IDaiku San Yakha Indlu Kanokusho
Ngumlobeli wePhaphama! eJapane
IZIVAKASHI eziningi ezivakashela eJapane zihlatshwa umxhwele izindlu ezikhangayo zomdabu ezizibona lapha. Uphahla olutshekile, olunomphetho obheke phezulu, ingadi ebiyelwe, kanye novulandi konke kunezela ekubukekeni kwazo. Nokho, into ethakazelisayo iwukuthi indlu yaloluhlobo ngokuvamile iklanywa, yakhiwe, futhi ihlotshiswe ngaphansi kokuqondisa komuntu oyedwa nje kuphela. Ubizwa ngokuthi iDaiku san, noma umbazi oyingcweti.
UMnu. Kato uyiDaiku san enokuhlangenwe nakho kweminyaka engu-40. Yena neqembu lakhe lezingcweti bakha lokho abantu baseJapane abaningi abakucabangela njengendlu yabo kanokusho. Ake silalele njengoba esitshela okuthile ngesimo esiyingqayizivele salendlu nendlela ayakha ngayo.
Umklamo Wobungcweti
IDaiku san iyasitshela, “Isimo sendlu yobungcweti yaseJapane, singachazwa ngamagama amabili nje: elithi wabi nelithi sabi.” Phakathi kokunye, womabili lamagama asho “ubulula obenziwe kahle nobukhangayo.” “Ubungcweti,” “ukuzola,” “nobuhle obumangalisayo” ngamanye amagama asisiza ukuba siqonde ubuciko bokwakha baseJapane nokukhanga kwabo.
Ngenxa yeziphepho nokuzamazama komhlaba okuyinsakavukela eJapane nomswakama omningi ehlobo, iDaiku san iyachaza, ipulangwe liyiyona-nto yokwakha ekhethwayo ekwakheni indlu yomkhaya ngenxa yokuvumelana kwalo nezimo. Ubumba, uqalo, nephepha nakho kuphakathi kwezinto eziyisisekelo ezisetshenziswayo. Ukuze kufinyelelwe ukuvumelana okubonakalayo, indlu nengadi kuklanywa kanyekanye.
Indlu kanokusho nengadi kuyobukeka kanjani? Kuyokwakhiwa kanjani? IDaiku san isikisela ukuba siye kwenye indawo okwakhiwa kuyo lapho izosibonisa khona ngokoqobo indlela iDaiku san eyakha ngayo indlu kanokusho.
Ukusuka Phansi Kuye Phezulu
“Izindlu ezakhiwa eminyakeni eyikhulu edlule zazingagxunyekiwe phansi,” iDaiku san isitshela njengoba sizungeza indawo. “Zazakhelwe phezu kwezingodo eziningi ezivundlile ezisekelwe izigxotshana ezimfushane ezihleli phezu kwamadwala.” Iqiniso lokuthi eziningi zalezindlu zisamile lifakazela ikhono leDaiku san. “Namuhla,” siyatshelwa, “izisekelo zenziwa ngosimende. Kodwa izimiso zokwakha zisafana.” Lokhu kuyasebenza nasezindongeni, ezihluke ngokuphelele ngesimo nangokwakhiwa kulezo zezindlu ezakhiwe ngokwendlela yaseNtshonalanga.
Inhloso iwukuba izindonga zangaphakathi zendlu yaseJapane zibe yizinto zokuhlukanisa indlu kunokuba zibe udonga oluqinile. “Ezingodweni eziphanjanisiwe zoqalo olucezuliwe njengalezi,” kuchaza iDaiku san, ikhomba udonga olusakhiwa, “kuzofakwa izingqimba ezisukela kwezimbili kuya kweziyisihlanu zobumba. Indlela yokwakhiwa kongqimba ngalunye iyehluka, futhi ungqimba ngalunye kufanele lome kahle ngaphambi kokuba kufakwe olulandelayo. Ngenxa yalokhu, kuthatha izinyanga ezintathu, ngokwesilinganiso, ukuqeda indlu.” (Yebo, ukwakha indlu kanokusho kuthatha isikhathi eside.) Izindonga, eziqedelwe kahle ngobumba olucolisekile noma ngesihlabathi esiwumbala wenhlabathi yemvelo othandwa amaJapane, ziyokhipha umoya futhi zingajuluki njengoba kuvame ukwenza izindonga zikakhonkolo esimweni sendawo enomswakama.
Ngokulandelayo, iDaiku san idonsela ukunakekela kwethu phansi. Indawo yaphansi yovulandi, iphasishi, nekhishi izokwenziwa ngepulangwe eliqinile. Amanye amakamelo amaningi afakwa omata abalukwe ngotshani baqina ababizwa ngokuthi itatami. Lesisembozo saphansi esiyingqayizivele siyafudumala ebusika, siphole ehlobo, nakuba siqinile kodwa sithambe ngokwanele ukuba uhlale noma ulale kuso. Umata ngamunye uyimitha ububanzi namamitha amabili ubude namasentimitha ayisihlanu uhlonze lwawo. Amakamelo abizwa ngesibalo somata azoba nawo, ngakho-ke abizwa ngokuthi amakamelo anomata abayisishiyagalombili, abayisithupha, noma abane nengxenye, kuye ngobukhulu bawo.
Imfihlo Yomkhaya Egadwe Kakhulu
Lapho ikhono leDaiku san lidla ubhedu khona ngempela kusebucikweni bayo bokuhlanganisa amapulangwe. Lendoda isibonisa izincwadi zolwazi ezineminyaka engu-70 ubudala, eyazishiyelwa uyise. Ziqukethe ikhasi ngekhasi lalomsebenzi wokuhlanganisa oyinkimbinkimbi nokhangayo. Kusukela ezikhathini zasendulo umbazi owuchwepheshe wayegcina ubuchwepheshe bakhe bokuhlanganisa amapulangwe buyimfihlo egadwe kakhulu, ebudlulisela kuphela endodaneni yakhe noma komlandelayo. Nakuba kungasadingekile, yonke indlu ingakhiwa ngaphandle kokusebenzisa ngisho nesisodwa isipikili.
“Obunye balobuciko bokuhlanganisa amapulangwe buyafana nalobo obusetshenziswa ababazi kwezinye izindawo. Ngokwesibonelo, kunokuhlanganisa okuthi khaxa, irabbet, ibutt, nescarf,” kuchaza iDaiku san. Ukuthi ikuphi ukuhlanganisa okusetshenziswayo kuxhomeke esisindweni nasekucindezelekeni kwaleyongxenye yesakhiwo. Ukuhlanganisa okufanelekile kuyobekezelela ukundindizela komhlaba kuvumele nendlu ukuba inyakaze kanye nokudlidlizela kokundindizela komhlaba.
Isicoco
Mhlawumbe isici esivelele sendlu yomdabu yaseJapane siwuphahla. Lubonakala lulukhulu futhi lusinda uma luqhathaniswa nendlu iyonke. Kodwa iDaiku san isitshela ukuthi uphahla yilona oluyiqinisayo ikwazi ukumelana nesimo sezulu esibi, luthola amandla alo emishayweni yophahla eqinile eyenziwe ngezingodo. Nakuba uphahla lwenziwa ngezindlela eziningi, ngokuvamile lwenziwa amagebuli noma luphakame nganxanye noma luhlanganise kokubili. IDaiku san isibonisa amanye amatile ophahla enziwe ngobumba olushisiwe. Nalapha, imibala yenhlabathi ivelele, ngaphandle kothandwayo oluhlaza ngokucwebezelayo.
“Amachopho abheke phezulu kancane nokulenga kakhulu komphetho wophahla kuyimininingwane ebalulekile ukuze abayohlala kuyo ngesikhathi esizayo banethezeke,” kuveza iDaiku san. “Lokhu kukuvumela ukuba ukwazi ukuyeka izicabha zengilazi ezisunduzwayo ezisuka phansi zifike ophahleni emnyango ophumela kuvulandi zihlale zivuliwe esikhathini semvula esinomswakama. Nokho kumiswe kahle ukuze kuvimbele ukungena kwelanga lasehlobo elishisayo.”
Ukuhlola kwethu indawo okwakhiwa kuyo sekufinyelela esiphethweni. Manje umqondisi wethu usimema ukuba sibone ikhaya alakha unyaka nengxenye.
Indlu Kanokusho Yangempela
Ngesikhathi sisondela ngemoto futhi sibona isimo sayo esikhangayo, siyazi ukuthi lena indlu noma ubani angazizwa enethezekile kuyo. Isicabha sangaphambili sakhiwe ngamapulangwe aphanjanisiwe, ahlanganiswa sase sifakwa ingilazi ngemuva. Sivuleka kalula, futhi singena ngomnyango omuhle. Ngemva kokuba sesikhumule izicathulo zethu, singena endlini. Amapulangwe asephaseshi ezwakala eqinile ngaphansi kwezinyawo zethu.
Siyama ukuze sibuke izinsika zesakhiwo ezisobala. Zibushelelezi kangangokuthi zizwakala njengosilika uma uzithinta futhi zicwebezela sengathi zipendwe ngevanishi. “Akukho pende oye wafakwa kunoma yimuphi umsebenzi owenziwe ngepulangwe endlini,” iDaiku san iyasitshela njengokungathi ifunda izingqondo zethu. “Liye laphalwa ngendlela yokuba libe bushelelezi ngangokunokwenzeka.”
Ekamelweni lokuhlala elenziwe ngendlela yaseJapane, sibheka imininingwane yendlu. Ikhothamo eliphezu kwezicabha ezisunduzwayo, liqoshwe ngokuyinkimbinkimbi izimbali ezibizwa ngokuthi amacherry. Kuyo yonke indlu kukhona izicabha ezisunduzwayo ezenziwe ngephepha elindlalwe phezu kwezinhlaka zamapulangwe. Izicabha ezisunduzwayo ezibheke kuvulandi zenziwe ngamapulangwe aphanjanisiwe zase zimbozwa ngephepha elilula, elimhlophe okuthiwa ishoji. Lezo (okuthiwa ifusuma) eziphumela ephaseshi noma kwamanye amakamelo zimbozwe ngephepha eliqinile. Ngasinye salezicabha, ezinjengezinto zokuhlukanisa amakamelo, sihlotshiswe ngendlela ehlukile. “Lamakamelo amancane angashintshwa abe ikamelo elilodwa elikhulu ngokuba kumane kususwe lezicabha ezisunduzwayo,” kuchaza iDaiku san. Yeka indlela okunengqondo ngayo!
Okuyilona donga oluqinile kuphela olubambe itokonoma, noma igumbi lezithombe, negumbi elinamashalofu eliseduze kwalo. “Lena indawo enhle yalendlu,” kusho iDaiku san, “futhi kusetshenziswa ipulangwe elihle nobungcweti ukuze yenziwe.” Namuhla, kunombhalo obhalwe kahle ngokumangalisayo olenga khona.
Siboniswa yonke indlu. Iphunga elimnandi lomsedari, umsayipuresi, uphayini, netatami lingena kamnandi ekamelweni ngalinye. Ubulula nobuhle obenziwe ngobuchwepheshe bukuyo yonke into esendlini.
Lapho siphuma, ingadi ilindele ukuba siyibuke. Nakuba ingenkulu kakhulu, icwathile futhi izolile. Inechibi eligcwele izinhlanzi ezinemibala egqamile, nempophoma ekhangayo. Siphuma sinomuzwa wokwaneliseka, simangala ngekhono nokuhlakanipha okuboniswa lapho iDaiku san yakha indlu.