Umthombo Wamanzi Elaphayo
Ngumlobeli wePhaphama! eCzechoslovakia
EMAKHULWINI amaningi eminyaka edlule, lowo okwakuthiwa uMbusi Ongcwele waseRoma uCharles IV kanye nalabo ababekanye naye base bezihudula ngenxa yokukhathala beya ekhaya ngemva kokuzingela okungabanga namphumela. Ngokungazelelwe, inyamazane enkulu yagabavula phambi kwabo. Izinja zayijaha zibanga umsindo, futhi abazingeli, bekhohliwe ukukhathala kwabo, bayilandela ngomdlandla. Ekugcineni inyamazane yabaholela onqenqemeni lwewa elikhulu futhi ngesibindi yagxumela kulesosigodi esiphansi.
Abazingeli kanye nezinja zabo zokuzingela bathatha indlela ethathelayo nephephile eya ezansi, futhi lapho befika phansi eweni, inyama-zane yayisinyamalele. Nokho, abazingeli bathola okunye—amanzi acwebile esiphethu esishisayo aphethuka phansi enhlabathini. Efunga, uCharles IV wathi wayezokwakha umthombo owelaphayo onegama lakhe kuleyo ndawo. Futhi yileyondlela, ngokokulandisa kwenganekwane, iKarlovy Vary esentshonalanga Bohemia, eCzechoslovakia, eyaba khona ngayo.
Iziphethu Ezishisayo
Zivelaphi lezoziphethu ezishisayo? Ngokokucwaninga kwamuva kwesayensi yomhlaba namadwala, amanye amanzi emvula ehlela emithambekweni yezintaba eseduze angena enhlabathini futhi adlule emifantwini eminingi esedwaleni. Njengoba amanzi eya ejula emhlabeni, akhipha amaminerali aphuma emadwaleni.
Ekugcineni, ekujuleni okungaba yikhilomitha nengxenye, amanzi manje acebile ngamaminerali, anecarbon ashisiswa amadwala afudumele. Umoya ovela emhwamukweni wamanzi nasesikhutheni esivela ekujuleni okwengeziwe komhlaba kufuqela phezulu amanzi anamaminerali. Ngaphandle, akha iziphethu ezishisayo ezidumile.
Kuneziphethu ezingu-12 sekukonke, ezinezinga lokushisa elisukela ku-41°C. kuya ku-72°C. Isiphethu ngasinye siyahluka kwesinye ngamaminerali esinawo. Khona-ke, kucatshangelwa ukuthi izinto ezelaphayo kuleso naleso sazo zihlukile. Kubalelwa ekutheni kuyo yonke amanzi akhiphela ngaphandle amaminerali angamakhilogremu angu-18 000 usuku ngalunye.
Iziphethu Ziyelapha
Abantu bathutheleka eziphethwini ngethemba lokwelapha zonke izinhlobo zokugula, ezisukela ezilondeni, izigaxa ezakheka enyongweni, ukungezwani komzimba nokudla okuthile, kanye nesifo sikashukela kuya ekukhuluphaleni kanye nokuqaqamba kwamalungu. Kuthiwa iziphethu ziye zasiza iziguli ezisanda kuhlinzwa esiswini noma emathunjini noma ezihlushwa izifo ezinjengesifo sesibindi esithathelwanayo.
Izindlela zokwelapha ziyinkimbinkimbi, kodwa isisekelo sazo siwukuphuza amanzi. Amanzi omthombo afanelekayo aphuzwa kathathu ngosuku kusasele isigamu sehora ngaphambi kokudla. Ukwelapha kungahlanganisa futhi nokugeza ngamaminerali, ukugeza ngamanzi anecarbon kanye nomoya-mpilo, ukuhlikihlwa kwezandla nezinzwane, ukugeza ngodaka, kanye nezinye izinqubo. Ukudla okukhethiwe kanye nokuvivinya umzimba nakho kungase futhi kube ingxenye yesimiso sokwelapha.
ECzechoslovakia odokotela kanye nezinhlangano zezohwebo bakhetha iziguli ezizoza eziphethwini ezelaphayo ukuze zizolashwa. Kunabantu abaningi kakhulu abafuna ukuza kangangokuthi indawo iba ncane. Muva nje izindlu eziningi zemithombo eyelaphayo ziye zavuselelwa, futhi kwakhiwa ezinye ezintsha. Nokho, kusenokuntuleka kwezindawo zokuhlala ezingenela bonke labo abafuna ukusebenzisa lezindawo. Khona-ke, izivakashi ngokuhlakanipha zihlela izindawo zokuhlala kusasele isikhathi eside.
Ukuvakasha Kulelidolobha
Idolobha laseKarlovy Vary linesimo esihle, esithokomele osekuyisikhathi eside izivakashi zisijabulela. Kuyajabulisa ngempela ukubona izindonga ezimhlophe zezindlu ezakhiwe emagqumeni anamahlathi, zibukeka njengezitebhisi zekhekhe efasiteleni lesitolo.
Osebeni lomfula, kungabonwa abafana bejikijela izingcezu zesinkwa ezinhlanzini eziseMfuleni iTeplá. Kuyinto evamile ezitolo ukubona amakhasimende emi emigqeni elindele ukuthenga izingcwecwana ezisasinkwa ezenziwe ngamanzi emithombo eyelaphayo. Izingilazi zaseCzech ziyacwebezela emafasiteleni asesitolo. Abenzi bezingilazi bakwaMoser eKarlovy Vary bathumela izingilazi ezenziwe ngokuhlotshisiwe ezindaweni ezikuwo wonke umhlaba.
Njengoba izivakashi eKarlovy Vary zinqamula emasimini emithi yechestnut, amarhododendron, kanye namalilac amhlophe, umculo wezinyoni ungazwiwa emagqumeni uvela emahlathini. Lapha yilapho imbongi yaseJalimane uJohann Wolfgang von Goethe ayevame ukuhamba khona ephethe incwadi yakhe yokubhala amaphuzu. Lezindawo wayezibonisa uLudwig van Beethoven, umqambi odumile, owaqamba amasymphony akhe ayisishiyagalombili lapha.
Yebo, kusukela ekhulwini le-17 leminyaka, izingcweti emkhakheni wezomculo zake zanyathela emigwaqweni yalelidolobha. Ngaphandle kukaBeethoven, ezinye izivakashi ziye zahlanganisa uCarl Maria von Weber, uNiccolò Paganini, uFrédéric Chopin, uFranz Liszt, noJohannes Brahms. Kwakuyilapha lapho uRobert Schumann owayeneminyaka eyisishiyagalolunye alalela khona ngokuthatheka ikhonsathi kaIgnaz Moscheles, okungokuhlangenwe nakho angazange akukhohlwe.
KwakunguMbusi uFrancis Joseph I waseAustria owayaleza ukuba yena nomkhaya wakhe bakhelwe iziNdawo Zokugezela Zasebukhosini eminyakeni eyikhulu edlule. Namuhla iziguli zijabulela ukwelashwa ngokugezwa lapha kompompi abenziwe ngethusi, kanti umbusi wayesebenzisa abegolide.
Impilo Enhle Ngawo Wonke Umuntu
Ububi bempucuko, kuhlanganise nokungcola kwendawo, ukuminyana kwabantu, ukusebenzisa kabi utshwala, ukubhema, ukuziphatha okubi, kanye nokuphila kokuzinza kuye kwaba nengxenye ezifweni eziningi zekhulu lama-20 leminyaka. Abaningi babheka emithonjeni eyelaphayo enjengaleyo eseKarlovy Vary ukuze bathole usizo. Nokho, ngokudabukisayo abanye abezayo ukuze bazothola usizo abakuyeki ukuphila kwabo kokubhema noma ukuziphatha okubi ngisho noma belapha. Lokhu kungabangela ukukhathazeka ezivakashini abakanye nazo.
Kukhona nenye inkinga. Isifunda esizungeze iKarlovy Vary sibusiswe ngemicebo yamaminerali emvelo, njengamalahle nekaolin. Nokho, izimboni eziye zakhiwa ukuze kutholwe lemicebo yamaminerali ziye zangcolisa lendawo enhle ezungezile.
Nokho, abaningi babonakala bethola ukuqabuleka kanye nokukhululeka ezifweni zabo ezingokomzimba ngokuvakashela iKarlovy Vary. Amalungiselelo okwelapha ngezinto ezingokwemvelo ayisibusiso esivela kuMdali, futhi mhlawumbe ayoqhubeka esiza izakhamuzi zomhlaba kuze kube yilapho usuku lufika lapho ‘abakhe khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’—Isaya 33:24.