Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Uyakulahla Ukusetshenziswa Kotshwala?
‘KLohlwa ngecocaine, iheroin, iLSD, kanye nensangu—utshwala buseyinkinga enkulu umphakathi okusamelwe ulwe nayo. Utshwala bubangela ukufa kwabantu abaningi kanye nokuwohloka komphakathi okuningi kunalokho okubangelwa ukusetshenziswa kwazo zonke ezinye izidakamizwa zihlangene.’ Lena kwakuyimizwa eyavezwa emhlanganweni wama-31 oba khona njalo ngemva kweminyaka emithathu weWorld’s Woman’s Christian Temperance Union eCanada eminyakeni emibili edlule.
Kulokhu kusetshenziswa okukhulayo kotshwala emhlabeni wonke izihambeli ezinjalo zibona izindleko ezishaqisayo empilweni nasekuphileni komuntu, kanye nasezigidini zamaRandi ezizosetshenziswa ohulumeni bezizwe minyaka yonke ukuze banqande ukuba imilutha yotshwala. Beqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyakulahla ukusetshenziswa kwabo, abantu abaningi abanezinhloso ezinhle balwela ukuba zonke iziphuzo ezidakayo zingabi semthethweni. Kodwa ingabe iBhayibheli liyawusekela lombono?
Ukusetshenziswa Kwewayini EBhayibhelini
Kudala uNkulunkulu wathembisa abantu bakhe abalalelayo: “Izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.” (IzAga 3:10) Yebo, uYena owasinika umvini othela izithelo, esilungiselela ngisho nezilongoshane ezincane zembiliso ezemboza igilebhisi lapho selisondela esikhathini sokwenza iwayini.
Inqubo yokwakha iwayini elihle yachazwa ngokwengxenye umprofethi kaNkulunkulu uIsaya. Enikeza umbono kusengaphambili wezibusiso zezwe elisha lokulunga elizayo, uIsaya wabhala: “UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke . . . idili lewayini elinenhlese, . . . iwayini elinenhlese elicwengekileyo.” (Isaya 25:6) Abenzi bewayini abangomakad’ ebona bayazi ukuthi iwayini “elinenhlese,” elingazange liphazanyiswe isikhathi eside lapho lisabila, kancane kancane liyazihlaziya, lithuthukise kokubili iphunga nokunambitheka.
Ukulijabulela Nezinzuzo Zempilo?
UNkulunkulu wachaza kokubili injabulo nezinzuzo zempilo okutholakala ewayinini. Umprofethi wakhe uJothamu wakhuluma ‘ngewayini elisha elenza uNkulunkulu nabantu bajabule.’ (AbaHluleli 9:13) INkosi uSolomoni yabhala ‘ngokuthokozisa umzimba wayo ngewayini.’ (UmShumayeli 2:3) Futhi endabeni eyaziwa kakhulu yedili lomshado eKhana, uJesu, esimangalisweni sakhe sokuqala, waphendula amanzi amaningi aba “iwayini elihle kakhulu,” okwajabulisa ababemenywe emshadweni.—Johane 2:6, 7, 10, The New English Bible.
Ukuqaphela kukaJesu ukusetshenziswa kwewayini ekwelapheni kusobala emfanekisweni wakhe womSamariya onomusa. Ebopha amanxeba endoda elimele, umSamariya onomusa wawathela “ngamafutha newayini.” (Luka 10:30-34) Ukutusa okwenziwa umphostoli uPawulu kuThimothewu osemncane ukuba ‘aphuze iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakhe nobuthakathaka bakhe obuvamileyo’ kuvumelana kahle nokuqashelwa kwamanje kwenzuzo yewayini ekudleni nasekwelapheni.—1 Thimothewu 5:23.
UDkt. Salvatore P. Lucia, owayenguprofesa eYunivesithi yaseCalifornia School of Medicine, encwadini yakhe ethi Wine and Your Well-Being wathi “iwayini alisona nje kuphela isiphuzo esidala kakhulu esiphuzwa nokudla kodwa siyinto ebaluleke kakhulu ekwelapheni ebilokhu isetshenziswa kuwo wonke umlando womuntu.” Futhi isazi sokudla okunomsoco sezokucwaninga uJanet McDonald sathi iwayini eliphuzwa ngokusesilinganisweni libonakala lisiza njengesidambisa zinhlungu, livula inhliziyo, futhi liyasiza ekugayekeni kokudla nasekumuncekeni kwamaminerali ekudleni okudliwe.
Ukulinganisela Nokuzithiba Kuyadingeka
Nokho, naphezu kokukhuluma kahle kangaka ngewayini kanye notshwala obudakayo kokubili eBhayibhelini nakwezokwelapha zezwe, ukusetshenziswa kabi kophuzo oludakayo kuye kwanqwabelanisa usizi olwethusayo kwabaningi besintu. Ingabe lokho kwenza uNkulunkulu abe necala ngalo lonke usizi oluye lwaba umphumela wokusebenzisa kabi uphuzo oludakayo? Ngokuphambene nalokho, eZwini lakhe, iBhayibheli, uye wanikeza iziqondiso ezicacile ezilawula ukusetshenziswa kanye nokusetshenziswa kabi kwewayini.
Ngokwesibonelo, cabangela isixwayiso esilandelayo esinamandla ngokumelene nokusetshenziswa kabi kwalesisipho: “Ungabi-phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama.” Ngokuqinisekile lokhu akusho ukuthi abantu abangaphuzi nhlobo nabangayidli inyama kuphela abajabulisa uNkulunkulu, lombhalo futhi awubalahli nalabo abasebenzisa iwayini elincane noma abadla inyama ngokusesilinganisweni. Kunalokho, lesixwayiso seBhayibheli simelene nokuminza kokubili ekudleni nasekuphuzeni. Lokhu kusobala njengoba esinye isaga sisho: “Ngubani othi: Maye! Ngubani othi: Wo! Ngubani oxabanayo? Ngubani okhalayo, ngubani onezilonda ngeze, na? Ngubani onamehlo aklwelayo na? Yibo abalibala ngasewayinini.”—IzAga 23:20, 29, 30.
Abalobi beBhayibheli uPetru noPawulu baluleka ukuba kulinganiselwe ngokuyala amaKristu akuqala ukuba agweme ‘ukudakwa’ futhi ‘angadakwa yiwayini.’ Lesiseluleko kwakufanele sithathwe ngokungathi sína, njengoba umphostoli axwayisa: ‘Izidakwa aziyikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.’ Ngamanye amazwi, abantu abanomkhuba wokusebenzisa kabi iziphuzo ezidakayo abanakho ukuvunyelwa uNkulunkulu futhi balahlekelwa ukuphila okuphakade.—1 Petru 4:3; Efesu 5:18; 1 Korinte 6:9, 10.
Ngakho, uma abantu bengenakho ukuzithiba ekusebenziseni utshwala, kufanele babuyeke ngokuphelele. (Qhathanisa noMathewu 5:29, 30.) Ngaphandle kokuwohloka okungokomzimba, ukuthembela okukhulayo otshwaleni kungabangela umonakalo omkhulu ongokomoya. Nokho, ngokuhlakanipha uNkulunkulu usixwayisa ngokuba singaminzi eziphuzweni ezidakayo.
Ngokwehlukile embonweni womuntu okwenqabela ngokuphelele, iBhayibheli alinayo imfuneko, noma ngisho nenkomba, yokuthi bonke abantu kumelwe bangaliphuzi nhlobo iwayini noma iziphuzo ezidakayo. (Duteronomi 14:26) Umhubi uthi ngoJehova: “Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni, newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu.” Ngempela, uNkulunkulu uye walungiselela iwayini ngenjongo enhle nehloniphekayo, lapho liphuzwa ngokulinganisela.—IHubo 104:14, 15.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]
L’ Absinthe by Edgar Degas, 1877—E.R.L./Sipa Icono