Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 10/8 k. 31
  • Lapho Umlilo Ungasalawuleki

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Umlilo Ungasalawuleki
  • I-Phaphama!—1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umlilo! Yisiphi Isicisha-mlilo Okufanele Usisebenzise?
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuvimbela Imililo Ekhaya
    I-Phaphama!—1991
  • Lapho Umlilo Usongela Isixuku
    I-Phaphama!—1990
  • Isundu Lamafutha Elinemisebenzi Ehlukahlukene
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 10/8 k. 31

Lapho Umlilo Ungasalawuleki

Ngumlobeli we-Phaphama! eGhana

UMLILO. Lapho usalawuleka, uyisikhonzi esiwusizo. Kodwa lapho ubhebhetheka ungasalawuleki, ungaba yinto enkulu ebhubhisayo esobozela yonke into esendleleni yayo—umuntu, isilwane, izihlahla, nohlaza.

Ngo-1983 umlilo wequbula e-Australia waqothula amazwe aseNingizimu Australia naseVictoria. Abantu abangaphezu kuka-70 bafa, wabhubhisa izinkomo ezingu-36 000, izimvu ezingu-320 000, namakhaya angaphezu kuka-2 000.

Onyakeni ofanayo, imililo yequbula eGhana yaphumela ekuqothulweni kwamaphesenti angu-72 amakhilomitha-skwele angu-238 000 alelizwe. Okungenani kwafa abantu abangu-29; abanye abangu-34 balimala.

Ingxenye encane yemililo yequbula ingumphumela wezinqubo zemvelo, njengombani. Eminingi ibangelwa abantu. EGhana imbangela eyinhloko yemililo yequbula ukukhanywa kwezihlahla zamasundu. Izisebenzi zokhela izinyanda zezinswani ukuze zishise izihlahla zamasundu, zenze ukuba inkovu yesihlahla sesundu igeleze. Nokho, ngokuvamile umlilo ngengozi uyabhebhetheka, bese kudaleka umlilo wequbula.

Kwamanye amazwe ase-Afrika, kuyinto evamile ukuba iqembu labazingeli lingunge ihlozi bese lilokhela ngomlilo ukuze likhiphe izinyamazane okungenzeka zikulo. Labo abasinga uju lwezinyosi zasendle basebenzisa umlilo ukuze baxoshe izinyosi endlini yazo. Ngezinye izikhathi abenzi mzamo wokuba bacishe lemililo abayokhelayo.

Emazweni ashisayo ase-Afrika abalimi abaningi basebenzisa indlela yokulima yokugenca bese ushisa. Bagenca ihlathi endaweni abahlose ukulima kuyo bese beshisa izinsalela. Uma ungalawuliwe, lomlilo ungabhebhetheka ngokushesha.

Kwezinye izindawo, abelusi bashisa utshani obomile ngenkolelo yokuthi, lapho kufika isikhathi semvula, izwe liyohluma, futhi kube namadlelo angcono ezilwane zabo. Lapho lemililo iyekwa ukuba ivuthe ize izicishele—njengoba ngokuvamile kubanjalo—ingabhebhetheka kalula. Abakanisile nabasebenza emasimini ngokufanayo baba necala ngezinye izikhathi lokokhela izingomane ngokwehluleka ukucisha imililo yasenkanjini.

Khona-ke, kusobala ukuthi ukunganaki kuyimbangela yemililo yequbula eminingi.

Nokho, ingabe ikhona indlela yokuvimbela ukuba kudaleke imililo enjalo? Ukuthatha izinyathelo zokuphepha ezinengqondo kungenza umehluko omkhulu. Ngokwesibonelo, ngokubabela indawo enobubanzi obusuka emamitheni ayisihlanu kuya kwayishumi eduze kwanoma yimuphi umlilo owokhelwa endle, usiza ekunqandeni noma yikuphi ukubhebhethekela komlilo ezindaweni ezimalungana naleyondawo. Ukucisha ngokuphelele yonke imililo oye wayokhela kungesinye isivikelo esibalulekile. Khumbula, ukuvimbela umlilo wequbula kulula kakhulu kunokuzama ukuwucisha.

Abanye bakholelwa ukuthi izijeziso ezinzima ezitholwa abokheli balemililo zinganqanda ukunganaki nezenzo zonya zokushisa umlilo. Abanye baphikisa ngokuthi indlela engcono kunazo zonke yokuvimbela imililo yequbula imfundo nokubambisana ngokuzithandela kwabo bonke.

Phatha umlilo ngendlela yenhlonipho ekahle. Ngokusebenzisa ukunakekela okunengqondo, singakugwema ukubangela lesikhonzi esiwusizo ukuba sibe yinto enkulu ebhubhisayo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]

P. Riviere/Gamma Liaison

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela