Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 8/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 8/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Isifuba Somoya Ngibonga ngokusuka enhliziyweni ngesihloko esikhuluma ngesifuba somoya. (March 22, 1990) Naphumelela ngempela ukuchaza lesi sifo esiyinkimbinkimbi ngamazwi alula naqondakalayo. Njengamanje ngihlala nendodana yami emtholampilo lapho ihlolwa khona isifuba sayo somoya. Esayo sibonakala sihlobene nokungezwani nokudla, uthuli, nezibungu. Konke esikufundayo kuyavumelana nalesihloko.

M. S., EFederal Republic yaseJalimane

Ubhapathizo Nginibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe kumelwe Ngibhapathizwe?” (March 22, 1990) Ngobusuku bangaphambi nje kokuba ngithole lomagazini, ngathandazela usizo ukuze ngazi ukuthi ngangikulungele yini ukubhapathizwa. Lesihloko sakhuluma ngakho kanye enganginomuzwa wakho. Ngibheke phambili ekubhapathizweni kwami.

A. S., EUnited States

Esihlokweni senu esithi, “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngikulungele Ukubhapathizwa?” (April 8, 1990), nathi ‘mhlawumbe umbuzo onzima kakhulu uhilela ubuhlobo bakho noNkulunkulu.’ Akukho obekungaba iqiniso ukwedlula lokho! Lapho ngibhapathizwa ngineminyaka engu-14, ngangingenabo ubuhlobo bomuntu siqu obuseduze noJehova. Manje sengiyazi ukuthi kusho ukuthini ukuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Lokho ngempela kubalulekile.

J. R., EUnited States

Lesihloko saba usizo olukhulu kimi; kangangokuthi ngizobhapathizwa emhlanganweni wesifunda olandelayo woFakazi BakaJehova. Yinhle ngempela indlela enibonisa ngayo uhlangothi lwentsha lwezinto.

K. M., EFederal Republic yaseJalimane

I“Lupus” Angiyena omunye woFakazi BaJehova, kodwa kufanele nginihalalisele ngomagazini wenu kaMay 8, 1990 onezihloko ezikhuluma ngokungcola nendaba ethakazelisayo yelupus. Sekuyiminyaka engu-14 ngiphethwe ilupus. Ukufunda indaba kaRobin kwakunjengokubukeza indaba yokuphila kwami. Wasisingatha ngendlela eqondile kakhulu, okuyinto zonke iziguli zelupus okumelwe zizame ukuyenza.

Y. M. B., England

Ngikhuthazeka kakhulu ngokufunda ngabazalwane nodade abaningi abangamaKristu abancika kuJehova zonke izinsuku ukuze bakhuthazelele ukugula kwabo. Muva kakhulu impela, ngahlaselwa izinhlungu zomlenze (iosteoarthritis yenqulu) futhi angikwazi ukuma isikhathi esingaphezu kwehora. Kodwa ngomusa kaJehova, ngiyakwazi ukuqhubeka ngikhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele. Indaba kaRobin yabonisa indlela uJehova azinakekela ngayo izidingo zethu ngabanye.

H. A., EJapane

Abazali Abalwayo Esihlokweni senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Kumelwe Ngenzeni Uma Abazali Bami Belwa?” (December 8, 1989), nasikisela ukuthi osemusha kumelwe amane aphume futhi aye ekamelweni lakhe lapho abazali belwa. Ngithola lokhu kuyingozi. Uma ngingasuka lapho impi ikhona, ubaba wami ononya angambulala umama! Ngaleyondlela ngikuthola kusiza ukuba khona ukuze ngibahlukanise lapho belwa.

P. M. E., ENigeria

Umbhalo waphansi kuleso sihloko wathi: “Asibhekiseli ezimweni lapho ubaba onobudlova esongela amalungu omkhaya ngobudlova.” Izimo ziyahlukahluka, futhi osemusha angakhathazeka ngokufanelekile ngokulondeka komunye wabazali bakhe. Umbhalo waphansi wabe usunezela: “Ezimweni ezinjalo, amalungu omkhaya angase aphoqeleke ukuba athole usizo lwangaphandle ukuze azivikele ekulinyazweni ngokomzimba.”—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela