Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 2/8 k. 31
  • Ibhizinisi Lokugembula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ibhizinisi Lokugembula
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukugembula Ngempela Kubi Kangako?
    I-Phaphama!—1991
  • Amalungu Amasha Okugembula—Intsha!
    I-Phaphama!—1995
  • Kubi Ngani Ukugembula?
    I-Phaphama!—2002
  • Ingabe Ukugembula Kuwafanele AmaKristu?
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 2/8 k. 31

Ibhizinisi Lokugembula

IMISHINI yokugembula ngokuvamile ibizwa ngokuthi abaphangi abanengalo eyodwa. Kodwa ngokungafani nabaphangi bangempela, ayiqhwagi muntu imali; abantu bahlaba ujenga njengezimvu ukuze ibaphange.

Kunemishini enjalo elinganiselwa ku-420 000 eFederal Republic yaseJalimane, ematasa ikhuthuza cishe u-R2 550-​000 000 kubantu baseJalimane minyaka yonke. Abantu abayizigidi eziyisihlanu lapho bachitha ihora isonto ngalinye belahlela imali kulemishini; abantu abangu-80 000 bachitha amahora angaphezu kwayisihlanu ngesonto kuyo.

Manje iSpain inemishini yokugembula engu-750 000. Ukugembula kwavunyelwa ngokomthetho lapho ngo-1977. Ngo-1988, abantu baseSpain kakade base bechitha u-R62 500 000 000 ngonyaka kuzo zonke izinhlobo zokugembula. Kubikwa ukuthi abantu baseSpain abangu-200-​000 bayimilutha yokugembula. Abantu baseNtaliyane bagembula cishe ngo-R30 000 000 000 ngo-1989​—⁠noma cishe ngo-R525 umuntu ngamunye, kuhlanganise nezingane. Esontweni elilodwa vó ekuqaleni kuka-1990, abantu baseNtaliyane bachitha izigidi ezingu-R175 bebheja ngemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo.

Abagembuli eUnited States bachitha ngaphezu kuka-R500 000 000-​000 ngonyaka ezinhlotsheni zokugembula ezingokomthetho kuphela! Umongameli walapho wochungechunge lwezindawo zokugembula muva nje wazishaya isifuba ethi: “Ukugembula kuyimboni ekhula ngokushesha kunazo zonke yalelizwe, engangezindleko zaminyaka yonke [zezempi zaseU.S.].” Wahlanganisa ubuhlobo bothando bamaMelika nokugembula okubangelwa “isifiso esingokwefilosofi” nokuzimisela ukuzifaka engozini okwaqhubezela abavubukuli nabantu basemngceleni esikhathini esidlule salesizwe. Kodwa iphupho lomgembuli lokuceba ngokushesha lihluke kakhulu eminyakeni yokujuluka nokushikashikeka okwakuhambisana nokuzifaka engozini kwezinhloli novulindlela.

Isazi sezenhlalo uVicki Abt sathi: “Ukugembula kutshela ingqondo ukuthi imivuzo ayihlangene nemizamo yakho.” Ukucabanga okunjalo kungenza umonakalo osabekayo emfanelweni yokuphila. Isikweleti, ubumpofu, imikhuba yokusebenza eyonakele, imikhaya ehlukene​—⁠lena yimiphumela elimazayo yokugembula. Kwabayizigidi, ingxenye yazo ekhulayo okuyintsha, ukugembula kuba ukulutheka okungalawuleki. Ngokuqinisekile, iBhayibheli liqinisile uma lithi “ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.”​—⁠1 Thimothewu 6:⁠10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela