Ukubuka Okwezwe
U-1991 Uqale Kabi
Uchungechunge lwezinhlekelele emhlabeni wonke ezinyangeni ezimbalwa zokuqala zalonyaka luye lwathena amandla ezinhlangano zosizo. “Kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II akukaze kwenzeke ukuthi abantu abaningi kangaka emazwekazini ahlukahlukene amaningi kangaka babhekane nenhlekelele enjalo,” kusho iU.S.News & World Report. IGeorgia yaseSoviet yagadlwa ukuzamazama komhlaba kathathu. Okunye futhi kwagadla iCosta Rica nePanama. Iziphepho eUnited States zacoboshisa izingxenye zeKansas neOklahoma. Isishingishane esinomoya onesivinini samakhilomitha angu-230 ngehora sagadla iBangladesh amahora ayisishiyagalombili, sibulala okungenani abantu abangu-125 000 futhi sishiya izigidi zingenamakhaya. “Njengoba zazihambisana nezidingo esifundeni sasePersian Gulf naseAfrika, lapho indlala isongela khona kakade abantu base-Ethiopia nabaseSudan bebodwa abayizigidi ezingu-14, lezinhlekelele ezintsha ziye zashiya izinhlangano zibamba ziyeka,” kubika lomagazini. Esinye isikhulu senhlangano yeSiphambano Esibomvu sathi: “Angazi ukuthi ngokulandelayo ngizobonani.”
Ukufa Okwabangelwa Ukuzamazama Komhlaba
Ukuzamazama komhlaba ngonyaka odlule kwabangela cishe ukufa kwabantu abaningi njengaphakathi nalo lonke ishumi leminyaka elidlule. NgokweGeological Survey yaseU.S., ngo-1990 kwabikwa ukufa kwabangaphezu kuka-52 000 ngenxa yokuzamazama komhlaba, uma kuqhathaniswa nabangu-57 500 ababulawa ukuzamazama komhlaba phakathi kuka-1980 no-1989. Leli kwakuyinani eliphakeme kunawo wonke laminyaka yonke kusukela ngo-1976. Ukufa kwabantu abaningi kwenzeka ekuzamazameni okukodwa okulinganiselwa ku-7,7 okwagadla i-Iran ngoJune, kubulala abalinganiselwa ku-50 000 futhi kulimaza abanye abangu-60 000. Lombiko wabala ukuzamazama komhlaba okukhulu okungu-68 ngonyaka odlule, okwedlula okwangonyaka owandulelayo ngokuyisishiyagalombili.
Abafundi Bezemithi Nokusetshenziswa Kabi Kwezidakamizwa
Abafundi bezemithi abasaqala abafunda eYunivesithi yaseTexas eAustin eUnited States batshelwa ukuthi ezweni lonke, abafundi bezemithi banezinga eliphakeme kakhulu lokusebenzisa kabi izidakamizwa kunazo zonke izikole zokufundela umsebenzi. Ngani? “Angazi ngempela,” kusho iPhini loMphathi Wesikole Sezemithi uArlyn Kloesel. “Kodwa imisebenzi efundelwayo yokunakekela abantu ithambekele ekukhangeni lolohlobo lwabantu. Futhi akubi umfundi onekhanda eliqinile. Ngokuvamile kuba umfundi ophumelelayo, umfundi ophuma phambili . . . ekugcineni ophetha nalenkinga.” Abafundi belulekwa ngokuthi ngaphambi kokuba imilutha yezidakamizwa noma yotshwala isizwe ngokufanelekile, kumelwe ivume ukuthi inenkinga bese izimisela ukuthola usizo.
Ubugebengu Obunobudlova Buyakhula EUnited States
“Ubugebengu obunobudlova, obuningi babo obuhlobene nezidakamizwa, buyakhula cishe ngokoqobo kuwo wonke amadolobha eMelika,” kusho umagazini iNewsweek. “Izibhamu, kuhlanganise nezikhali zokuhlasela kwezempi, zibonakala zikuyo yonke indawo—ngisho nasezandleni zabantwana.” Ukubulala kwaqopha irekhodi elisha ngonyaka odlule. Kwabulawa abantu abalinganiselwa ku-23 200, abangamaphesenti angu-60 babo ngokusetshenziswa kwezibhamu. “Phakathi kwawo wonke amahora angu-100 emigwaqweni yethu silahlekelwa izinsizwa ezintathu ezengeziwe kunalezo ezabulawa emahoreni angu-100 empi yomgunda-tshani ePersian Gulf,” kukhalaza uNobhala WeHealth and Human Services uLouis Sullivan. Lokhu kunjalo naphezu kweqiniso lokuthi iUnited States inezinga lababoshwayo eliphakeme kunalo lonke emhlabeni leziboshwa ezingu-426 kulabo nalabobantu abangu-100 000. Ukubulala manje sekuyimbangela ephambili yokufa kwabesilisa abansundu abaphakathi kweminyaka yobudala engu-15 nengu-24. Kungani ubugebengu buye banyuka kangaka? Ngokochwepheshe, “amazinga obugebengu ayanda lapho ukulawulwa komphakathi—umkhaya, isonto, omakhelwane, nazo zonke izibopho ezingabonakali zomphakathi obumbene—kuwohloka,” kusho iNewsweek.
Ukunakekelwa Kwempilo Yezilwane
Ukwelashwa kwezilwane zasekhaya kuhlanganisa izinto eziningi kusukela “ekuhlinzweni okuyinkimbinkimbi kuya ezimisweni zokulawula isisindo eziqashelwayo, ukunakekelwa kwamazinyo nokweluleka ngokuziphatha,” kubika iToronto Star. “Ukufuya isilwane namuhla akuve kubiza,” kusho omunye umhlengikazi. Ukwelapha inqina eliphukile lenja enkulu kungabiza ngaphezu kuka-R1 700. Lungela ukukhokha u-R1 900 nangaphezulu ekwelapheni isibindi esilimele. Ukufakelwa izinso kungawudlula kalula nje u-R12 200. Ukweluleka ngokuziphatha kubiza u-R240 ngehora. Izinkonzo zokunakekela izilwane zihlanganisa futhi namagumbi okubelethisa, izindawo zokunakekela izimo ezibucayi, ukusetshenziswa kokutshopa, amaelectrocardiogram, ukususwa kwesibazi esweni, ukusetshenzwa kwamazinyo, ngisho nomshuwalense wezilwane zasekhaya.
Amahlathi Anyamalala Ngokushesha
“Amahlathi omhlaba asezindaweni ezishisayo anyamalala ngesivinini esingu-50% kunokuba kwakulinganiselwa ngaphambili,” kubika iPerspectives, iphephabhuku leInternational Institute for Environment and Development. Esikhundleni samahektare alinganiselwa ezigidini ezingu-11 ngonyaka, imininingwane eqoqwe iWorld Resources Institute manje ibonisa ukuthi “amahektare ayizigidi ezingu-16 kuya ku-20 amahlathi asezindaweni ezishisayo kungenzeka agawulwe unyaka ngamunye.”
Ukuphela Kwenombolo 666
“IBrithani iye yayilahla inombolo yobuSathane engu-666 ezinombolweni zelayisense yezimoto,” kubika incwadi iLeaders. NgokukaAnnette Welsh, umkhulumeli woMnyango Wezokuthutha waseBrithani, abashayeli babekhononda ngokuthi lenombolo yayibangele ukuba benze izingozi. Enye indoda yaseWales yathi esontweni elilodwa ngemva kokuba inikezwe leyonombolo, amanzi endlu yayo afakwa ubuthi, indlu yayo yagqekezwa, futhi imoto yayo yafahlazwa iloli. Eqinisweni, isAmbulo 13:18 sisebenzisa inombolo 666 esilweni sasendle esingokomfanekiso esimelela isimiso sezwe sezombangazwe futhi asiyihlanganisi nezingozi noma izigameko ezifana nalezo ezehlakalela abantu siqu.
Ingculaza Iyanda
Isibikezelo sengculaza esibi kuna-zo zonke kuze kube manje siye sakhululwa muva nje iWHO (World Health Organization [INhlangano Yezwe Yezempilo]). Lesibikezelo sibonisa ukuthi ngonyaka ka-2000, abantwana abayizigidi ezingu-10 nabantu abadala abayizigidi ezingu-30 bayobe sebethole igciwane lengculaza emhlabeni wonke. Kulinganiselwa ukuthi ngalesosikhathi abantu abayizigidi eziyishumi bayobe sebeyiziguli zengculaza ezisocansini lokufa nokuthi ukubulawa yilesifo kuyokwenza izigidi eziyishumi zabantwana zibe izintandane. Onyakeni owodwa nje odlule, iWHO yabeka inani labaphethwe ingculaza kubantwana abayizigidi ezingu-5 nakubantu abadala abayizigidi ezingu-25. Ukubikezela kwabukezwa lapho ukuhlola kubonisa ukuthi leligciwane lalanda ngezinga elisabisayo ezingxenyeni zeSahara zaseAfrika naseAsia.
Ukuzimuka Kwabayeka Ukubhema
Lokho ababhemayo abaningi abakwesaba kakhulu ngokuyeka kuwukuthi bazozimuka. Abacwaningi eZikhungweni Zokunqanda Izifo eUnited States bathola ukuthi obhemayo ovamile oyeka ogwayi uzimuka ngamakhilogremu amathathu kuya kwamane enkathini eyiminyaka eyisihlanu. “Ngokwezempilo, lokho kuzimuka akukukhulu,” kusho umqondisi walokhu kuhlola. Nokho, izinzuzo ezingokwempilo zokuyeka ziyedlula kude noma iyiphi ingozi yokuzimuka.
Usawoti Omncane Uyinzuzo
Ukunciphisa isilinganiso sikasawoti ngamagremu amathathu ngosuku kungehlisa ukuphathwa isifo senhliziyo ngamaphesenti angu-16 nokufa uhlangothi ngamaphesenti angu-22 emazweni aseNtshonalanga, kusho abacwaningi baseLondon. Lokho kunciphisa bekuyoba nempumelelo eyengeziwe kunokwelashwa ngemilaliso. Benyathelisa imiphumela yabo kuyiBritish Medical Journal, abacwaningi baseSikoleni Sezokwelapha Sasesibhedlela saseSt. Bartholomew, eLondon, baluleka abakhiqizi ukuba banciphise isilinganiso sikasawoti emikhiqizweni yabo. Bathi ukuba usawoti ubungefakwe ekudleni okusemathinini, ukuhlaselwa inhliziyo bekungancishiswa ngamaphesenti angu-30 nokubulawa ukufa uhlangothi ngamaphesenti angu-39, kuvimbele ukufa kwabangu-65 000 ngonyaka eBrithani iyodwa. Abantu belulekwa ukuba banciphise ukudla kwabo usawoti ngokunganezeli usawoti lapho bedla nangokugwema ukudla okunosawoti.
Ubuphekula Ezindizeni—Ikhambi Alikatholakali
“Ubuchwepheshe bezesayensi obuhloselwe ukubhuntshisa ukuhlasela kobuphekula ezindizeni zezohwebo namanje abukwazi ukunikeza lokho izazi zesayensi ezazikulindele,” kuphawula umagazini iNew Scientist. “Ngemva kweminyaka eminingana yokuhlola, asikho isimiso sokupopola esihlangabezana ngisho nezimfuneko ezincane ezabekwa iFederal Aviation Administration (FAA) yaseUS.” Lenhlangano yayifuna isimiso esasiyopopola izikhwama eziyishumi ngomzuzu, sikwazi ukuthola “[amakhilogremu] ambalwa” eziqhumane ngamaphesenti angu-95, kodwa sibe nesilinganiso sokungenzi-phutha “esisondela” ephesentini elilodwa noma amabili. Nokho, imishini yokuhlola yeX-ray nemishini ekwazi ukuthola insimbi ayikwazi ukuthola “isikhali samuva sephekula esithandwayo”—iziqhumane zepulasitiki. Isiqhumane sepulasitiki sasetshenziswa ekuqhumiseni indiza iPan American phezu kwaseLockerbie, eScotland, ngo-1988.
Esinye Isizathu Sokungabhemi
Sekuyaziwa kakade ukuthi ukubhema ugwayi kwandisa ingozi yokuhlaselwa inhliziyo. Ukuhlola manje kubonisa ukuthi kungase “futhi kuvimbele ukungaphatheki kahle okubikezela isifo senhliziyo,” kusho umagazini iHealth, futhi kunciphisa ukuzwa ubuhlungu. “Uma ugwayi uphazamisa ukuzwa ubuhlungu, ungaba nokulimala okukhulu enhliziyweni yakho ngaphambi kokuthola usizo lwezokwelapha,” kusho uDkt. Michael Crawford, usihlalo woMkhandlu Wenhlangano YaseMelika Yezifo Zenhliziyo.