Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 1/1 kk. 3-5
  • Iqiniso liguqula Ukuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso liguqula Ukuphila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Injongo Ekuphileni
  • Umkhaya Omusha
  • “Ngalwisa Okwengonyama”
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
  • Ukuthola Impumuzo Ekuphelelweni Yithemba Kwasebusheni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UJehova Uthembisa UDaniyeli Umvuzo Omuhle Kakhulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • “Mina Ngingamehlo Akhe Futhi Yena Unjengezinyawo Zami”
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 1/1 kk. 3-5

Iqiniso liguqula Ukuphila

KUYADABUKISA kodwa kuyiqiniso ukuthi ukuphila kwabantu abaningi kangaka namuhla konakele, futhi kusengcupheni. Kungenzeka yini ngabantu abanjalo ukuba bathole injabulo? Abanye bayizigebengu ezigebenga omakhelwane babo. Ingabe bangaba amalungu athembekile omphakathi? Impendulo yalemibuzo emibili inguyebo. Abantu bangashintsha. Ukuphila kungaguqulwa. Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi kungenzeka kanjani lokho lapho ebhala: “Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—Roma 12:2.

Ukukhuluma ‘ngentando kaNkulunkulu epheleleyo’ kungase kusikhumbuze lokho uJesu akusho kubafundi bakhe eminyakeni engaphezu kwengu-20 ngaphambi kokuba uPawulu abhale lamazwi angenhla. UJesu wathi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Lapho ekhuluma ‘ngeqiniso,’ uJesu wayesho ukwaziswa okuphefumulelwe ngokwaphezulu—ikakhulukazi ukwaziswa okuphathelene nentando kaNkulunkulu—esikugcinelwe eBhayibhelini. (Johane 17:17) Ingabe iqiniso leBhayibheli liyabakhulula ngempela abantu? Ingabe ukuphila ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu kuyakuguqula ngempela ukuphila? Ngempela kunjalo. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

Injongo Ekuphileni

Esikhathini esingengakanani esidlule, uMoisés, waseGibraltar, wayeyindoda engajabule neze. Uthi: “Ngangiyisidakwa futhi ngiwusikhotheni. Ngangizizwa ngingento yalutho. Njalo ebusuku ngangicela uNkulunkulu ukuba angihawukele angenzi kudingeke ngikhuthazelele olunye usuku. Ngangikhala lapho ngibuza uNkulunkulu ukuthi kungani ngikulomhlaba uma ngingento yalutho, ngingasebenzi, ngingenamkhaya futhi kungekho muntu ongisizayo. Kungani kufanele ngiqhubeke ngiphila?” Khona-ke, kwenzeka okuthile.

UMoisés uyaqhubeka: “Ngabona ukuthi uNkulunkulu wayewuzwile umthandazo wami lapho ngihlangana noRoberto, omunye woFakazi BakaJehova. URoberto wanginika iBhayibheli nekhophi yensiza-kufundisa yeBhayibheli ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?a Nsuku zonke sasifunda ndawonye iBhayibheli ebhentshini engangilala kulo ebusuku. Ngemva kwenyanga uRoberto waya nami emhlanganweni eHholo LoMbuso lendawo loFakazi BakaJehova. Ngokushesha, iqiniso leBhayibheli lase liwushintshe ngokuphelele umbono wami. Angiseyena usikhotheni; angisaphuzi futhi angisabhemi. Ukuphila kwami kushintshile, futhi ngiyajabula. Ngethemba ukuthi ngizobhapathizwa kungekudala bese ngikhonza uJehova njengomunye woFakazi bakhe.”

Yeka inguquko! Ngokuvamile isizathu esenza abantu bangabi nathemba siwukuthi bantula ulwazi. Abamazi uNkulunkulu noma izinjongo zakhe ezinhle. Endabeni kaMoisés, lapho ethola lolo lwazi, lwamnika amandla nesibindi sokushintsha ukuphila kwakhe. Umthandazo umhubi awenza kuNkulunkulu waphendulwa endabeni kaMoisés: “Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho, kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele nasezindlini zakho.”—IHubo 43:3.

EBelize, uDaniel wabhekana nesimo esifanayo. UDaniel wayengeyena usikhotheni—wayenomsebenzi omholela kahle. Kodwa wachitha iminyaka engu-20 elwa nokuluthwa izidakamizwa notshwala futhi ephila ukuphila kokuziphatha okubi. Nakuba akhula engumKatolika, uDaniel wayebona ukuphila kungenanjongo, futhi wayengabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. Waya emasontweni ahlukahlukene efuna usizo kodwa wathola ukuthi abaningi babangane bakhe abasontayo ngisho nabanye babangane bakhe abangabefundisi babesebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala. Ngaleso sikhathi, umkakhe wayesezohlukanisa naye.

Ephelelwe ithemba uDaniel waziyela mathupha esikhungweni sokuqondiswa kwezimilo. Nokho, wayazi ukuthi ngemva kokudedelwa kwakhe, wayezobuyela ngokushesha ezidakamizweni uma ayengalutholi usizo. Kodwa hlobo luni losizo? Ngo-May 1996, ngemva kwezinsuku ezimbili ephumé esikhungweni sokuqondiswa kwezimilo, uDaniel waya komunye woFakazi BakaJehova futhi wammangaza ngesicelo esithi, “Ngicela ufunde nami iBhayibheli.” LoFakazi wahlela ukufunda iBhayibheli noDaniel kabili ngesonto, futhi ngokushesha uDaniel waqala ukuvumelanisa ukuphila kwakhe nentando kaNkulunkulu futhi walahla abangane bakhe bakuqala waba nabangane abangamaKristu abangasebenzisi kabi izidakamizwa noma utshwala futhi abakwenyanyayo ukuziphatha okubi. Ngakho uDaniel wathola ukuthi kuyiqiniso lokho okushiwo yiBhayibheli: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Ngemva kwesikhathi esingeside, wathi: “Ngiyaqala ngqá ekuphileni kwami ukwazi ukuthi kunjani ukuba nonembeza ohlanzekile.” Ukuphila kukaDaniel nakho kwaguquka.

EPuerto Rico, enye indoda yaguquka ngokuphawulekayo. Yayisejele futhi ibhekwa njengeyingozi kakhulu, njengoba yayisibulale abantu abaningana. Ingabe iqiniso leBhayibheli lalingayishintsha? Yebo. Omunye woFakazi BakaJehova wakwazi ukuyinika amakhophi athile omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, futhi ngokushesha yacela abengeziwe. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli nayo, futhi lapho iqiniso leBhayibheli liqala ukuthonya inhliziyo yayo, ushintsho eyalwenza lwabonwa yiwo wonke umuntu. Obunye bobufakazi bokuqala bokushintsha kwayo baba ukuthi yaphungula izinwele zayo ezinde futhi igunda nobhebhenene lwentshebe.

IBhayibheli lithi uNkulunkulu uyazithethelela izoni eziphenduka ngempela futhi zishintshe indlela yazo yokuphila. UPawulu wabhala: “Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu? . . . Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka.” (1 Korinte 6:9, 11) Akungabazeki ukuthi lamazwi ayiduduza lendoda, njengoba kwaba njalo nangamazwi ezEnzo 24:15: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.” Lendoda yathi: “Ngifuna ukuba khona lapho abafileyo bevuswa ukuze ngicele intethelelo kulabo engababulala.”

Umkhaya Omusha

Ngolunye usuku uLuis, umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele ongomunye woFakazi BakaJehova e-Argentina, wethulwa ensizweni eyayinomlando odabukisayo. Njengoba yayilahlwe abazali bayo lapho izalwa, yakhulela ezikhungweni ezihlukahlukene. Lapho isineminyaka engaba ngu-20, yathola umkhondo kanina futhi yanquma ukuyohlala eduze naye. Yasebenza kanzima, yaqongelela imali eningi, yabe isihamba iya edolobheni unina ayekulo. Wayivumela ukuba ihlale naye kwaze kwaba yilapho iphelelwa imali, wabe eseyicela ukuba ihambe. Lokho kwenqatshwa kwayenza yafisa ukuzibulala.

Nokho, uLuis wakwazi ukuhlanganyela nalensizwa iqiniso leBhayibheli. Lelo qiniso lihlanganisa nesiqinisekiso esithi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Lensizwa yathola ukuthi yayinoYise wasezulwini owayengasoze ayilahla. Manje iyakujabulela ukuba ingxenye yomkhaya omusha, umkhaya kaJehova.

