Ukuvimbela Imililo Ekhaya
NJENGOBA indaba elandiswayo isho, inkomo kaNkk. Patrick O’Leary yakhahlela isibani sikaphalafini esasisenqolobaneni yotshani futhi sokhela umlilo omkhulu waseChicago ngo-1871. Izindleko zomonakalo wempahla nokuphila zazishaqisa. Ngokomunye umthombo, umlilo washiya abangu-100 000 bengenamakhaya, wabhubhisa izakhiwo ezingu-17 400, futhi wabulala abantu abangu-250.
Namuhla, eminyakeni engu-120 kamuva, ezobuchwepheshe bokucisha umlilo ziye zasiza ukuvimbela imililo emikhulu eminingi. Nokho, imililo yasemakhaya iyaqhubeka iwusongo oluyingozi. INFPA (National Fire Protection Association [iNhlangano yeSizwe Yabacishi Bomlilo]) ithi eUnited States, cishe abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezinhlanu babulawa imililo yasekhaya ngonyaka owodwa. Njengoba kulandiswe kuyiVancouver Sun, iNFPA yanikeza amasu alula ambalwa okusiza ukuba imililo yasekhaya ingaqalisi. Nanka:
◻ Ungavumeli ukubhenywa kukagwayi endlini. Izingozi ezihilela ababhemi bakagwayi abanganaki ziyaqhubeka ziyimbangela ehamba phambili yokubulawa imililo yasekhaya.
◻ Ungashiyi izinto zokufudumeza indlu (heater) zivutha kungekho muntu noma lapho ulele.
◻ Ungaxhumi izinto eziningi zikagesi endaweni eyodwa noma usebenzise izintambo zikagesi ezihululekayo. Sebenzisa kuphela amafuse obukhulu obufanele.
◻ Gcina izitofu zamalahle noshimula kuhlanzekile. Kuhlole minyaka yonke.
◻ Hlola njalo imishinyana ezwa intuthu, futhi ufake amalahle (batteries) amasha minyaka yonke. Qiniseka ngokuthi bonke ekhaya bayawazi umsindo owenziwa umshinyana ozwa intuthu.
◻ Hlola ukuthi bonke emkhayeni bayayazi yini intuba yokubalekela umlilo, futhi gcina lentuba ingavinywe yilutho.