Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 5/8 k. 31
  • Khona-ke Kungani Bekwenza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Khona-ke Kungani Bekwenza?
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kumelwe Ukuyeke Ukubhema?
    I-Phaphama!—2000
  • Abavikeli Bakagwayi Bakhuluma Uwangala
    I-Phaphama!—1995
  • Izinkampani Zikagwayi Zisenkingeni
    I-Phaphama!—1996
  • Ukubhema—Umbono WamaKristu
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 5/8 k. 31

Khona-ke Kungani Bekwenza?

“Njengomuntu obhemayo, anginakuliphikisa iqiniso lokuthi kuwubuphukuphuku ngempela ukuzitika ngalomkhuba. Noma ubani onengqondo manje uyazi ukuthi ukubhema kusongela impilo yomuntu. Kuwumkhuba ongcolile, onyanyekayo obiza kakhulu. . . . Ngababhemayo, ukuphila kuwuchungechunge lwezitsha zomlotha ezingcolile, amabala enicotine, amabala okusha nezikweleti ezinkulu zaselondolo​—⁠umphumela wezingubo ezinuka intuthu.”​—⁠UDiane Francis, kumagazini iMaclean’s, eCanada.

“Ababhemayo bangalindela isikhathi sokuphila esifushane kunabangabhemi: ngokwesibonelo, ukuphila koneminyaka engu-25 ubudala obhema amaphakethe amabili ngosuku kuyoba kufishane ngeminyaka engu-⁠8,3 kunokwalowo ongabhemi. Ababhemayo basengozini yokubulawa umdlavuza ngokuphindwe kathathu kunabangabhemi.”​—⁠The Columbia University College of Physicians and Surgeons Complete Home Medical Guide.

“Minyaka yonke ugwayi ubulala abaseMelika abangaphezu kwalabo ababulawa eMpini Yezwe I, iMpi yaseKorea, neyaseVietnam zihlangene; cishe abalingana nalabo abafela empini ngeMpi Yezwe II. Unyaka ngamunye ugwayi ubulala abaseMelika abaningi ngaphezu kokuphindwe kahlanu kunokuba kwenza izingozi zemigwaqo. Umdlavuza wamaphaphu uwodwa ubulala abalingana nabafa emgwaqweni. Izimboni zikagwayi zithengisa isikhali esibulalayo.” (ILungu Lesigele uRobert F. Kennedy, iNkomfa Yezwe Ephathelene Nokuqala Yokubhema Nempilo, September 11, 1967)​—⁠The Cigarette Underworld, ehlelwe uAlan Blum, M.D.

“Ugwayi ubulala cishe abantu abayizigidi ezimbili nengxenye unyaka ngamunye emhlabeni wonke. Uyimbangela yokufa eyodwa, enkulu kunazo zonke, engagwenywa emhlabeni namuhla. . . . Noma ngabe ubhenywa ukuluphi uhlobo, uwumkhuba oyingozi, obizayo noluthayo.”​—⁠UDkt. Judith Mackay, umqondisi omkhulu woMkhandlu waseHong Kong Ophathelene Nokubhema Nempilo, owacashunwa kumagazini iWorld Health.

“Uma isandla esake sangondla kuyizimboni zikagwayi, khona-ke lesosandla esifanayo siye sabulala izigidi zabantu futhi sizoqhubeka sibulala izigidi ezengeziwe ngaphandle kokuba abantu baziphaphamele izingozi zikagwayi. . . . Ngifuna ukusiza abantu ukuba bavuke bazi ukuthi ugwayi uwubuthi kangakanani.”​—⁠UPatrick Reynolds, umzukulu womsunguli weR. J. Reynolds Tobacco Company.

Khona-ke kungani izigidi zabesilisa, abesifazane, nentsha zibhema ugwayi? Kwabanye impendulo ingase ibe ukucindezela kontanga, isifiso sokubonakala unolwazi. Kodwa kwabaningi impendulo imane iwukuluthwa okuholela ekuphoqelekeni. Njengoba esinye isiphathimandla eseluleka ngezokwelapha siphawula: “Isizathu sangempela sokubhema kwabantu abaningi siwukuthi baluthwe isidakamizwa esinamandla esitholakala kugwayi​—⁠inicotine.”

Khona-ke obhemayo angayeka kanjani? Ngokuthola isisusa esinamandla, esinamandla kunokufisa komzimba inicotine. Ngomuntu ozama ukuhlangabezana nezindinganiso zobuKristu, kuyosho ukuba nothando ngoNkulunkulu nomakhelwane olunqoba isifiso sobugovu senyama.​—⁠Mathewu 22:​37-40; 1 Korinte 13:​5, 7, 8.

Njengoba incwadi yezokwelapha ecashunwe ngaphambili iphawula: “Ababhemayo abafuna ukuyeka kufanele bakhumbule isimo esiluthayo sesidakamizwa inicotine futhi bakulungele ukwamukela izimpawu zokuhoxa njengemiphumela engokwemvelo yokuyeka. Kufanele bakhumbule, ukuhoxa, kuyisimo sesikhashana, leso okuthi nakuba singajabulisi, esingalimazi. Bonke abasebenzisa ugwayi, kungakhathaliseki indlela abalutheke ngayo, bangayeka ukubhema.”​—⁠The Columbia University College of Physicians and Surgeons Complete Home Medical Guide.

Uma ungathanda ukuthola usizo ekutholeni uhlobo lwesisusa esidingekayo ekuyekeni ukubhema, zizwe ukhululekile ukuthinta oFakazi BakaJehova eHholo labo LoMbuso elisendaweni yakini noma ngekheli labashicileli elikulomagazini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela