Inkinga Yekhofi
IZINKOMISHI ezingaphezu kuka-1 500 000 000 ngosuku! Ngokwesilinganiso samuva, kuphuzwa ikhofi eliningi kangako emhlabeni. Lokhu kuphuzwa kwalo okukhulu kuye kwaqhubeka naphezu kwezixwayiso eziphindaphindwayo ebezivela kososayensi eminyakeni eminingi zokuthi abaphuzi bekhofi babhekene nezingozi eziningi, ezisukela esifweni senhliziyo kuya esifweni sikashukela ngisho nasezinhlotsheni ezihlukahlukene zomdlavuza. Khona-ke, kungani kungabaphuzi bekhofi abambalwa kangaka abaye basiyeka lesiphuzo?
Eminyakeni engaphezu kwengu-40 edlule, ososayensi baye bakhipha imibiko engaphezu kwamakhulu ayisihlanu ngemiphumela yokuphuza ikhofi. Kodwa kuze kube manje iziphetho zabo, aziwona unqamula-juqu. Kungani? Ngesizathu esisodwa, ikhofi liyinkimbinkimbi kakhulu kunokuba kubonakala. Inkomishi yekhofi ingase ibe namakhemikhali angaba ngamakhulu amahlanu ngokuvamile azenzakalelayo. Nokho, ukuhlola okuningi kugxila esithakweni esisodwa nje, icaffeine evusa amandla.
Kwabanye abantu, icaffeine ingabangela ukuqwasha nokushesha ukucasuka noma yenze kube nzima ukunakisisa. Kodwa kuthiwani ngomdlavuza? Umagazini wabathengi iWhich? uyabika: “Empeleni kukho konke ukuhlola okubonisa ukuhlobana okungenzeka [phakathi kwecaffeine nomdlavuza], kukhona okunye okunemiphumela ephambene.” Khona-ke, akumangalisi ukuthi umhlaziyi wekhofi waseLondon ubika ukuthi emphakathini ovamile, “aluzange lube khona nhlobo uhlobo lokuyeka ikhofi ngenxa yempilo.” Ngaphandle kwalokho, abaningi bayazi ukuthi itiye, ukhokho, neziphuzo zecola nazo zinecaffeine. Eqinisweni, umagazini iWhich? uphawula ukuthi “uma kuya ngokwesilinganiso esifanayo, itiye linecaffeine eningi kunekhofi, kodwa kusetshenziswa isilinganiso esincane, ngokuvamile, ukuze kwenziwe inkomishi yetiye.”
Noma kunjalo, kunezixwayiso ezimbalwa umphuzi wekhofi angase afise ukuziphawula. ITimes yaseLondon muva nje yacaphuna lomphumela embikweni womuntu ongumDashi: “Ikhofi elenziwa ngokuhlanganisa amanzi abilayo nezinkambi ngokuqondile lingandisa izinga lecholesterol ngamaphesenti angu-10, uma kuqhathaniswa nokuphuza ikhofi elisefiwe noma ukungaliphuzi nhlobo.” Icholesterol idume kakhulu ngokubangela isifo senhliziyo. Kwenye iTimes yacaphuna isazi esidumile sezokudla sithi: ‘Abaphuza ikhofi njalo kufanele ngaso sonke isikhathi baphuze ikhofi elisanda kwenziwa bagweme ikhofi eselihlale isikhathi eside emanzini noma elibilisiwe.’
Uma kukhona izazi ezivumelana kukho ngekhofi, kuwukulinganisela. Odokotela ngokuvamile batusa ukuba abantu bangaphuzi izinkomishi ezingaphezu kweziyisithupha (noma izimaki ezine) zekhofi ngosuku. Labo abanezinkinga ezinjengesifo senhliziyo noma zezinso noma umfutho wegazi ophakeme kufanele baphuze elingaphansi kwalelo. Futhi abesifazane abakhulelwe noma abancelisa izingane zabo kufanele bangaphuzi ikhofi elingaphezu kwenkomishi eyodwa ngosuku.