Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 1/22 k. 28
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uzisholo Ukuthi UnguMesiya
  • Inkokhelo Ebulalayo Yokubhema
  • Impi Engapheli
  • Usizo Komama Abasebenzayo
  • Omaye Bamanzi
  • Umthetho Omusha Wezindiza
  • Izingane Nengculaza
  • Abagawuli Bezingodo Ngaphansi Kwamanzi
  • Ukwanda Okukhulu Kwepulasitiki
  • Ukukhathalela Ukulondeka Kunemivuzo
  • Abantu Abane-AIDS—Bangaki Abangase Bafe?
    I-Phaphama!—1988
  • Ingculaza—Ukubulala Kwayo Izingane Ngokudabukisayo
    I-Phaphama!—1991
  • Ingculaza—Ingabe Ngisengozini?
    I-Phaphama!—1993
  • Kungani I-AIDS Iye Yanda Kangaka?
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 1/22 k. 28

Ukubuka Okwezwe

Uzisholo Ukuthi UnguMesiya

“Sekuyisikhathi eside iSonto Lobunye likuMoon lifundisa amalungu alo ukuthi umprofethi walo ongumsunguli owazalelwa eKorea wayenguMesiya wesibili odingekayo ngoba uJesu wahluleka ukuqeda ukuthunywa kwakhe eMhlabeni.” kuphawula iLos Angeles Times. Kodwa manje, ekumemezeleni kwakhe kokuqala leyomfundiso eningini, “uSun Myung Moon uye watshela ingqungquthela yenkolo ukuthi unguMesiya.” Uphawula ukuthi izwe lidinga uMesiya ukuze lizikhulule ethonyeni likaSathane, uMoon wathi: “Ngibizwe uNkulunkulu ukuba ngisize ekufezeni yona kanye lenjongo.” Lamazwi, ashiwo ngaphambi koMhlangano wakhe Wezinkolo Zezwe osekelwa amasonto, ecasula abalandeli abaningana.

Inkokhelo Ebulalayo Yokubhema

Izihambeli ezingu-10 000 zaba khona eNgqungqutheleni Yomdlavuza Yomhlaba Wonke eHamburg, eNtshonalanga Jalimane, ngo-August 1990. Njengoba kwabikwa ephephandabeni laseJalimane Frankfurter Allgemeine Zeitung, zezwa usihlalo wengqungquthela ethi: “Phakathi namashumi eminyaka amaningana inani lokufa okuhlobene nokubhema emhlabeni wonke kunengqikithi yalabo abaye bafa kuzo zonke izimpi zihlangene.” Nakuba izihambeli zazihambisana nezinyathelo zokuncishiswa kokusetshenziswa kukagwayi, odokotela abaningi abelapha umdlavuza babebonakala benyenyela ngaphandle ukuze bayobhema.

Impi Engapheli

Umlimi waseAustralia ezweni laseVictoria wethula onogwaja kulelozwekazi ngo-1859 lapho ededela abangu-12 babo endaweni yakhe ngenjongo yokubasebenzisa ekudubuleni izilwane. Ngawo-1950 inani lonogwaja lase lifinyelele ezigidini ezingu-600! “Bahlafuna izimbewu zezihlahla ezimila kulendawo futhi baqedela izimvu nezilwane zalendawo utshani emqhudelwaneni wokudla utshani, izihlahlana nokhula . . . futhi babangele ukukhukhuleka kwenhlabathi okukhulu.” kusho iSun-Herald yaseSydney. Ngakho igciwane—elibulalayo konogwaja lasungulwa, elisakazwa ngokuyihloko omiyane nezimbungulu zaseFrance. Nakuba kunempumelelo ebabazekayo ekuqaleni, ukwehluleka kwaleligciwane kwaqala, futhi inani onogwaja liye laphinda lafinyelela ezigidini ezingaphezu kuka-200. Manje kuhlelwa ukuba kulethwe enkundleni izimbungulu zaseSpain ukuze zisakaze leligciwane ezindaweni ezome kakhulu ukuba zingafinyelelwa omiyane noma izimpukane zaseFrance, nokwakha uhlobo olunamandla ngokwengeziwe lwemyxomatosis ukuze ziluthwale. Leliphephandaba liphawula ukuthi onogwaja “bazala izikhathi ezifinyelela kweziyishumi ngonyaka, insikazi evamile izala abantwana abalinganiselwa ku-25-30.”

Usizo Komama Abasebenzayo

Inkampane yezimemezelo zokukhangisa eduze naseRegensburg, eJalimane, iye yafinyelela ikhambi elinozwela enkingeni yomama abasebenzayo abangakwazi ukuthola umuntu wokugada izingane zabo phakathi nosuku. “Sebenzani ingxenye yosuku futhi nize nabantwana benu,” imenenja yefemu yatshela abaqashwa abanjalo, ngokusho kwephephandaba Nürnberger Nachrichten. Imenenja ithi:: Sisetshenziselwa ikakhulukazi abesifazane, futhi izisebenzi ezikahle zimbalwa futhi azitholakali kalula kwezezimemezelo zokukhangisa. Ngakho ngizimisele ukungalahlekelwa izisebenzi zami.” “Njengoba kungase kulindelwe, ihhovisi elinezingane ezinhlanu noma eziyisithupha ezehla zenyuka lingase lingakwenzi ngaso sonke isikhathi kube lula ukusebenza, kodwa omama abasebenzayo bazithola bekhuthazekile, bekushisekela kakhulu ukuthokozisa ifemu eye yenza umzamo ongako ukuze yanelise izidingo zabo, futhi abaphazamiseki ngaphezu kwalokho obekungaba yikho ukuba bebesebenzela ekhaya. Umama osebenzayo ongashadile onabantwana abathathu uthi: “Ayikho enye indlela ebengingase ngikwazi ngayo ukusebenza.”

Omaye Bamanzi

“Okwamanje, amazwe akulungele ukuya empini ngenxa kawoyela, kodwa esikhathini esiseduze esizayo, amanzi angase abe imbangela yempi elwiwa ngezikhali,” kusho umagazini iTime. “lzakhamuzi ezingabantu zidlula ubungako bamanzi acwebile nanambithekayo alinganiselwe. Isintu sifaka ushevu futhi siqeda loluketshezi olusekela konke ukuphila.” Nakuba ukuntuleka kwamanzi kungase kubonakale kumangalisa kuyiplanethi lapho amaphesenti angu-70 obuso bomhlaba embozwe khona ngamanzi, kumelwe kukhunjulwe ukuthi amaphesenti angu-98 alawomanzi anosawoti futhi awakufanelekeli ukuphuzwa noma ukunisela. Ukuntuleka kwamanzi anambithekayo, ahlanzekile akusongeli nje kuphela impilo, intuthuko engokomnotho, nazo zonke izinto eziphilayo zasendle, kodwa kwenza ukuba indlala ibe nokwenzeka kakhulu kunanini ngaphambi unyaka nonyaka. Amalungiselelo okudonsa amanzi kweminye imithombo ngokuvamile aletha imiphumela engathandeki. “Izwe lifunda ukuthi lilinganiselwe ikhono lomuntu lokudonsa amanzi ayiswe kwenye indawo ngaphandle kokuphazamisa ngokungathi sina isimiso esingokwemvelo.” kusho iTime. Nokho, amanzi angandiswa kakhulu ngokumane nje kuncishiswe ukulahleka kwawo. Kulinganiselwa ukuthi, emhlabeni wonke, kusukela kumaphesenti angu-65 kuya kwangu-70 amanzi atholakalayo ayalahleka ngenxa yokuvuza, ukuhwamuka, kanye nangezinye izindlela ezingadingeki.

Umthetho Omusha Wezindiza

Imithetho yombuso waseUnited States manje idinga ukuba bonke abantu abahlezi ezihlalweni eziseduze nomnyango wendiza babe abaphile kahle ngokomzimba, abakwaziyo ukufunda nokukhuluma isiNgisi, futhi abakwaziyo ukusiza ekuphumeni endizeni lapho kuvela ingozi. Izihlalo ezinjalo azinakunikezwa abantu ababuthaka, abakhubazekile (kuhlanganise nezithulu nezimpumputhe). nabangaphansi kweminyaka engu-16 ubudala nalabo abakhulelwe noma abanabantwana abancane. Abagibeli abahlala ezihlalweni ezingasemnyango bayokhethwa esangweni futhi batshelwe ngemithwalo yabo yemfanelo kodwa kuyoba kubo ukwenqaba lesabelo nokuhlala kwesinye isihlalo. Kuyonikezwa futhi iziyalezo ezikhethekile kulabantu abayohlala ezihlalweni ezingasemnyango. Izinkampane zezindiza eziningi zihlela ukugcwalisa lezozihlalo ngabaqashwa bazo abahamba mahhala ngezindaba zomuntu siqu noma zebhizinisi, njengoba ngokuvamile benikezwa ukuqeqeshwa okukhethekile ngezindlela zokulondeka. Lomthetho omusha wahlongozwa ngemva kokuba ukuhlolwa kokuphahlazeka kwezindiza kubonise ukuthi ukungakwazi ukuphuma ngokushesha endizeni kwakuyimbangela yokunye ukufa.

Izingane Nengculaza

Embikweni wayo wokuqala ngomphumela wengculaza kubantwana, iNhlangano Yezwe Yezempilo yathi leligciwane ligadla abantwana abaningi ngokwengeziwe kunokuba bekucatshangwa ngaphambiii nokuthi abantwana abayizigidi eziyishumi cishe bayobe bengenwe yilo ngonyaka ka-2000. “Abaningi kakhulu balaba bayobe sebenayo kakade ingculaza futhi befile ngonyaka ka-2000,” kusho uDkt. Michael Merson, umqondisi womkhankaso wokuvimbela ingculaza emhlabeni wonke walenhlangano. Okwatholwa kwaveza futhi ukubukezwa kokunyuka kokungenwa ngokuphelele iHIV ngalowonyaka. inyukela ezehlakalweni ezicishe zibe yizigidi ezingu-25 kuya kwezingu-30. Abantwana abazalwa abesifazane abanalo balahlekelwa ngezindlela ezimbili: Amathuba awukuthi amaphesenti angu-30 ayoba naleligciwane ngokwawo, kuyilapho amaphesenti angu-70 asele ebhekene nokuba nokwenzeka kokuba izintandane ngenxa yokubulawa kwabazali bawo ingculaza.

Abagawuli Bezingodo Ngaphansi Kwamanzi

Ukuhlaselwa izikhukhula kwezinkulungwane zamakhilomitha-skwele ehlathi lemvula eBrazil kuye kwaphumela embonini entsha engajwayelekile: ukugawula izingodo ngaphansi kwamanzi. Izigidi zeziqu ezimpunga, ezingenamahlamvu, ezilunguze ngaphandle kwechibi elakheka lapho kwakhiwa idamu elikhulu lokuphehla ugesi ngawo-1980, zakhanga iso likaJuárez Cristiano Gomes. elinesithakazelo kwezebhizinisi. Wasungula isaha likagesi elisebenza ngaphansi kwamanzi futhi wabumba inkampane yokutheza izinkuni. Abatshuzi behlela ekujuleni okufinyelela kumamitha angu-50 namapayipi omoya ukuze bagawule imithi. Abagawuli bezingodo ngaphansi kwamanzi abekho engozini yemithi ewayo, njengoba imithi eminingi “iwela” phezu kwamanzi, ilungele ukuntantela emishinini esahayo esosebeni lwamanzi. Kodwa kunezinye izingozi okumelwe ziqashelwe. Ngonyaka odlule umtshuzi walunywa inhlanzi.

Ukwanda Okukhulu Kwepulasitiki

“Eminyakeni engamashumi ayisithupha edlule kwakungekho lutho ezindlini zabantu olwalenziwe ngopulasitiki.” kusho iAsiaweek. “Namuhla opulasitiki bezinhlobo eziningi bakuwo wonke amakamelo.” Emhlabeni wonke, bayimboni engenisa amarandi angu-520 000 000 000. Ukusetshenziswa kwabo kakhulu, okungamaphesenti angu-30, kungokokuphatha, okuhlanganisa amabhodlela nezikhwama. Okwesibili, ukusetshenziswa kwabo ezintweni zokwakha kungamaphesenti alinganiselwa ku-20. Nakuba besetshenziswa kakhulu futhi beshibhile, opulasitiki banayo imiphumela engathandeki ekulahlweni: Uma beshiswa, bakhipha izingcolisi eziyingozi; uma belahlwa, bahlala “beyizinto ezingaboli emhlabathini.” Nakuba ukubasebenzisa kabusha kungase kuyixazulule lenkinga, ukubaqoqa nokubalungisa kwazibonakalisa kubiza kakhulu.

Ukukhathalela Ukulondeka Kunemivuzo

Isilinganiso sokufa ngenxa yezingozi kuye kwehla ngamaphesenti angu-21 eUnited States phakathi neshumi leminyaka elidlule, ngokwamanani akhishwa Umkhandlu Wokulondeka Wezwe Lonke, okwenza ukuba lelishumi leminyaka libe elivelele kakhulu ekuvikelweni kwezingozi kunakunoma yiliphi elinye ikhulu leminyaka. Ngokwesibonelo, kwakunokwehla ngamaphesenti angu-20 esilinganisweni sabafa ezingozini zezimoto. Izingozi ezihlobene nemisebenzi zehla ngamaphesenti angu-29. Izingozi zomphakathi, njengokuphahlazeka kwezindiza nokuminza, zehla ngamaphesenti angu-22. Futhi izingozi zasekhaya, kuhlanganise ukuwa, imililo, nokungenwa ushevu, zehla ngamaphesenti angu-16; lokhu bekuyoba ngcono kakhulu ukuba ukusetshenziswa ngokweqile kwezidakamizwa ngengozi bekungazange kubonise ukwanda okuphawulekayo. Intuthuko ekunciphiseni izingozi, eziyimbangela yesine yokufa elandela isifo senhliziyo, umdlavuza, nokufa uhlangothi, kuthiwa kubangelwe imithetho nokulawulwa ethuthukisiwe, izimo zengqondo ezishintshile, kanye nemikhankaso yezokulondeka.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela