Bakusho Ngezimbali EJapane
Ngumlobeli wePhaphama! eJapane
KUSUKELA eMbukisweni Omkhulu wango-1851 eLondon, imibukiso yomhlaba ibilokhu iqokomisa intuthuko yezimboni nobuchwepheshe ngaso sonke isikhathi. Nokho, imvelo kwakuyiyonanto eyaqokonyiswa embukisweni owawuseOsaka, eJapane, phakathi nezinyanga zehlobo elidlule. Waguqula inqubo evamile futhi wabeka izimbali nohlaza phambili.
Njengoba zazinesihloko esithi “Ukuba Khona Ngesikhathi Esifanayo Kwemvelo Nesintu,” izingadi ezinhle ezinkundleni zalokho okubizwa ngokuthi uMbukiso Wezimbali zafakazela ukukwazi komuntu ukuphila ngokuvumelana nemvelo. Ngesikhathi esifanayo, kwazwakaliswa izixwayiso zenhlekelele yendawo ezungezile embulungeni yonke.
Izinkundla zazihlanganisa amahektare angu-140 futhi zazihlukaniswe zaba izingxenye ezine ezizungeze ichibi lamanzi elaliphakathi nendawo elibizwa ngokuthi uLwandle Lokuphila. Kwesokudla sesango eliyinhloko kwakuneNdawo Yezintaba, namagquma ayo. INdawo Yensimu yayiwudeda-ngendlale kwesobunxele. Ngalé kweNdawo Yensimu, kwakunezindlela eziholela eNdaweni Yedolobha, okuyindawo yemipheme ehlukahlukene. IziMpambana-ndlela Zomlingo, okuyipaki lokuzijabulisa, zazisengxenyeni ekude yalezinkundla.
Ukuhambahamba eNdaweni Yensimu, iNdawo Yezintaba, nezingadi zezizwe zonke kwasenza sazizwa sigxile ngokuphelele esicini esiyizimbali salowoMbukiso. Amasimu ezimbali eziphuzi, ezinsomi, ezilavender, naweminye imibala eminingi ayeqabula kokubili emehlweni nasemoyeni. Imimoya epholile, eyayiqholwe ngamarose abomvu, amhlophe, naphuzi, kwanezela kulesosimo esizothile. ISigodi Sezimbali esingavamile nendlela yaso yaseJapane sabukeka ngendlela ekhethekile. Konke lokhu kubonisa ukuthi abantu babenzelwe ukuba baphile endaweni enjengengadi.
Njengoba sasihambahamba phakathi kwezingadi zezizwe zonke, ukunaka kwethu kwadonseleka eNgadini YeBhayibheli YakwaIsrayeli, ayayigxile ezihlahleni zeminqumo ezindala nezindonga zamatshe. Ukuboniswa kwezingcaphuno ezivela kwethi IsiHlabelelo seziHlabelelo nezinye izincwadi zeBhayibheli kwasiza ekudaleni kabusha isimo sengadi yasezikhathini zeBhayibheli.
Okunye okwaboniswa okwakukhumbuza ngokulandisa kweBhayibheli kwakuwukubonakaliswa okunamandla kokuhlukaniswa kwamanzi oLwandle Lokuphila. “Ukumpompa amathani angu-600 amanzi ngemizuzu emine kukwenza kube nokwenzeka,” kuchaza esinye isikhulu kulendawo. Njengoba ulwandle lwaluvuleka kancane kancane, imithombo eyisithupha eklanywe ngezindlela ezihlukahlukene yayidansela umculo ohambisana nalowombukwane. Uma ubuchwepheshe babantu bungakufeza lokhu, ngokuqinisekile uMdali ongumninimandla onke wakwazi ukwehlukanisa uLwandle Olubomvu.—Eksodusi 14:21-28.
Imipheme Yobuchwepheshe Bezinga Eliphakeme
Naphezu kwesikhathi eside sokulinda, izixuku ezinkulu zadonseleka emibukisweni eyayisemiphemeni eminingi. Omunye umpheme wawubukisa “ngokhaphethi womlingo” esanikezwa kuwo indlela iso lovemvane elibona ngayo indlela yokuthutha yovemvane imonarch. Njengoba sasihlezi “kukhaphethi womlingo,” ucwecwe lwengilazi eqinile, kwambuleka indawo enhle ngezansi kwethu. Sazizwa njengokungathi sasindiza nemonarch. Lapho ingwenya izama ukunqaka lolovemvane, nathi futhi sakuzwa ukwesaba kokusinda ngokulambisa.
Lapho singena komunye umpheme, sanikezwa izibuko ezikhethekile zokubona ibhayisikobho enezingxenye ezintathu eyayinesihloko esithi The Last Buffalo. Cishe sasingelula izandla zethu futhi sithinte ibhele libamba inhlanzi, icougar igxumela edwaleni, nombangqwana wezinyathi uzama ukuvikela inkonyane lawo ezitheni!
Izimbali Ezingavamile Nokubukisa Okuyingqayizivele
Imipheme ebukisa ngezingadi nohlaza nayo yakhanga izivakashi eziningi. Imbali enkulu kunazo zonke emhlabeni, irafflesia yaseIndonesia, yayingokunye okukhanga kanjalo. Njengoba siyimitha elilodwa ububanzi futhi sinesisindo esingamakhilogremu ayisikhombisa, lesitshalo esiphila ngezinye sichuma singenazo izimpande namaqabunga. Ngemva kokuphila esitshalweni esixhomeke kuso izinyanga ezingu-30, kuqhakaza imbali enkulukazi futhi ihlala izinsuku ezine kuphela.
EGumbini Elikhulu, eliyindawo enkulu yezitshalo, kwakubukiswe ngezitshalo ezingu-15 000 zezinhlobo ezingu-2 600 ezivela emazweni asukela ezindaweni ezishisayo kuya ezindaweni ezineqhwa. Inxanxathela yamapayipi, eyayifudumeza futhi ipholise inhlabathi, namakhethini omoya, ayehlukanisa izikhala, kwahlangana ukuze kulondoloze izimo zokushisa eziyisishiyagalombili phakathi kwaleligumbi. Ngobuchwepheshe obunjalo, izitshalo zasezindaweni ezishisayo namacactus asezingwadule, kanye nezitshalo zakuma-Alp njengamapoppy aluhlaza angavamile aseHimalaya, angaqhakaza, ngendlela enhle nenesizotha.
Isixwayiso Ngenhlekelele Yendawo Ezungezile
Njengokungathi kwenziwa ngamabomu ukuze konakaliswe konke lokhu kuthula nobuhle, izixwayiso ngenhlekelele yendawo ezungezile ebhekene nesintu namuhla zazibonakala kuyo yonke indawo enkundleni. Ngokwesibonelo, izigijimi nemifanekiso okwakunezihloko ezinjengezithi “Ukubhujiswa Komkhakha WeOzone,” “Ukushisa Kwembulunga Yonke,” “Imvula Eneacid/Inkungu Eneacid,” “Ukunyamalala Kwamahlathi Asezindaweni Ezishisayo,” nesithi “Umhlaba Uba Njengogwadule Ngokwengeziwe” kwakubukiswa ngakho ngokuyinhloko emiphemeni nasezingadini zeNgadi Kahulumeni WaseJapane.
Nokho, iyini imbangela yokubhubha okunjalo? “Abantu—Izisulu Zokubhubha Kwethu Siqu,” umbukiso emnyangweni wokuphuma weGumbi Elikhulu, wabonisa isigangi. “Abantu baye banikela ngemicebo engokwemvelo yomhlaba ngokwenzuzo yabo siqu. . . . Ngenxa yalokho, manje sibhekene nemiphumela yezenzo zethu.”
Ngisho nangalé kwezinhlekelele zendawo ezungezile okucatshangwa ukuthi ziwumphumela wemvelo, sibona isithunzi sezandla zabantu. ENgadini Yokuthula yaseUN saqasheliswa iqiniso lokuthi ukwakhekha kwezingwadule kusongela ingxenye eyodwa kwezintathu zezwe lomhlaba, kuthinta cishe amazwe ayikhulu. “Ukwakheka kwezingwadule kungasheshiswa ukomisa, kodwa akuvamile ukuba kubangelwe yikho,” ichaza. “Izimbangela eziyinhloko zidalwa abantu futhi zingalawulwa futhi ziqedwe ngesinyathelo somuntu.”
Ikhaya Lasemhlabeni Wonke Elinjengengadi—Kanjani?
Izinkundla lezo izingadi zoMbukiso Wezimbali nemibhede yezimbali eyayimi kuzo zazikade ziyindawo yokulahlela imfucumfucu yaseOsaka. Lokhu kufakazela ukukwazi komuntu ukushintsha izwe eliyincithakalo libe ipharadesi. Nokho, ngisho nakuba izinhlangano eziningi ezinkulu zenza lemibukiso emihle, “ziyagxekwa ngedumela lazo endaweni ezungezile kwezinye izingxenye zeJapane nasemhlabeni wonke,” kusho iJapan Quarterly. Eqinisweni, kunokuba asebenzise iziphiwo zakhe namakhono ekuguquleni umhlaba ube ipharadesi, umuntu—ngokuhaha nobugovu bakhe—ubhubhisa ukuphelelisana kwendawo ezungezile yomhlaba.
Likhona yini ithemba lokuguqula lomhlaba obhujisiwe ube ipharadesi? IBhayibheli linikeza ithemba ngalamazwi: “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.” Kodwa kuyokwenzeka kanjani? uIsaya unikeza impendulo: “Kuyokuba khona abayobona inkazimulo kaJehova, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.” (Isaya 35:1, 2, NW) Yebo, ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu ngoKristu, imizamo yabantu yokuvumelanisa intuthuko yomuntu nemvelo iyoba nempumelelo eqinisekile. Umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi lembulunga yonke, kube isibusiso saphakade kumuntu nenkazimulo nodumo kuNkulunkulu.