Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 2/8 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingane Ezingu-40 000 Nsuku Zonke
  • “Kufana Nombhalo Ongasho Lutho”
  • “Ukuzivikela Kosuku Lwanamuhla”
  • Ukukhula Okungajatshulelwa
  • UMesiya Wamanga
  • Izingane Zasemgwaqweni
  • Ababulali Bakumatropiki
  • Ukwabiwa Okungalingani
  • Izingane Ezicindezelekile
  • Izindaba Zabaphuzi Bekhofi
  • Izingane Zisosizini
    I-Phaphama!—1992
  • Izingane Ezingenamakhaya—Ubani Okumelwe Asolwe?
    I-Phaphama!—1990
  • Izingane—Amagugu Noma Imithwalo?
    I-Phaphama!—1993
  • Inkinga Yekhofi
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 2/8 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Izingane Ezingu-40 000 Nsuku Zonke

NgokweInternational Herald Tribune yaseParis yansuku zonke, umqondisi weUNICEF [United Nations Children’s Fund (ISikhwama Sezingane SeZizwe Ezihlangene)] waphawula: “Ayikho indlala, akukho ukomisa, ayikho inhlekelele engokwemvelo eyake yabulala izingane ezingu-40 000 ngosuku olulodwa, nokho izifo ezivikelekayo nokungondleki kahle kubulala eziningi kangako zonke izinsuku​—⁠ngokungadingekile.” Libika ngoMhlangano Wabantwana Kazwe-Lonke Wezikhulu ZeUNICEF, leliphephandaba lanezela ukuthi lenkinga ngokwengxenye ivela esimweni sengqondo esivamile sokuthi emazweni asathuthuka ukugula okunjalo kobuntwana nokufa “kungokuvamile futhi akunakugwenywa.” Injongo yalomhlangano wezikhulu yayiwukuzama ukuthuthukisa izimo zabantwana abayizigidi ezingu-⁠1 500 okulindeleke ukuba bazalwe phakathi neminyaka eyishumi ezayo. NgokweTribune, lokhu “kuyisizukulwane esikhulu kakhulu sabantwana esake saphathiswa isintu.”

“Kufana Nombhalo Ongasho Lutho”

NgokweDiario Las Américas, iphephandaba lolimi lweSipanishi elakhishwa eMiami, eFlorida, eU.S.A., uhulumeni waseMexico usumise uhlelo lokumelana nokubhema olwenqabela ukubhema ezindaweni zomphakathi. Lesinyathelo, esihloselwe ukuvikela abangabhemi, siyala ukuthi ezindaweni zomphakathi ukubhema kuzonqunyelwa ezindaweni ezithile eziqhelile kwezinye. Nokho, abanye banomuzwa wokuthi “lelicebo libonakala lizogcina lifana nombhalo ongasho lutho, ngoba azikho izinyathelo eziphoqelelayo, izinhlawulo, noma abahloli ukuze bagcizelele ukuhlonishwa kwalo,” kuphawula iDiario. Leliphephandaba laphawula ukuthi abantu sebebonke lomthetho baye bawemukela ngokungaqiniseki futhi bamane bangawunaki.

“Ukuzivikela Kosuku Lwanamuhla”

Igagasi lamuva nje lobugebengu obunobudlova eDolobheni laseNew York liye lathuthukisa ukuthengiswa kwezingubo ezingangenwa-nhlamvu nezinto ezihambisana nazo. IDaily News ibika ukuthi “abantu bachitha izimali ezinkulu ukuze bazifihle bona, izingane zabo ngisho nezinja zabo ngezingubo ezinendwangu engangenwa-nhlamvu njengeKevlar, indwangu elula eqinile kunensimbi.” Uhlu lwezinto ezitholakalayo luhlanganisa amajazi emvula abiza R2 500, izambulela ezibiza R2 500 kuya ku-R5 000, amabhantshi okushibilika eqhweni asukela ku-R2 000 kuya ku-R6 250, namajazi oboya aphakathi kuka-R30 000 kuya ku-R200-​000. Iphephandaba labhekisela kulezinto ngokuthi “okokuzivikela kosuku lwanamuhla kwasemigwaqweni yaseNew York” futhi lanezela ukuthi okugqokwa ngaphansi “kungavimba inhlamvu yevolovolo edutshulwe eduze kakhulu.”

