Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
INarcolepsy Eminyakeni engamashumi amathathu edlule ngaxilongwa kwatholakala ukuthi nginenarcolepsy. Konke ukuphila kwami ngiye ngakuphila nezinkinga ezibangelwa ukulala ngesikhathi esingafanele. Ngenxa yokuthi ngiyalala emihlanganweni yobuKristu, abanye baye baphetha ngokuthi anginakho ukwazisa ngezinto ezingokomoya. Imizamo yokuchaza isimo sami iye yabanhlanga zimuka nomoya. Ngakho-ke, ngiyanibonga ngesihloko senu esihle (April 8, 1991) esikhuluma ngesifo sokulala esiyinqaba.
R. N., Germany
Yazisa Asebegugile Ngiyanibonga ngezihloko ezithi “Ingabe Uyabazisa Asebegugile?” (March 22, 1991) Ngemva kweminyaka engu-40 yenkonzo yokwethembeka eya kuNkulunkulu, umama wadinga ukunakekelwa isikhathi esigcwele ngenxa yesifo iAlzheimer. Ikhalenda elinyatheliswa iWatch Tower Society laba usizo olukhulu, njengoba izivakashi zakhe eziningi zazibhala amagama azo osukwini ezizovakasha ngalo. Ngaleyondlela ngakwazi ukumkhumbuza ukuthi bekungemina okuwukuphela kwesivakashi sakhe, njengoba ezingaphezu kwengxenye zalezozinsuku zazigcwele amagama! Futhi, wathola ukunakekelwa okuhle ngokukhethekile okuvela ezisebenzini zasekhaya labagugile ngoba zazazi ukuthi baningi kangaka ababenesithakazelo enhlalakahleni yakhe. Nginibonga kakhulu ngokusikhathalela kwenu.
W. J. H., United States
Umama wami, okhubazeke kwesingezansi, akakwazi nokwenzani. Njalo ekuseni kudingeka simgeze wonke umzimba futhi sishintshe amashidi ombhede. Kudingeka agqokiswe futhi afunzwe, futhi ngokuvamile udinga ukwelashwa. Umyeni wami nabantwana bawusizo lwangempela, kodwa ingxenye enkudlwana yalomthwalo wemfanelo iphezu kwami. Ngiyaye ngibe nezikhathi zokudumala, futhi umoya wokuzidela udingeka ngokuqhubekayo. Ngakho-ke izihloko zenu ngazifunda ngentokozo enkulu. Nginibonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami.
L. D., Italy
Isibonelo Sabakwelamayo Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingaba Kanjani Isibonelo Kubafowethu Nodadewethu Abancane?” sangithinta ngokujulile. (April 8, 1991) Njengoba ngingowokuqala kubantwana abathathu, engingakusho nje ukuthi ngifisa sengathi ngabe ngafunda lesosihloko ebusheni bami. Manje nginabantwana ababili engibazele futhi ngikhululekile ngokuthi bayoba neseluleko esinjalo esihle sokusilandela.
L. K., Germany
Ukuba Umzanyana Nginibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingaba Kanjani Umzanyana Omuhle?” (March 8, 1991) Ngasithola eposini lapho ngisewumzanyana womfowethu oneminyaka eyisithupha ubudala. Njengoba ngangisifunda, ngamtshela ukuba acoshe amathoyizi akhe. Khona-ke ngafika esigabeni lapho kwakushiwo khona ukuthi ukuziphatha okuhle okuvuzayo kungasebenza kangcono kunenqwaba yezinsongo. Ngakuzama lokhu, futhi kwasebenza! Futhi ngayazisa ingxenye lapho kwakushiwo khona ukuthi akukuhle ukubiza umntwana ngokuthi siwula noma sidwanyampuphu. Bengimbiza ngokuthi uyisiwula, futhi manje ngiyaqaphela ukuthi lokhu kuwubuwula ngami.
A. L., United States
Itsheboya NjengesiSebenzi Sokwakha Ngetsheboya esiqeqeshiwe, ngithanda ukusho indlela engajabulela ngayo isihloko esilinganiselayo esithi “Indaba Yetsheboya.” (March 22, 1991) Njengengxenye yokuqeqeshwa kwami, ngezwa izinkulumo zezazi zomdlavuza. Omunye udokotela wafakazela ukuthi amathuba okuba itsheboya likuthinte kabi makhulu kakhulu uma ubhema. Njengokuvamile, izihloko zenu zishaya emhloleni futhi zigcwele ukwaziswa.
J. M., United States
Ilupus Umalume wangithumelela isihloko esinendaba kaRobin Kanstul esithi “Indlela Engiphila Ngayo Nelupus.” (May 8, 1990) Ngawufunda wonke umagazini futhi ngawujabulela. Nami nginelupus, futhi odokotela abazange bangitshele ngisho nengxenye yalokho lesihloko esakwenza. Ngiyabonga, Robin Kanstul, ngokulandisa. Ngiyabonga, Phaphama!, ngokunyathelisa indaba yakhe. Ngiyazi manje ukuthi angingedwa, futhi ngifunda ukubhekana nayo.
R. B., United States