Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 5/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 5/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukungaboni Imibala Umyeni wami uye wahlinzwa iso futhi manje akasakwazi ukufunda. Ngokushesha lapho sithola isihloko esiphathelene neDaltonism [ukungaboni imibala] kumagazini kaFebruary 22, 1991, wangicela ukuba ngimfundele sona. Kusukela eseyingane, wayengakwazi ukuhlukanisa phakathi kokumnyama nokumhlophe emfanekisweni weTV enombala, kodwa akekho emkhayeni wakubo owayenendaba. Kwaze kwaba yilapho kamuva eyohlolelwa ukuthola izincwadi zokushayela lapho athola khona ukuthi akakwazi ukubona imibala. Khona-ke, umyeni wami ubonga kakhulu ngesihloko senu. Ukuba nje sasikhona ngaphambili, ngabe wagwema izimo eziningi eziyingozi!

M. D., Italy

Amakhaya Ahlukene Ngokwenkolo Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingahlala Kanjani Ekhaya Elihlukene Ngokwenkolo?” (January 22, 1991) sangisiza ngempela ukuba ngibhekane nesimo. Ngezinye izikhathi ubaba wayengenqabela ukuba ngiye emihlanganweni yobuKristu ukuze nje ngibukele iTV. Isihloko senu sangisiza mina nomama ukuba siqhubeke sithandaza futhi sithembe ukuthi uJehova uzoyifinyelela inhliziyo kababa. Siyabonga!

C. E., United States

Ubaba akayena umKristu, futhi ngezinye izikhathi lokho kuyangidabukisa. Ngihlela ukuba ngisebenzise amaphuzu enu awusizo ukuze ngizame ukumzuza.

L. M., United States

Ukubambisana Kukadokotela Nesiguli Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Ukuvala Igebe Phakathi Kukadokotela Neziguli EzingoFakazi.” (November 22, 1990) Nginomfanyana owazalwa enehydrocephalus nespina bifida. Wahlinzwa kasithupha ngaphambi kokuba abe nonyaka. Nakuba isimo sakhe siye sathuthuka, usadinga ukunakekela kwabezokwelapha. Ngenxa yokuma kwethu ngokuphathelene negazi [njengoFakazi BakaJehova], ngihlala ngingaqiniseki ngokuthi odokotela bazobambisana yini nathi. Sithemba ukuthi ilungiselelo lokuba nabazalwane abangamaKristu abaqeqeshelwe ukuba basisize sisebenzelane nodokotela lizofika ngokushesha naseArgentina.

A. M., Argentina

AmaKomiti Okubonisana Nezibhedlela kumanje ayamiswa eArgentina.​—⁠ED.

EMpumalanga Yurophu Kusukela izinguquko zamuva ziqalile eMpumalanga Yurophu, bengilokhu nginelukuluku lokufuna ukwazi ngoFakazi BakaJehova abahlala kuleyongxenye yomhlaba. Kwakukuncane kakhulu ukwaziswa okwakutholakala ezincwadini zethu. Khona-ke ningacabanga ukuthi ngaba nokwaneliseka okungakanani lapho ngithola umagazini kaJanuary 8, 1991, onesihloko esithi “OFakazi BakaJehova EMpumalanga Yurophu.” Ngethemba ukuthi nizoqhubeka nisazisa ngenqubekela phambili yomsebenzi wokushumayela kuleyongxenye yomhlaba.

E. S. L., Brazil

Isimiso Sokuzivikela Somzimba Ngithanda ukuba nazi ukuthi izihloko ezazimayelana nesimiso sokuzivikela somzimba zaziwukucwaninga kwezokwelapha okunobuciko obumangalisayo (November 22, 1990). Ngisebenza emnyango ophathelene negazi kanye nezimila futhi ngiye ngayazisa ngempela indlela eqophelweni eliphakeme lemfundo ecacile okwanikezwa ngayo lokhu kwaziswa. Ngiye ngahambisa amakhophi alomagazini kodokotela nakubahlengikazi engisebenza nabo.

G. T., United States

Nginguthisha wesayensi, futhi njengoba kwenzeka, ekilasini sasixoxa ngesayensi yesimiso sokuzivikela komzimba lapho kukhishwa lomagazini wePhaphama! Nganikeza umfundi ngamunye lomagazini, futhi saba nesikhathi sesayensi eseqophelweni eliphezulu eyayisekelwe kuwo.

R. I., United States

Izidakamizwa Lapho ngifunda isihloko esithi “Izidakamizwa? Ake Uxhawule USathane!” (November 8, 1990), ngakhala. Lombiko wawudabukisa kodwa, ngesikhathi esifanayo, uqinisa. Lesihloko sakwenza kwacaca ukuthi akukhokheli ukulahla uJehova ngenxa yanoma yini lelizwe elidala elingayinikeza.

M. C. P., Brazil

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela