Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuyala Izingane Ngasazisa ngempela isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli . . . ‘Induku Yokulaya’—Ingabe Iphelelwe Yisikhathi?” (September 8, 1992) Njengoba kunokuxhashazwa kwabantwana nonya okungaka ezweni elisizungezile, siyasidinga isihloko esinjengalesi ukuze sisisize ukuba sihlale silinganisela. Ngazi izingane ezahlukunyezwa ngokweqile kusukela ebuntwaneni. Namuhla ziyintsha enezinkinga ezijulile ezingokomzwelo. Siyakudinga ukwaziswa okunjalo ukuze kusisize ukuba siqondise futhi sifundise izingane zethu ngendlela enothando.
M. B., United States
Izingubo Zabaklami Abadumile Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Izingubo Zabaklami Abadumile—Ingabe Kufanele Ngizigqoke?” (September 8, 1992) Lapho ngishiya umsebenzi wami esikhathini esingangonyaka esidlule ukuze ngibe umshumayeli wesikhathi esigcwele wezindaba ezinhle, ngangingasakwazi ukuthenga izingubo zabaklami abadumile. Lokhu kwangidumaza isikhathi esithile. Nokho, manje ngiyabona ukuthi ukukhetha engakwenza kwakukuhle nokuthi izingubo ezinikeza udumo azingenzelanga lutho.
M. J. C., Brazil
Usizi LoLwandle I-Aral Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Usizi LoLwandle I-Aral.” (August 22, 1992) Kusukela ngisewumfundi wesikole, lolulwandle olusezweni, kanye noLwandle iCaspian olungumakhelwane, kuye kwangihlaba umxhwele. Eminyakeni edlule, ngiye ngakwazi ukuqoqa ukwaziswa ngolwandle olukhulu phakathi kwalezi ezimbili, kodwa imininingwane ngoLwandle i-Aral yayimbalwa futhi ingandile, kwaze kwafika isihloko senu.
D. H., Germany
Ugogo Nomkhulu Nakuba singaseyona intsha, mina nomkami siye sazazisa kakhulu izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . .” eziphathelene nokuhlala nogogo nomkhulu. (July 8 no-July 22, 1992) Muva nje siye sahlala nogogo womkami, futhi lokhu kuye kwasilethela izinselele zangempela. Iseluleko senu esinengqondo esisekelwe eBhayibhelini nokuqonda okunokuhlakanipha abantu asebegugile kwakuyilokho kanye esasikudinga. Ngokuqinisekile izifundo zomkhaya ezimbili ezisekelwe kulezozihloko nokusebenziseka okungokoqobo kweseluleko kwathuthukisa isimo sethu.
J. L., United States
Isigqi Esibulalayo Isihloko senu esithi “Isigqi Esibulalayo—Sidlulisela Siphi Isigijimi?” (July 8, 1992) sangithinta ngokujulile. Bengilokhu ngilwisana njalo nalomculo. Isihloko senu sanginika amandla nesibindi okulahla lomculo wobusathane. Ngisenempi ende, kodwa ngosizo lukaJehova ngiyokwazi ukunqoba.
M. D., United States
Ingculaza Isihloko senu esithi “Ingculaza EAfrika” (August 8, 1992) sasinokwethenjelwa kakhulu! Iseluleko esanikezwa intsha ecabangela umshado singasindisa ngisho nokuphila. NgingumKristu osanda kubhapathizwa, futhi ngenxa yendlela yami yokuphila yangesikhathi esidlule, ngaya ukuze ngihlolwe ukuthi anginalo yini igciwane le-HIV. Ukuhlolwa kwami kwabonisa ukuthi ngiphephile. Ngiyamangala ukuthi kungani abanye okufanele bahlolwe benqikaza ukwenza kanjalo. Abaningi abashadile abanabangane abangazange bathembeke bamane bathembe ukuthi kuyohamba kahle. Kodwa kuba yingozi kakhulu ukumane uhlale futhi wethembe ukuthi lesisifo esibulalayo asikakungeni.
L. J., United States
Siyakubonga lokukhulumela okuqotho. Ngokwe-U.S. Centers for Disease Control, kungathatha izinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha ngemva kokungenwa yileligciwane ukuba umzimba uveze izimpawu ezanele ezingatholwa ukuhlolwa kwe-HIV. Khona-ke kungase kutuswe ukuhlolwa futhi uma lokuhlola kwenziwa ngokushesha ngemva kokuba kunokwenzeka ukuthi uye waba sengozini yokungenwa yigciwane lengculaza.—ED.
Bengifuna nje ukubonakalisa ukwazisa ngesihloko esithi “Ingculaza—Zisebenzi Zezempilo Qaphelani!” (June 22, 1992) Ngisebenza esikhungweni sokunakekelwa kokwelashwa okuphuthumayo. Ngokushesha ngemva kokufunda lesihloko, saba nomhlangano wezisebenzi okwaxoxwa kuwo ngalezixwayiso ezifanayo ngokuningiliziwe. Ngakwazi ukutshela abanye ukuthi ngangifunde ngakho kuqala ku-Phaphama!
T. M., United States