Ukuhleba—Indlela Ongagwema Ngayo Ukuzilimaza Wena Nabanye
UMA nje kusenabantu, kuyoba khona ukuhleba. Ngisho nasezweni eliphelele okuprofethwe ngalo eBhayibhelini ngokunokwenzeka ngeke kungabi khona ukuhleba.a (2 Petru 3:13) Inkulumo engaqondiwe, yokuqhuba isikhathi ngabangane nangabantu esibajwayele iyingxenye yendlela esixhumana ngayo omunye nomunye neyokulondoloza ubuhlobo obuhle.
Nokho, azikho neze izaba zenhlebo elimazayo, noma ukunyundela! Lolohlobo lwenkulumo luyalimaza futhi lukhubaze; lungonakalisa ngisho nokuphila, ubuhlobo, namadumela. Ngakho ungakugwema kanjani ukweqa umugqa walokho okufanelekile futhi ucwile enhlebweni elimazayo? Ungazivikela kanjani kuyo? Esinye seseluleko esingcono kakhulu esake sanikezwa ngokuphathelene nalendaba sibhalwe eBhayibhelini. Ake sibheke esinye nje salesiseluleko.
Thula: Kuye kwathiwa “ingxoxo iwukusetshenziswa kwengqondo, kodwa ukuhleba kumane kuwukusetshenziswa kolimi.” Ngempela, inkulumo eningi elimazayo ibonisa, hhayi inzondo, kodwa ukwehluleka ukucabanga ngaphambi kokukhuluma. Abanye balevuza izindaba zabanye; bayanonga, banezele, futhi bahlanekezele ngaphandle kokucabanga ngemiphumela. Badalula ubuthakathaka babangane babo, abalingane, nabantwana kwabanye ngaphandle ngisho kokuqaphela ingozi abayenzayo ngalokho.
Ngaleyondlela iBhayibheli linikeza lesiseluleko: “Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.” (IzAga 10:19) Ngamanye amazwi, cabanga ngaphambi kokuba ukhulume. Cabanga ngaphambi kokuba usho okuthile ngothile. Zibuze: ‘Bengingayisho yini futhi lento uma ekhona lomuntu? Bengingazizwa kanjani ukuba lento ibishiwo ngami?’ (Mathewu 7:12) IHubo 39:1 lithi: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo.”
Kuyavunywa, kungase kube nezimo lapho ukuthula kungase kubonakale kungenakwenzeka. Ngokwesibonelo, ungase ube nezinsolo eziqinile zokwenziwa kobubi obungathi sína obenziwe kuwe noma emkhayeni wakini. Ungase ungabi nabufakazi, kodwa ube nomuzwa wokuthi kudingeka wenze okuthile ngakho. Bekungaba ukunyundela yini ukukhuluma ngakho nomngane omethembayo noma othile onegunya? Ingabe uyinhlebi embi uma uya kothile ukuze uthole iseluleko? Ngokuqinisekile awuyona. IBhayibheli liyakuvuma ukuhlakanipha kokuba nenkulumo yokwembulelana izifuba. Njengoba kulindelekile, ukwahlulela okuhle nokulinganisela kubalulekile lapho kusingathwa izimo ezibucayi kanjalo.—IzAga 15:22.
Musa Ukulalela Inhlebo Elimazayo: Bekungenzekani ‘emilonyeni emide,’ uma zingekho ‘izindlebe ezinde’? Labo abahlala behileleke enkulumweni engenangqondo bamane bayingxenye yenkinga; labo abajabulela ukulalela nabo banecala. Ukulalela nje kungasho ukuthi uyayivumela buthule futhi kube nengxenye ekufafazeni inhlebo elimazayo. IzAga 17:4 zithi: “Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.”
Ngakho lapho ukukhuluma ngothile kuphuma endleleni, kungase kudingeke ukuba ubonise isibindi esithile futhi uthi, ‘Masixoxe ngokunye.’ Futhi uma iqembu labangane onabo njengamanje libonakala lithambekele ngokungenakwelapheka ekuhlebeni okulimazayo, kungase kudingeke ukuba ucabangele ukuthola abangane abasha. IBhayibheli lithi: “Inhlebi ayikwazi ukugcina imfihlo. Hambela kude nabantu abakhulumela futhi.” (IzAga 20:19, Today’s English Version) Ngokunokwenzeka, kumane kuthatha isikhashana ngaphambi kokuba nawe ube yisihloko sendaba.
Ungasabeli Ngokweqisa Enhlebweni: Abantu abaningi bayakujabulela ukuhleba uma nje kungahletshwa ngabo. Ngakolunye uhlangothi, ake sithi uyisisulu sehlebezi elibi noma indaba engamanga. Ngesinye isikhathi kungenzeka ukulandelela umthombo wendaba futhi ngomoya okahle ulungise indaba. Kodwa kuthiwani uma kungenakwenzeka?
Ukucasuka kwakho akufezi lutho. Ngempela, “isififane siyenza ubuwula,” kusho iBhayibheli. (IzAga 14:17) Ngaleyondlela uSolomoni unika lesiseluleko: “Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo . . . Ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.” (UmShumayeli 7:21, 22) Ukuhleba kuyindlela yokuphila, futhi ngesikhathi esithile wena ngokwakho uye wahlanganyela kukho ngentshiseko. Ingabe lendaba kufanele ngempela ukhathazeke ngayo? Ingabe ngokunokwenzeka izophela ngokuhamba kwesikhathi? ‘Kunesikhathi sokuhleka,’ futhi mhlawumbe ngokubonisa ukuthi uyakwazi ukuhleka ngokumane ulihleke, kuyoba indlela engcono kakhulu yokuqeda ihlebezi.—UmShumayeli 3:4.
Musa Ukwenza Isimo Esibi Sibe Sibi Kakhulu: Uma indaba ingafuni ukuphela, zibuze: ‘Kungenzeka yini ukuthi nginika abanye isizathu sokuhleba? Ingabe mhlawumbe ngiziphatha ngendlela ephakamisa imibuzo, ngibonakala sengathi ngenza ububi?’ Cabangela izimo ezilandelayo:
◻ Abasebenza nowesifazane othile ngasese bambiza ngevila nomuntu ongenakwethenjelwa—ngisho nakuba enza imisebenzi yakhe ngendlela eyanelisayo. Kungani enedumela elibi? Ngenxa yento eyodwa, ubonisa isimo sokungakhathali, sokungaxhamazeli leso kalula esingahunyushwa kabi njengobuvila. Indlela azilungisa ngayo ikhululeke kakhulu ukuba ingenziwa esimweni somsebenzi awenzayo. Okokugcina, akanaki lapho ephendula izingcingo zakhe siqu, ukhulumela phezulu kangangokuba adonse ukunakekela kwazo zonke izisebenzi zasehhovisi. Ngaleyondlela, kuba khona ukuhleba!
◻ Umninisitolo wendawo ungundabuzekwayo emphakathini omncane ahlala kuwo. Kunamahlebezi okuthi uye wangathembeka kumkakhe. Lendoda ikuphika ilala ngomhlane ukumangalelwa okungamanga. Iyini imbangela yalamahlebezi? Idumela layo lokujwayela abathengi besifazane ngokungadingekile.
◻ Intombazane esentsha ikhulunyelwa kabi njengengenasimilo. Abanye bathi inamasoka amaningi nokuthi isebenzisa icocaine. Zonke lezindaba zingamanga. Kodwa yazelwa ukuba semshungwini wabantu abasebenzisa izidakamizwa. Igqoka ubulivilivi, futhi iyeqisa ngendlela elungisa ngayo izinwele zayo, nendlela esebenzisa ngayo izimonyo.
Uma uyisisulu sokuhletshwa okubi, kungase kubonakale kuwusizo ukuhlola ukuthi indlela oziphatha ngayo, indlela osebenzelana ngayo nabanye, ngisho nendlela ogqoka futhi uzilungise ngayo, akunezeli yini ngandlela-thile ekuhletshweni kwakho. Mhlawumbe ukulungisa okuthile endleleni yakho yokuphila kungawaqeda amahlebezi. IBhayibheli lithi: “Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka.” (IzAga 26:20) Ngaphandle kwalokho, uma izenzo zakho zisondele esimweni sokungafaneleki, kuhlala kunengozi yokuba ulingekele ekwenzeni okubi ngokoqobo—wenze okwake kwaba yihlebezi kube yinto engokoqobo.—Qhathanisa nabaseGalathiya 6:7, 8; 1 Korinte 10:12.
“Naka Izindaba Zakho”
Ukuhleba kuyohlala kukhona. Nokho, kumelwe kuqashelwe amandla akho akwazi ukubhubhisa. Ungagwema ukukhathazeka okukhulu nosizi okungehlela wena ngokwakho nabanye ngokumane nje ulandele lamazwi ahlakaniphile: “Konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho . . . , khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.”—Filipi 4:8, 9.
Yebo, uNkulunkulu ngokwakhe unesithakazelo endleleni esikhuluma ngayo ngabanye. UJesu Kristu waxwayisa: “Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa. Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”—Mathewu 12:36, 37; qhathanisa neHubo 52:2-5.
Ingabe uyafuna ukuba nobuhlobo obuhle nabanye, ukuba nokuthula kwengqondo, futhi, okubaluleke kunakho konke, ukuma okuhle noNkulunkulu? Khona-ke landela iseluleko esiphefumlelwe seZwi likaNkulunkulu: “Kwenze umgomo wakho ukuphila ngokuthula futhi unake izindaba zakho.” (1 Thesalonika 4:11, NW) Bonisa isithakazelo kwabanye, kodwa yenza kanjalo ngendlela enomusa, nenesizotha. Ngaleyondlela ngeke ungenele ekuhlebeni okubi, okulimazayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade Epharadesi Emhlabeni, ekhishwe yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., isahluko 19.
[Isithombe ekhasini 9]
Hambela kude nenkulumo elimazayo
[Isithombe ekhasini 10]
Ingabe ukuziphatha kwakho ngokunganaki kunika abantu isizathu sokuba bakuhlebe?