Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ubuzalwane Bomhlaba Wonke Ngakwazisa ngempela ukwaziswa okukumagazini kaDecember 8, 1990. Ngihlala emkhayeni onobandlululo lobuhlanga, futhi lokhu ngokuvamile kuyangicasula. Bengilokhu ngilindele ukwaziswa okufana nalokhu ukuba ngikuhlanganyele nawo. Njengoba zanikezwa ngokucacile nangokungagwegwesi, lezihloko kumelwe zibe yinzuzo ekuwusizeni ukuba uqonde isizathu sokuba silingise isibonelo sikaNkulunkulu sokungakhethi.
T. C., United States
Amakhaya Ahlukene Ngokwenkolo Nginibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingahlala Kanjani Ekhaya Elihlukene Ngokwenkolo?” (January 22, 1991) Njengoba mina nabantwana bami sasifunda lesihloko ndawonye, sazizwa sengathi naniyiqonda ngempela indlela isimo esinjengalesi esingaba nzima ngayo ngokudabukisayo. Sachaza eziningi zezinkinga thina ngokwethu esibhekene nazo ekhaya lethu siqu. Kwakukhuthaza kakhulu ukwamukela iseluleko esiwusizo esivela emiBhalweni!
D. H., United States
Nami ngikhulela emkhayeni ohlukene ngokwenkolo. Njengomfana ocashunwe kulesihloko, ngezinye izikhathi ngizizwa ngimzwela kakhulu ubaba ngoba usala yedwa endlini lapho siya emihlanganweni yobuKristu. Ngezinye izikhathi ngiye ngalingelwa ukuba ngiyekethise okholweni lwami. Nokho, ngemva kokufunda lesihloko nganquma ukuthi nakuba ngimelwe ngibe nomusa nesu kubaba, ngiyokuqaphela kakhulu futhi ukugwema izingibe ezingokomoya.
J. O., Japane
Ukwamukela Ukusolwa Selokhu ngaba umKristu, abazali bami bebefuna izinto ababengangisola ngazo. Lokhu kuye kwacasula kakhulu. Kodwa isihloko senu esithi “Ingabe Uyakuzonda Ukusolwa?” (February 8, 1991) siye sangibonisa indlela yokubhekana nalesisimo.
M. M., United States
Ukuzijabulisa Okusheshayo Kumelwe ngisho ukuthi ‘ngiyabonga!’ ngezihloko ezazikhuluma ngokuzijabulisa okusheshayo. (January 22, 1991) Bengilokhu ngilwisana nalesimo sengqondo, esibangelwe ukuzondla amahora ayisithupha ngosuku ngibukela ithelevishini phakathi nesikhathi sami sobuntwana. Ukufunda lezihloko kwavuselela umbono wami.
R. D., United States
Ukubhema Ngathola ikhophi yePhaphama!, eyayikhuluma ngokubhema, endlwaneni yokushaya ucingo. (July 8, 1989) Ugebhezi olwalusesembozweni lwangikhanga ngempela! Ngayeka ukubhema eminyakeni emine edlule, kodwa umagazini ngawudlulisela kwenye yamadodana ami ebhemayo. Nginamanye amadodana amathathu nawo okufanele ayeke. Lezihloko zazifundisa kakhulu futhi zingagwegwesi. Nakuba ngingahlanganyeli ukholo lwenu, ngiyaluhlonipha.
P. T., United States
Uthisha wami wayeyixhwele likagwayi, futhi ngaso sonke isikhathi lapho ekhuluma nami, wayenuka intuthu kagwayi. Ngakhumbula lesihloko kanye nezindlela zaso eziyishumi zokuyeka ukubhema. Ngahambisela uthisha wami ikhophi futhi ngambuza ezinyangeni ezintathu kamuva ukuthi wayekuyekile yini ukubhema. Wangitshela ukuthi ngosizo lwalomagazini nangokuzama kwakhe, wayekuyekile. Kwase kuyiminyaka engu-25 ebhema.
B. O., United States
Imikhaya Enabazali Abangabodwa Ngingumzali ongayedwa, futhi njengoba kunokucindezela kokukhulisa nokunakekela abantwana bami ngingedwa, ngithambekele ekugxileni endleleni izinto ezingithinta ngayo, ngokuvamile ngizizwe ngikulokhu ngedwa. Isihloko senu esithi “Ngingajabula Kanjani Ngihlala Nomzali Oyedwa Kuphela?” (December 22, 1990) sangisiza ukuba ngibheke izinto ngelinye iso—labantwana bami. Ngiye ngaqaphela ukuthi imizwa yami nezidingo akukhona nje kuphela okumelwe kucatshangelwe.
P. G. B., United States