Ukukhula Okungajatshulelwa

Njengamanje umhlaba unenani labantu abayizigidi ezingu-⁠5 300. Kulinganiselwa ekutheni ekupheleni kwekhulu lama-20 leminyaka, kuyofinyelelwa inani lezigidi ezingu-⁠6 250. NgokweVisión, umagazini waseLatin America, amazwe ampofu kuyowathinta kabi lokhu kuqhuma kwenani labantu. Amaphesenti angu-90 alokhu kwenezelwa okusha ohlangeni lwesintu, ayozalwa emazweni ampofu. IVisión yabika ukuthi emadolobheni angu-20 anabantu abaningi kakhulu emhlabeni wonke, angu-17 asemazweni asathuthuka. Ngokwesibonelo, “ngokokubikezela kwezesayensi, ngonyaka ka-2025, iLatin America iyobe inenani labantu abayizigidi ezingu-740.” IBolivia, iCosta Rica, iGuatemala, iNicaragua, iParaguay, neVenezuela kunezinga eliphakeme kakhulu lokukhula kwenani labantu eLatin America, kuyilapho iArgentina, iCuba, neUruguay anenani eliphansi kunawo wonke. Lomagazini wanezela ukuthi “phakathi nonyaka ka-1985 no-1990, iLatin America yayinezinga lokukhula kwenani labantu lamaphesenti angu-20,77.”

UMesiya Wamanga

Izinkulungwane zamakholwa ashisekayo aphucwa umholi wawo ngenkathi yena namanye amalungu angu-12 eqembu lezenkolo elaziwa ngokuthi iNation of Yahweh (ISizwe SikaYahweh) beboshwa. NgokweNew York Times, “inkantolo yabala uhlu lwezenzakalo eziqondile ezingu-18 zokukhohlisa ezihlanganisa nokubulala okungu-14, ukuzama ukubulala okubili, ukuphamba nokucekela phansi ngomlilo.” Inhloko yaleliqembu, enendlunkulu eMiami, eFlorida, eU.S.A. yaziwa ngokuthi uYahweh Ben Yahweh. Ithi yavuswa kwabafileyo njengomesiya ukuze ihole abantu abamnyama “ibakhiphe ehlane lokubuswa ngabamhlophe.” Yona kanye namanye amalungu alenkolo babekwe icala lokubulala ababengamalungu abangavumelananga nomholi. “Kwesinye isehlakalo, kusho inkantolo, owayeyilungu wanqunywa ikhanda,” kubika iTimes.

Izingane Zasemgwaqweni

“Amaphoyisa nezisebenzi zezenhlala-kahle zilinganisela ukuthi intsha engu-10 000 engenamakhaya izulazula emigwaqweni yaseDolobheni laseToronto,” kuphawula iToronto Star. Ukuhlola kwathola ukuthi amaphesenti angu-90 amantombazane angenamakhaya “athi adlwengulwa ilungu lomkhaya noma umngane ngaphambi kokuba abe neminyaka engu-12 ubudala.” Kubikwa ukuthi iningi lalezingane liye lathuthelekela emigwaqweni ngenxa “yezinkinga zomkhaya njengokuphathwa kabi ngokomzimba noma ngokobulili nobudakwa okwenza umgwaqo, nazo zonke izinto zawo ezesabekayo, ube ngcono kunekhaya.” Iziphathimandla ziyesaba ukuthi lomphakathi wezingane zasemgwaqweni uyokuba umthombo wegciwane lengculaza phakathi kwentsha evamile. IStar sanezela ukuthi “ingxenye yamantombazane ayengezona izifebe ezikhokhelwayo ayeye aba nabalingane bobulili abangaphezu kuka-10 futhi amaphesenti angu-30 abafana ayeye aba nabangaphezu kuka-50. Phakathi kwezifebe ezikhokhelwayo, amaphesenti angu-70 abesifazane namaphesenti angu-50 abesilisa abika abalingane abangaphezu kuka-100.”

Ababulali Bakumatropiki

Inani elandayo lezivakashi nosomabhizinisi livakashela amazwe asematropiki. Iphephandaba lesiFulentshi iFigaro libika ukuthi izihambi eziningi zibuyela emakhaya zinomalaleveva, isifo sohudo esibangelwa izilokazana zamanzi, isifo sokusha kwesibindi noma esinye sezifo zasetropiki eziningi ezingahlasela kalula izihambi ezingazelele. Emhlabeni wonke, umalaleveva uwodwa nje ubulala abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili unyaka ngamunye. Ingozi ikhona ngoba izimpawu zesifo ezizwiwa izivakashi zingase zingaxilongeki ngokuqondile emuva ekhaya odokotela bakhona abangaqeqeshelwe ukwelapha izifo zakumatropiki. Ngaleyondlela, izifo ezingaba ezibulalayo zelashwa ngokungeyikho.

Ukwabiwa Okungalingani

NgokukaMariano Grondona, ebhala kuyiVisión, umagazini waseLatin America, iBhange Lomhlaba muva nje libike ukuthi abantu abayizigidi ezingu-⁠1 100 emhlabeni wonke baphila esimweni sobumpofu. Ngokwesilinganiso, labantu banomholo wansuku zonke ongaphansi kuka-R2,50 umuntu ngamunye. Kubantu abayizigidi ezingu-450 eLatin America, cishe abayizigidi ezingu-90 baphila ebumpofwini obunjalo, ngokukaGrondona, okwenza iLatin America “ibe umphakathi ongalungile.” Umbiko waphawula ukuthi iLatin America “inezinga eliphakeme ngokuphawulekayo lokwabiwa komnotho ngokungalingani” futhi ayikho enye indawo ezweni elisathuthuka enokuphambana okungako phakathi kwabacebile nabampofu.

Izingane Ezicindezelekile

Ngokwephephandaba laseColombia iEl País, eCali amaphesenti angu-29 azo zonke izingane ezilethwa ezikhungweni zezempilo zinokuphazamiseka okuthile kwengqondo okudinga ukwelapha kochwepheshe. Ngokwesinye isiphathimandla, imbangela evame kakhulu yizinkinga emkhayeni, kuveze imizwa yokukhathazeka enganeni, ukucindezeleka, ukukhubazeka kokufunda, izinkinga zokulala, nokunye. IEl País yanezela ukuthi ukuvama okukhulu kakhulu kwezinkinga ezingokwengqondo ezinganeni kubonakala phakathi neminyaka yokuqala eyisishiyagalolunye yokuphila. Okunye ukuhlola kwembula ukuthi lapho ubuhlobo bomzali nomntwana buntuleka, ngisho nezingane zingase zikuzwe ukucindezeleka.

Izindaba Zabaphuzi Bekhofi

Ukuhlola kwamuva nje kweminyaka emibili kwamadoda angu-45 589 kuye kwangabonisa kuhlangana phakathi kokuphuzwa kwekhofi nesifo senhliziyo, kubika iNew England Journal of Medicine. Nakuba okunye ukuhlola kwamuva kuye kwathola ukuhlobana phakathi kokuphuza ikhofi nengozi yesifo senhliziyo, lokhu kuhlola okukhulu okusha kuhlanganise nokunye okuningana kwesikhathi esidlule, akukutholanga. Umongameli weNhlangano YaseMelika Yokusebenza Kwenhliziyo wathi: “Ngesisekelo salokhu kuhlola ngizizwa ngiqiniseke ngokwengeziwe ukutshela iziguli ukuthi njengesivikelo esingokwempilo sawo wonke umphakathi ngeke ngizituse ukuba ziyeke ukuphuza ikhofi.” Ngakolunye uhlangothi, okunye ukuhlola kwamuva nje kwathola ingozi enkudlwana yesifo senhliziyo kubantu ababephuza izinkomishi ezingaphezu kwezine ngosuku.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela