Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 4/22 k. 24-k. 26
  • Ubusuku Ekhaya LamaJapane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubusuku Ekhaya LamaJapane
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Sifika
  • “Okokwehlisa Kuza Kuqala?”
  • Isidlo Sakusihlwa Sesilungile
  • Idili Lokudla
  • Ingxoxo Enesizotha
  • Ubusuku Obujabulisayo
  • IJapane Ithola Isipho Ebingasilindele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Izingadi ZaseJapane—Imvelo Esizaneni
    I-Phaphama!—1993
  • “Abasafuneki AbaseHiroshima!”
    I-Phaphama!—1991
I-Phaphama!—1991
g91 4/22 k. 24-k. 26

Ubusuku Ekhaya LamaJapane

Ngomlobeli wePhaphama! eJapane

INGABE unesithakazelo ekuhlanganeni nabantu abehlukene, ukufunda ngamasiko abo, nokubona indlela abaphila ngayo? Khona-ke, hamba nami, ngoba umkhaya wamaJapane usimemele esidlweni sakusihlwa. Endleleni ngizozama ukuchaza kafushane ngalokho okumelwe sikulindele.

Kodwa kuqala, sizothenga isipho esincane. Lokho kuzoba okulindelekile kithi. Ibhokisi lewagashi (uswidi waseJapane) noma isenbei (amakhekhe erayisi) kuzoba ngokufanelekile. Nokho, njengoba kusehlobo, masikhethe ubhasikidi omuhle onezithelo. Singawuthola lapho kuthengiswa khona izithelo, esezifakiwe kakade kubhasikidi wekhwani, ofakwe iphepha lokusonga, neribhoni, ukuze nje kufeze lenjongo.

Lapho Sifika

Wonke umkhaya usemnyango wangaphambili ukuze usamukele. Ukujabula kwabantwana kusitshela ukuthi lesi isehlakalo esikhethekile emkhayeni. Bheka! Amahliphazi abekwe ngobunono eduze komnyango​—⁠uphawu oluvamile kumaJapane lokwamukela abantu. Abantu baseJapane abazigqoki endlini izicathulo zabo abazigqoka uma behamba emgwaqweni. Lokhu akugcini nje kuphela izindlu zihlanzeke kakhudlwana kodwa futhi kuvimbela ingozi engenziwa izicathulo kumata owenziwe ngekhwani oguga kalula (itatami) osetshenziswa emakhaya amaningi aseJapane.

Ngakho sizishiya lapha izicathulo zethu kuyigenkan (uvulandi) ngaphambi kokuba sikhuphuke singene endlini. Buka! Ugogo kakade usethatha izicathulo zethu eziphendula ezimisa uhele ukuze kube lula ukuzigqoka uma sesihamba. Uma izicathulo zakho zidinga ukupholishwa kancane noma ukwesulwa uthuli ngendwangu, akukhona okungavamile ukuba nalokho kwenziwe ngaphambi kokuba uhambe.

“Okokwehlisa Kuza Kuqala?”

Lamazwi angenhla awukusabela okuvamile kwezivakashi eziningi ezivela kwamanye amazwe lapho zibona itiye nezibiliboco zokwehlisa kulethwa ngaphambi kokudla kwakusihlwa. Lezo zinto ezinsundu ezidliwayo ezisajeli ezifana nefudge kashokoledi zenziwa ngobhontshisi ofakwe ushukela futhi zibizwa ngokuthi iyōkan. Zimnandi kabi ne-o-cha (itiye eliluhlaza okotshani).

Kodwa ngaphambi kokuba udle iyōkan futhi uphuze itiye, ziqabule ngethawula lokusula izandla elibanda qá, neliswakeme omvakashele akunika lona. Libizwa ngokuthi io-shibori, ngokwezwi nezwi okusho “okukhanyiwe.” Ebusika, izivakashi zitendwa ngamathawula ashisa bhé.

Phawula ingadi enhle nedamu lezinhlanzi ngaphandle kwamafasitela engilazi adonselwa nganxanye. Cishe wonke amakhaya aseJapane anohlobo oluthile lwengadi, kungakhathaliseki ukuthi abantu bacebile noma bampofu. AmaJapane amaningi achithela ekulungiseni ingadi ingxenye yemali elingana nayichithela emzini omusha.

Indlela amatshe, izihlahla ezimfushane zephayini, nezinye izitshalo okuhlelwa ngayo yenza ingadi ibe njengentaba engokwemvelo eyenziwe yaba ncane. Impophoma nedamu elicwebile eligcwele izinhlanzi ezinkulu, nezimibalabala kuhlelelwe ukukusiza ukuba uphumule futhi kunezela ekujabuleleni kwakho ubusuku. Kamuva, ovakashelwe ngokuvamile ubonisa izivakashi yonke ingadi.

Ikamelo esikulo lingelikhethekile. Liyio-kyakuma, noma ikamelo lezivakashi. Uyalibona leliyagunjana elithe ukuphakama? Libizwa ngokuthi itokonoma. Eminyakeni eyadlula kudala, umuntu wayengathola izikhali zesamurai [iqhawe laseJapane] nealtare lomkhaya lobuBhuda kulapho. Manje liyindawo yokuhlobisa lapho kubekwa khona amavazi ayigugu, imibhalo elengayo, nezinye izinto eziyifa lomkhaya eziyigugu.

Njengoba uyisivakashi esihlonishwayo, ngokungangabazeki uzohlala eduze kakhulu netokonoma. Qaphela isigxobo esiqoshwe ngobuciko eceleni kwetokonoma. Lesigxobo sibizwa ngokuthi itokobashira. Senziwe ngogodo olumnyama noma ukhuni oluqinile (sandalwood), olupholishwayo futhi lucwazimuliswe ngopende ongenambala ngendlela yokuthi luveze ubuhle balo bemvelo. Isigxobo esisodwa singabiza amarandi angu-​2 500 noma ngaphezulu!

Isidlo Sakusihlwa Sesilungile

Osimemile usanda kusho nje ukuthi ukudla kwakusihlwa kuzolunga ngokushesha. Kodwa akazi noma ungathanda ukugeza umzimba yini kuqala. Cha, akukhona ukuthi ucabanga ukuthi uyakudinga lokho, kodwa amaJapane athola ukugeza umzimba ngamanzi ashisayo kuqabula kakhulu ngaphambi kokudla kwakusihlwa. Ngokuvamile isivakashi sicelwa ukuba kube yisona esigeza kuqala. Awuthandi yini ukugeza ngaphambi kokudla? Kulungile, kodwa okungenani buka io-furo, noma ubhavu.

Ngisho noma kunezindawo zokugezela zomphakathi, amakhaya amaningi aseJapane manje anamao-furo awo. Ubhavu omkhulu oshonayo owenziwe ngezingodo, amatile, noma iplastiki futhi walungiselelwa ukuba ukwazi ukushisa izinkuni noma igesi (ipropane), okushisisa amanzi ngezinga elifinyelela cishe kumadegree Celsius angu-40.

Ukugeza kwaseJapane kuhlukile ekugezeni kwaseNtshonalanga ngokuthi umuntu uzigeza ngensipho futhi ayiyakaze ngaphambi kokuba angene kubhavu ukuze ahlale emanzini ashisayo. Ngalendlela wonke umkhaya usebenzisa amanzi angashintshwa akubhavu, uwashisise kancane nje ngaphambi kokuba kungene umuntu ngamunye. Ubhavu ushona kangangokuthi lapho umuntu ehlala kuwo, amanzi ashisayo ayaphakama afike entanyeni yakhe. Kuphumuza kakhulu futhi kumelwe nakanjani kwenziwe ngaphambi kokulala ebusuku obubandayo basebusika.

Idili Lokudla

Osimemile uyeza futhi athi sekuyisikhathi sokuba sidle, noma angithi sedili. Bheka konke ukudla okudekwe etafuleni! Kuyimibalabala futhi kuhlelwe ngokucophelela. EJapane ukudla kuwumsebenzi wobuciko, lapho ukukhangeka kweso kubaluleke njengephunga lakho nokunambitheka. Leso sixha sezingcezwana ezimibalabala etreyini elicwebezelayo siyinto ethandwa kakhulu eJapane, isushi. Ucezu ngalunye luyisigaxa esibunjwe kahle serayisi elinoshukela omncane novinika futhi ngaphezulu kwabekwa ucezu olubomvu noma olumhlophe lwenhlanzi ituna engaphekiwe noma ezinye izibiliboco zasolwandle.

Okunye ukudla okulungiselelwe itai eyosiwe, noma inhlanzi encane ebomvu, ebekwe ngobuciko epuletini sengathi ucezu lwenyanga, kwabekwa namakhanda ezinhlanzi nemisila njengoba kunjalo. Isobho yinhlanganisela eshisa bhé eyenziwe ngokhula lwasolwandle kwafakwa namaqatha etofu ethambile kuyo. Futhi, njengoba kulindelekile, kunerayisi eliningi ngokwanele ukuba banele bonke. Etafuleni kukhona futhi nosaladi oluhlaza osanda kwenziwa, nezithelo ezilungiswe ngendlela yaseJapane kwenza ukudla kuphelele. Yeka idili!

Ingxoxo Enesizotha

Ngemva kokudla kuza itiye eliluhlaza okotshani, ukuze lihambisane nengxoxo yethu. Kodwa kumelwe uxoxe ngani? Nokho, amaJapane anesithakazelo esikhulu kuwe nasezweni lakini. Futhi afuna ukwazi ngokuthi ucabangani ngawo nangezwe lawo, ukudla, nangokudla kwamaJapane ngokuvamile. Ayajabula uma uba nesithakazelo ezintweni zaseJapane futhi ufunda amagama ambalwa ngolimi lwawo.

Manje okumemile angase athi, “O-kuchi ni awanakute gomen nasai,” okusho ukuthi, “Ngiyaxolisa ngokuthi ukudla akuzwananga nawe.” Umane ucela ukuba umqinisekise ngokuthi ukuthandile ukudla. Khona-ke, mtshele, “Oishikatta desu!” (Bekumnandi kakhulu!) Omunye wezivakashi angase anezele ukutusa, “Gochiso samadeshita,” ngokwezwi nezwi okusho ukuthi, “Siyabonga ngokugijima kakhulu [ekhishini nasendlini yokudlela] ukuze usikhonze.”

Uyothola ukuthi kumuntu waseNtshonalanga abantu baseJapane bangase babonakale bengaqondakali lapho bekhuluma ngabo siqu futhi bengathandisisi ukukhuluma ngokuqondile ngezindaba ezithile. Ngokwesibonelo, uma ubuza inkosikazi ukuthi yahlangana kanjani nomyeni wayo, ingase iphendule ngokumane igigitheke ngendlela ebonisa amahloni. Noma ungase utuse ivazi enhle futhi ubuze ukuthi yabiza malini. Impendulo ngokunokwenzeka iyoba ukuthi, “Chotto takakatta desu.” (Yathi ukubiza.) Akuqondakali? Mhlawumbe. Kodwa leyo ingxoxo enesizotha yamaJapane. Ngakho kuzodingeka sifunde ukungawejwayeli ngokweqile noma sithande ukwazi ngokweqile ngendlela esibuza ngayo.

Ubusuku Obujabulisayo

Ngokushesha okukhulu sekuyisikhathi sokuba sishiye abebesimemile abanomusa. Njengoba sigqoka izicathulo zethu kuvulandi, osimemile wesifazane nonina baguqa phambi kwethu ngezandla nangamadolo, amakhanda abo ephansi emhlabathini. Futhi bagcizelela ukuthi sithathe okunye ukudla okusalile siye nakho ekhaya ngefuroshiki noma iduku elikhulu, nelinemibala egqamile. Futhi, bafaka nezipho ezincane zethu sobabili.

Njengoba wonke umkhaya uphumela isayonara yokugcina, mhlawumbe ucabanga lokho engikucabangayo, ‘Yeka ukuthi bekuwubusuku obumnandi kanjani!’ Cabanga ngesikhathi nomsebenzi okuhileleke ekulungiseni ukudla. Njengezivakashi, ngempela senziwe sazizwa samukelekile, eqinisweni, sibalulekile. Yeka ukucabangela kwabo! Ukwaneliseka kwabo ngokungangabazeki kuvela ekwazini ukuthi baye basijabulisa kakhulu.

Awujabuli yini ngokuthi uhambe nami kuloluhambo lokuvakasha? Kungenzeka unomuzwa wokuthi manje usuwazi kangcono amaJapane. Nokho, kuyodingeka usheshe uze futhi ufunde okwengeziwe ngalelizwe eliyingqayizivele nabantu balo abanomoya wokwamukela izihambi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela