Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 9/8 k. 31
  • Ulwandle Olubulawa Ukoma

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ulwandle Olubulawa Ukoma
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizi LoLwandle IAral
    I-Phaphama!—1992
  • Ingabe Amanzi Ayasiphelela?
    I-Phaphama!—2009
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Lapho Inkinga Inkulu Kakhulu Khona
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 9/8 k. 31

Ulwandle Olubulawa Ukoma

ULWANDLE lwaseAral eSoviet Union luyichibi lamanzi elimaphakathi nezwe elingelesine ngobukhulu emhlabeni. Kodwa luncipha ngokushesha kangangokuthi ngezinga lamanje oluncipha ngalo, luyobe selome ngokuphelele ekuqaleni kwekhulu elilandelayo.

Ngokukamagazini iSouth, cishe ingxenye yendawo eyayimbozwe ichibi kuqala isishintshe yaba ugwadule oluwusawoti. “Amanzi asele eAral esinciphile aye aba nosawoti kangangokuthi izinhlobo ezingu-20 kwezingu-24 zezinhlanzi ezazihlala khona ziye zanyamalala,” kuphawula lomagazini.

Esikhathini esidlule imifula emikhulu iAmu Darya neSyr Darya yayithela amanzi angaphezu kwangu-​50 cubic kilometers olwandle lwaseAral unyaka ngamunye. Kodwa manje lenala yamanzi isinciphe yaba iconsi nje. Kungani? Ngokukamagazini iSouth, lemifula isetshenziselwa ukunisela amasimu anda njalo kakotini nawerayisi kulesifunda.

Uhulumeni waseSoviet manje usumise uhlelo lokuphephisa ulwandle lwaseAral ezidladleni zogwadule. Ngokwenza izimiso zokunisela ngendlela yesimanje nokunciphisa izindawo ezikhethelwe ukutshala ukotini nerayisi, loluhlelo luhlose ukonga amanzi angu-⁠9 cubic kilometers ngonyaka, futhi kuthenjwa ukuthi lawa angandiswa abe ngu-​30 cubic kilometers ekuqaleni kwekhulu elilandelayo. Nakuba lokhu kungeke kulibuyisele lelichibi esilinganisweni salo sakuqala, kuthenjwa ukuthi kuyovimbela ukuncipha okuqhubekayo. Umagazini iSouth uphawula ukuthi abaningi besaba ukuthi loluhlelo lungesinye sezibonelo zokwenza “okuncane kakhulu, sekwephuze kakhulu.”

[Amabalazwe ekhasini 31]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ulwandle lwaseAral

1960

1989

2000?

ISyr Darya

IAmu Darya

[Ibalazwe]

U.S.S.R.

Indawo eyandisiwe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela