Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 3/8 k. 25
  • “Banamandla Amakhulu Okuzimisela”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Banamandla Amakhulu Okuzimisela”
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngabantu Abangabantu Ngokuphelele”
  • Ukwaziswa NgoFakazi
  • OFakazi BakaJehova Bawuhlobo Olunjani Lwabantu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukubuswa Ukholo KuNkulunkulu Ezweni LamaKhomanisi
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Iminyaka Engaphezu Kwengu-40 Singaphansi Kokuvinjelwa AmaKhomanisi
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 3/8 k. 25

“Banamandla Amakhulu Okuzimisela”

NGEMVA cishe kweminyaka engu-40 yokushushiswa eCzechoslovakia, oFakazi BakaJehova bakwazi ukuqhuba imihlangano yesifunda lapho. UJiří Muladi wabika ngomunye owawuseOstrava, ngoMay 1990, ephephandabeni iNová Svoboda (Inkululeko Entsha). Phakathi kokunye wabhala:

“Ngabantu Abangabantu Ngokuphelele”

“Ezinsukwini ezintathu ngaphambi kwalesosenzakalo, cishe abantu abangu-90 bahlangana eHholo laseTatran futhi balihlanza kangcono kunokuba lake lahlanzwa eminyakeni engu-40. Ngisho noma kuzwakala kuyihaba, kumelwe ngikusho lokhu, ukuthi ihholo lalisalokhu lihlanzeke kanjalo ngemva [komhlangano] wezinsuku ezimbili, lingenawo amaphepha noma izinqamu zikagwayi phansi. Kambe, oFakazi BakaJehova ababhemi.

“Ngosuku lokuqala lomhlangano wesifunda, kwakunabangu-1 600 ababekhona. . . . Baqala ngengoma eyahlatshelelwa yibo bonke. Abaqambi abaningi babengamangala ngendlela lezingoma ezazimnandi ngayo. . . . Konke kwenziwa ngaphandle kokubukisa. Akukho ukwethulwa kwabaphakeme. (Ngakho-ke angazi ngisho nokuthi ubani owayenesikhundla esiphakeme kunabo bonke futhi ngicabanga ukuthi akekho onendaba ngakho.) Akukho ukukhothama nokumemeza iziqubulo. Ukuthobeka, umusa, nokuzwelana.”

Ukwaziswa NgoFakazi

“Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. EBhayibhelini lesiCzech, igama lakhe lihunyushwa (noma lithathelwé indawo) igama elithi Hospodin [Nkosi]. OFakazi BakaJehova bayaphikelela besebenzisa igama likaNkulunkulu lakuqala, futhi ngokusebenzelana kwabo bazimisele ukufakaza ngokuba khona kwakhe nangezenzo zakhe. . . .

“Ukholo loFakazi BakaJehova luyakwenqabela ukusetshenziswa kwezikhali kwabanye abantu, futhi labo abayenqaba inkonzo yezempi eyisisekelo nababengazange basebenze ezimayini zamalahle bafakwa ejele, ngisho neminyaka emine.

“Kulokhu nje kuphela kusobala ukuthi banamandla amakhulu okuzimisela. Besingabasebenzisa abantu abanjalo abangenabugovu ngisho nasemisebenzini ephakeme kakhulu yezombangazwe​—⁠kodwa asisoze sabenza bafike lapho. OFakazi BakaJehova baphikelela ngokuthi abantu baye bazibusa kwaba ukulimala kwabo. Yebo, bayawaqaphela amagunya ohulumeni kodwa bakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela okwazi ukuxazulula zonke izinkinga zabantu. Kodwa qaphela​—⁠ababona abantu abanentshiseko engenangqondo. Bangabantu abavamile ngokuphelele. Manje-ke, usungacabanga okuthandayo ngabo.

“Ngaphambi kokuba ngiphethe, angiyena omunye woFakazi BakaJehova, ngisho nakuba ngivumelana neminingi yemiqondo yabo.”

[Isithombe ekhasini 25]

Umhlangano eHholo laseLucerna, ePrague, eCzechoslovakia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela