“Mina Ngingamehlo Akhe Futhi Yena Unjengezinyawo Zami”
UJOSÉ Luis Escobar noArtemio Duran bakhonza njengabadala ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova eMexico. UJosé Luis uyimpumputhe, futhi uArtemio akakwazi ukuhamba.
Lapho eneminyaka engu-16 ubudala, uJosé Luis wayethanda isibhakela. Ngolunye usuku wamenyelwa ukuba abambele umshayi wesibhakela okhokhelwayo empini. Emzuliswaneni wesine, laba ababili base beshayene kabi kangangokuba impi yamiswa. Nakuba ukunqoba kwanikezwa uJosé Luis, ukushaywa akuthola kwaphumela ekulahlekelweni ukubona kwakhe.
UJosé Luis wahamba odokotela abaningi futhi wahambela nabasebenzisa imimoya. Kodwa akekho owamsiza. Edumele, wazama ukuzibulala izikhathi eziningana. Kamuva oFakazi BakaJehova babonana naye, wafunda amaqiniso eBhayibheli, futhi ekugcineni wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu. Wabhapathizwa ngoAugust 1974.
UArtemio, ngakolunye uhlangothi, wahileleka engozini yemoto engathi sína ngo-1981. Lokhu kwenzeka lapho ehlala futhi esebenza eUnited States ngokungemthetho. Abameleli bamaqembu enkolo ahlukahlukene bamvakashela esibhedlela futhi bamtshela ukuthi wayejeziswa uNkulunkulu ngenxa yendlela yakhe yokuphila embi. UArtemio naye kamuva wabonana noFakazi BakaJehova. Watadisha iBhayibheli, wenza ushintsho oludingekile ekuphileni kwakhe, futhi wabhapathizwa ngoMay 1984.
Manje lamadoda amabili angabangane ebandleni lobuKristu elifanayo. Njalo ayaphelezelana enkonzweni yendlu ngendlu, enza izimpindelo ndawonye kubantu abathakazelayo, futhi ahambela amalungu ebandla ndawonye ukuze awaqinise ngokomoya. UJosé Luis ududula isihlalo sabakhubazekile kuyilapho uArtemio emqondisa lapho okumelwe kuyiwe khona. UArtemio ukhuluma ngabo njengento eyodwa: “Mina ngingamehlo akhe futhi yena unjengezinyawo zami.”