Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ngempela Ukuphuza Ngokweqile Kubi Kangako?
ABANTU abangadakiwe kakhulu, ababedlalela ukuhlekisa abantu, bebelokhu beyingxenye engasali yemidlalo yasesiteji namabhayisikobho iminyaka eminingi. Nakuba kungenzeka ukuthi babemane belingisa nje bengaphuzile, indlela ababejabulisa izihlwele ngayo iveza umbono oyindida abantu abaningi abanawo ngokuphuza ngokweqile, yebo, bakubheka njengobuthakathaka, kodwa bathi akunangozi neze.
Kodwa-ke empeleni ukuphuza ngokweqile akuyona neze into ehlekisayo. I-World Health Organization ifaka ukusebenzisa kabi utshwala phakathi kwezinto eziphezulu ohlwini eziyingozi empilweni emhlabeni wonke. Kuthiwa ngaphandle kukagwayi, ukusebenzisa kabi utshwala kubulala futhi kugulise abantu abaningi kunokusetshenziswa kabi kwezinye izinto eziluthayo, futhi kona kukodwa kudla amaRandi angaphezu kwesigidi sezigidi ezingu-1,3 emnothweni waseMelika ngonyaka.
Naphezu kwala maqiniso, abaningi bayaqhubeka beyithatha kancane ingozi yokuphuza ngokweqile. Nakuba bengase bavume ukuthi ukubusebenzisa kabi isikhathi eside kunemiphumela emibi, ababoni lutho ngokuzitika ngabo ngezikhathi ezithile. Phakathi kwentsha ezingxenyeni ezithile zomhlaba, ukudakwa kubhekwa njengophawu lokukhula. Yize kunezixwayiso ezinqala ezivela ezinhlanganweni zezempilo, ukuzitika ngophuzo, okuchazwa njengokugojela izikali ezinhlanu noma ngaphezulu ngasikhathi sinye, kwanda ngendlela emangalisayo emaqenjini abo bonke ubudala. Kuyaqondakala-ke ukuthi kungani abantu abaningi bezibuza ukuthi ingabe ngempela ukuphuza ngokweqile kubi kangako. Lithini iBhayibheli?
Iwayini Nophuzo Olunamandla—Izipho Ezivela KuNkulunkulu
IBhayibheli likhuluma kaningi ngewayini nangophuzo olunamandla. INkosi uSolomoni yabhala: “Hamba, udle ukudla kwakho ngokujabula, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo enhle, ngoba kakade uNkulunkulu weqiniso uyijabulele imisebenzi yakho.” (UmShumayeli 9:7) Umhubi wavuma ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMlungiseleli ‘wewayini elenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule.’ (IHubo 104:14, 15) Kusobala ukuthi iwayini lingesinye sezipho eziphakathi kwezibusiso uJehova azinikeza isintu.
Ngokusobala ukuphuza iwayini kwakwamukeleka kuJesu. Empeleni, isimangaliso sakhe sokuqala sahilela ukuguqula amanzi abe iwayini lekhethelo edilini lomshado. (Johane 2:3-10) Wasebenzisa iwayini futhi njengesifanekiselo esifanele segazi lakhe lapho esungula iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. (Mathewu 26:27-29) IBhayibheli lize likhulume nangezinzuzo zezokwelapha zewayini, ngoba umphostoli uPawulu wakhuthaza uThimothewu ukuba ‘asebenzise iwayini elincane ngenxa yesisu sakhe.’—1 Thimothewu 5:23; Luka 10:34.
Isihluthulelo Ukulinganisela
Phawula ukuthi uPawulu watusa ukuphuza “iwayini elincane.” Ngokusobala iBhayibheli liyakulahla konke ukusetshenziswa kotshwala ngokungalinganiseli. Abapristi abangamaJuda babevunyelwe ukuphuza ngokulinganisela lapho bengekho emsebenzini. Nokho, babenqatshelwe ukuphuza zonke izinhlobo zotshwala lapho benza imisebenzi yabo yobupristi. (Levitikusi 10:8-11) Eminyakeni eminingi kamuva, amaKristu ekhulu lokuqala axwayiswa ngokuthi izidakwa ‘ngeke zilizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.’—1 Korinte 6:9, 10.
Ngaphezu kwalokho, eziyalezweni azinikeza uThimothewu, uPawulu uthi labo abaholayo ebandleni abakwazi ukuba ‘abaxokozeli abadakwayo’ noma babe abantu ‘abazinikele ewayinini eliningi.’a (1 Thimothewu 3:3, 8) Empeleni, iBhayibheli liyala ukuba izidakwa ezingaphenduki zixoshwe ebandleni lobuKristu. (1 Korinte 5:11-13) Njengoba imiBhalo ikubeka ngokunembile, “iwayini lingumhleki wosulu.” (IzAga 20:1) Ukuzitika ngokweqile ngotshwala kungenza buthaka amandla okuzithiba omuntu obuphuzayo kuthiye nekhono lakhe lokwahlulela.
Okwenza IZwi LikaNkulunkulu Likulahle Ukuphuza Ngokweqile
UJehova, ‘osifundisa ukuba sizuze,’ uyazi ukuthi lapho sisebenzisa into ethile kabi, umphumela uba ukuzilimaza thina nabanye. (Isaya 48:17, 18) Lokhu kuyiqiniso ngokuqondene nokuphuza utshwala. IZwi likaNkulunkulu liyabuza: “Ngubani onosizi? Ngubani onokungakhululeki? Ngubani onemibango? Ngubani okhathazekile? Ngubani onamanxeba ngaphandle kwesizathu? Ngubani onokuqundeka kwamehlo?” Liyaphendula: “Yilabo abahlala isikhathi eside newayini, labo abangena ukuzofuna iwayini elixutshiwe.”—IzAga 23:29, 30.
Lapho abantu bephuze utshwala obuningi, baye benza izinto eziningi ezingenangqondo neziyingozi: ukushayela bedakiwe bazifake bona nabanye engozini, ukusondelana ngokweqile nomngane womshado womunye umuntu bese konakala ubuhlobo ngendlela engathí sina, ukukhuluma nokwenza izinto eziwubuwula ngisho nezihlanekezelwe. (IzAga 23:33) Kuye kwashiwo ngokufanele ukuthi ukusebenzisa kabi utshwala kungenye yezinkinga zezenhlalakahle ezihlupha isintu ezilimaza kakhulu namuhla. Akumangalisi ukuthi kungani uNkulunkulu enxusa: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini”!—IzAga 23:20.
KweyabaseGalathiya 5:19-21, uPawulu ubala izikhathi zokudakwa nemibuthano exokozelayo ‘njengemisebenzi yenyama’ emelene nezithelo zomoya kaNkulunkulu. Ukuzitika ngokweqile ngotshwala kuyolimaza ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Khona-ke kusobala ukuthi amaKristu kufanele agweme noma ikuphi ukuphuza utshwala ngokungalinganiseli.
[Umbhalo waphansi]
a Njengoba ababonisi kufanele babe yizibonelo emhlambini ekwahluleleni nasekuziphatheni kwabo, babonise izindinganiso zikaJehova eziphakeme ngezinga abangenza ngalo, kunengqondo ukuthi le mfuneko iyasebenza nakwamanye amaKristu.