Enye indoda ezweni elifanayo yatshela omunye woFakazi BakaJehova ukuthi iyawuthanda umagazini INqabayokulinda. Ngani? Ngoba wawusindise umshado wayo. Kubonakala sengathi ngolunye usuku lendoda, lapho ishayisa emsebenzini, yabona emgqonyeni kadodi umagazini INqabayokulinda onesihloko esikhulu esithi “Isehlukaniso.” Njengoba yayinezinkinga zomshado futhi yona nomkayo sebefake isicelo sokuhlala ngokuhlukana ngokomthetho, yawucosha lomagazini futhi yaqala ukuwufunda. Yaya nawo ekhaya futhi yawufunda nomkayo. Lombhangqwana wazama ukusebenzisa iseluleko esisekelwe eBhayibhelini esikulowo magazini. (Efesu 5:21–6:4) Ngokushesha, ubuhlobo bawo bathuthuka. Wasihoxisa isicelo sawo sokuhlala ngokuhlukana futhi manje ufunda iBhayibheli njengombhangqwana oshadile onobunye.

E-Uruguay, enye indoda okuthiwa uLuis yayingajabule neze. Ukuluthwa izidakamizwa, ukusebenzelana nemimoya, ukukhulekela izithombe, ukusebenzisa kabi utshwala—kwakungezinye zezinto ezazenza ukuphila kwayo kuxake. Ekugcineni, uLuis, ekhungatheke ngokuphelele, waphika ukuba khona kukaNkulunkulu. Umngane wakhe wamnika incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?b Lokhu kwamenza wazihlanganisa noFakazi BakaJehova isikhashana, kodwa akuthathanga sikhathi uLuis wabuyela otshwaleni nasezidakamizweni. Ecindezeleke kakhulu, wazithola ehlezi emabibini, wathandaza “kuyise kaJesu Kristu,” njengoba ayengaqiniseki ngegama likaNkulunkulu.

Wacela ukuba uNkulunkulu ambonise ukuthi sikhona yini isizathu sokuba abe semhlabeni. “Ngosuku olulandelayo,” kubika uLuis, “othile engijwayelene naye wanginika incwadi ayengasayisebenzisi. Sasithini isihloko sayo? IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!”c Lencwadi yamsiza ekuphenduleni umbuzo wakhe. ULuis waphinde wathandazela usizo lokuba athole inkolo eyayizombonisa indlela yokukhonza uNkulunkulu. Yeka ukumangala! Kwakhala insimbi yasemnyango, futhi ngaphandle kwakumi oFakazi BakaJehova ababili. Ngokushesha uLuis waqala ukufunda nabo iBhayibheli. Wathuthuka ngokushesha futhi manje uzizwa ebusisekile ngokuba uFakazi obhapathiziwe. Uphila ukuphila okuhlanzekile futhi usiza abanye ukuba nabo bathole injongo yokuphila kwabo. Kuye, amazwi eHubo 65:2 aye agcwaliseka: “Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.”

EPhilippines, u-Allan wayengumfundi oyivukela-mbuso. Wayeyilungu lenhlangano eyayinenjongo “yokugumbuqela uhulumeni ukuze izizukulwane ezizayo zijabulele amalungelo alinganayo.” Nokho, ngolunye usuku wahlangana noFakazi BakaJehova futhi wafunda ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu eBhayibhelini. Leyo njongo ihlanganisa isithembiso esiphefumulelwe esithi: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho . . . Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:10, 11) U-Allan wathi: “Ngokushesha ngathola ukuthi lokho inhlangano yethu eyayikulwela kwathenjiswa kudala eBhayibhelini. Zonke lezi zinto esizilangazelela kangaka zizoba khona ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.” Manje u-Allan usekela uMbuso kaNkulunkulu futhi usiza abanye ukuba babe nokholo eqinisweni leBhayibheli.

Yebo, ukuphila kuyaguquka ngempela lapho abantu belalela iqiniso leZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Yiqiniso, siyeza isikhathi lapho lonke uhlanga lwesintu esiphilayo luyobe luvumelanise ukuphila kwalo nentando kaNkulunkulu. Yeka ukuthi lokhu kuyoba inguquko engakanani! Khona-ke, kuyogcwaliseka isiprofetho esithi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.

[Imibhalo yaphansi]

a Inyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

b Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

c Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela