Zinyoni Ezithuthayo Qaphelani: Ningadluli EYurophu!
“EMAMATHEKA njengekati eligwinye inyoni, uweta ngokuziqhenya uletha ukudla okuyinhloko. Epuletini, eceleni kophuthu olushunqayo, imilonyana yezinyoni emithathu, emnyama ibheke kodlayo oneshwa. Imizimba yezinyoni eyosiwe ichuthiwe kodwa ayihlinziwe. Izimpiko zazo nemicondo kufana nemilenze yezinambuzane. Zicwebezeliswa uwoyela weminqumo onuka kamnandi.”
Saqala kanjalo isihloko esikuWall Street Journal yangonyaka odlule. Kuwukudla okujabulisayo, okubizayo kwesikhathi samaholide okuphekwa esitolo sokudla eItaly. Odlayo ngokuvamile usobozela yonke inyoni emlonyeni, afohloze amathambo nakho konke. Kungalesisikhathi kuphela lapho kungenzeki ngaleyondlela. Kunalokho, odlayo, uPiergiorgio Candela, isikhulu senhlangano yokuvikelwa kwezinyoni yaseItaly, sihlokoloza imizimba emithathu emincane, sizama ukubona uhlobo lwazo. Siyaphetha: “Lezizinyoni azivumelekile ngokomthetho.” Kulokho kuhlasela okuzumayo okukodwa, sathola amarobin achuthiwe angu-1 400 ekhishini.
Lesisihloko siyaqhubeka: “Izinhlobo ezimbalwa zingabulawa futhi zidayiswe ngokomthetho; eziningi ngeke. Noma kunjalo. Unyaka ngamunye, amarobin avikelekile ayizigidi ezingu-50, amanqomfi kanye nezinye izinyoni eziculayo ziphelela emapuletini okudla kwasemini aseItaly. . . . Sekukonke, ukuzingela nokucupha kubulala u-15% wezinyoni ezithuthayo endaweni yaseMedithera. ESpain, abalimi baseCatalonia bagcoba amagatsha ngenhlaka ukuze izinyoni zinamathele, ngaphambi kokuzilungisa. Eduze kwaseBergamo, eItaly, abacuphi benza izinyoni eziculayo zibe izimpumputhe ukuze bazenze izilwane zasekhaya ezicula kamnandi. Futhi eMalta u-10% wezakhamuzini ezingu-300 000 unesiko laminyaka yonke lokudubula, ukufaka emakhejini nokunonga izinyoni zasendle eziyizigidi ezine.”
Izinyoni eziculayo ezithuthayo azinakho ezingacula ngakho kulezinsuku. Ezindaweni eziningi akusezwakali ukukhala kwazo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
G.C. Kelley photo