yesigodi engu-12; futhi abangu-34 808 baba khona emihlanganweni yesigodi engu-⁠8 eRomania. Nakuba oFakazi bengakwazanga ukuqhuba umhlangano eBulgaria, cishe abangamakhulu amathathu abavela lapho banqamula umngcele baya eThessalonica, eGreece, lapho bajabulela khona isimiso ngolimi lwabo.

KoFakazi baseMpumalanga Yurophu ukulungiselela nokungenisa izinkulungwane eziningi zezihambeli kwakungeyona indaba elula. Cabanga ngakho: ESoviet Union, akukaze kuqhutshwe imihlangano enjalo yesigodi ngaphambili! Futhi ukubungaza amashumi ezinkulungwane zezihambeli, njengoba kwenza oFakazi eBudapest nasePrague, kwakuwumsebenzi omkhulu ngokungakholeki. Ngaphezu kwalokho, ake ucabange ngokuqhuba umhlangano eZagreb lapho usongo lwempi yangaphakathi lwalusondela futhi ukuqhuma kuzwiwa buqamama!

Ngokuqinisekile, kuyokuhlaba umxhwele ukufunda umbiko olandelayo ngalemihlangano.

[Amabalazwe ekhasini 7]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IZINDAWO ZEMIHLANGANO YESIGODI EMITHATHU YEZIZWE ZONKE NALAPHO IMIHLANGANO YESIGODI EYISIKHOMBISA YAYIKHONA ESOVIET UNION

ISOVIET UNION

ITALLINN

IKIEV

ILVOV

ICHERNOVTSY

IODESSA

IPOLAND

IJALIMANE

ICZECHOSLOVAKIA

IPRAGUE

IAUSTRIA

IHUNGARY

IBUDAPEST

IROMANIA

IYUGOSLAVIA

IZAGREB

IBULGARIA

IALBANIA

I-ITALY

IGREECE

ITURKEY

[Ibalazwe]

ISOVIET UNION

IALMA-ATA

IUSOLYE-SIBIRSKOYE

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela