Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 2/8 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindaba Ezimbi KuTV
  • “Ukungafundi Ngokokuziphatha”
  • Ukukhala Kwezinsimbi Zesonto Kuphazamisa Imizwa
  • Indlela Yokulala Ihlobene NeSIDS
  • Ukuhlambalaza Okuthandwayo
  • Ushevu Wezibulala Zinambuzane
  • Ukuchochobalisa Isikhumba Elangeni Okuyingozi
  • Abefundisi Abangongqingili
  • Ukusiza Ekhaya
  • ITV Necholesterol
  • Omama Abangashadile
  • Usana Kufanele Lulale Kanjani?
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Ithelevishini Ikushintshile?
    I-Phaphama!—1991
  • Sivikele Isikhumba Sakho!
    I-Phaphama!—2005
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 2/8 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Izindaba Ezimbi KuTV

“Izindaba ezimbi kubantu baseBrazil ababuka ithelevishini: Inani lezindaba ezimbi kuTV liyanda,” kusho iphephandaba iEstado de S. Paulo. Leliphepha libika ukuthi phakathi nenkathi yezinsuku eziyishumi, abacosheli bezindaba abangu-15 babuka zonke izindaba eziteshini zeTV. Kwakungamaphesenti angu-18 kuphela alokho abakubona okwachazwa njengezindaba ezinhle. Umqondisi wenhlangano eyenza lokhu kucwaninga ucashunwa njengowathi: “Kwakuwumqhudelwano wezenzakalo ezibuhlungu owathatha amahora angu-95.” Izindaba eziphathelene nezomnotho nendawo ezungezile kanye nezinto eziphila kuyo zabhekwa njengezimbi kunazo zonke. Izinto ezimbalwa ezijabulisayo zaziphathelene nezokuzijabulisa kanye nezemidlalo. Omunye umhlaziyi wezifo zengqondo uxwayisa ngokuthi izilinganiso ezinkulu kangako zobudlova kanye nezenzakalo ezimbi okusakazwa ezindabeni kungashintsha ukuziphatha kwabantu, ngokunokwenzeka kubangele abanye ukuba babheke usizi lwabanye njengento engelutho.

“Ukungafundi Ngokokuziphatha”

Abafundisi bayavuma ukuthi inani elandayo lezingane “ezingafundile ngokokuziphatha” liyabonakala emphakathini wanamuhla. “Indlela yokuphila esheshayo, ukuthuthuka okusheshayo, ukuzuza ukuzilawula, ukuzuza okuhlangenwe nakho,” kubekwa phambi kwezingane njengokuyizindinganiso ezibalulekile, ngokusho kukaBurle Summers, umongameli weOntario Morals/Values Education Association. Wathi, “Ukukhonza abanye, ukuhlonipha abanye, ukukhathalela abanye akubekwa njengokubalulekile.”

Ukukhala Kwezinsimbi Zesonto Kuphazamisa Imizwa

“Izinsimbi zesonto zikhala kaningi kakhulu futhi zikhalela phezulu kakhulu” kwezinye izakhamuzi zasentshonalanga Toronto, kubika iToronto Star. Abaninikhaya babheka ukukhala kwensimbi yesonto “njengokonakaliswa komsindo” futhi baye benza isicelo emkhandlwini wedolobha ngokuphathelene nalendaba. Ikomiti lezinkonzo zedolobha latusa ukuba amasonto ahilelekile kulokhu ashaye izinsimbi umzuzu owodwa kuphela kabili ngosuku phakathi nesonto futhi azishaye kathathu ngosuku lwangeSonto—kodwa angalokothi azishaye ngaphambi kuka-9:00 a.m. Izinsimbi zesonto zingashaywa ngezinye izikhathi, njengalapho kunemishado, imingcwabo, nezinkonzo zasebusuku phakathi nesikhathi seLent, Izinsimbi zesonto zishayelwa ukubizela abakhulekeli emithandazweni nasezinkonzweni zesonto. Nokho, izakhamuzi zendawo zasedolobheni zithi amawashi anealamu angenza okufanayo ngaphandle kokuphazamisa kanye nokuvusa bonke abantu.

Indlela Yokulala Ihlobene NeSIDS

Unyaka ngamunye, iSIDS (Sudden Infant Death Syndrome [Isifo Esibulala Abantwana Ngokuzumayo]) ithatha ukuphila kwezinkulungwane zabantwana emhlabeni wonke. Isalokhu ingenye yezimbangela eziyinhloko zokufa kwezingane phakathi nezinyanga ezimbalwa zokuqala zokuphila. Imbangela yangempela yeSIDS ayikaziwa. Nokho, i-International Herald Tribune yaseParis ibika ukuthi ochwepheshe bezokwelapha abavela emhlabeni wonke muva nje bahlangana eAustralia ukuze baxoxe ngalenkinga. Baluleka abazali: “Ningavumeli izinsana ukuba zilale ngezisu.” Ukucwaninga kubonakala kubonisa ukuthi ingozi yokubulawa yilesifo okungenani iphakeme ngokuphindwe kathathu ezinsaneni ezilaliswa ngesisu kunakulezo ezilaliswa ngomhlane noma ngezinhlangothi. Odokotela basikisela ukuthi ukuba abazali bebenolwazi ngokuphathelene nezingozi, izinkulungwane zokuphila bezingasindiswa.

Ukuhlambalaza Okuthandwayo

Umfundisi waseAustralia uye wagxeka kakhulu ukwanda kokusetshenziwa kwamagama ahlambalazayo kanye nokwamukeleka kwawo okusobala. Ubonisa ukukhathazeka ngokukhethekile ngethonya lokhu okunalo entsheni, futhi uye wacela ukuba kuphunywe umkhankaso wokusiza ekuqedeni ukuhlambalaza enkulumweni yesimanje. Iphephandaba laseBrisbane iCourier-Mail licaphuna umfundisi ethi: “Izinkulumo ezinjengokuthi ‘Nkulunkulu Omuhle’, ‘Oh Nkulunkulu’, ‘NgoNkulunkulu,’ ‘NgoKristu’ nathi ‘Oh Kristu’ zisetshenziswa ngokwengeziwe njengeziqalekiso kunanjengezinkulumo zenhlonipho. Lokhu kukhona kumanoveli, esiteji, ezihenqweni zasemabhayisikobho, kuTV, emsakazweni nasemaphephandabeni. Uma nje sisakuvumela lokhu kungabi nanhlonipho, asinakulindela ukuba intsha yethu ibe nenhlonipho enokwethembeka ngoNkulunkulu kanye noKristu.” Waqhubeka wathi wayephawule ukuthi ukusetshenziswa kokuhlambalaza bekuqhubeka kancane kancane eminyakeni edlule nanokuthi inkulumo enjalo abaningi manje bayibheka njengendlela yokuqalekisa eyamukelekayo.

Ushevu Wezibulala Zinambuzane

Minyaka yonke, kuwo wonke amazwe asathuthuka, izibulala-zinambuzane zifakela ushevu kubantu abacishe babe izigidi ezingu-25 futhi zibulale abangu-20 000, ngokukamagazini iNew African. Izinkampani zamakhemikhali zithuthela izibulala-zinambuzane eziyingozi emazweni ampofu lapho abalimi bengazi lutho khona ngezingozi nalapho ohulumeni bengakwazi khona ukuhlolisisa izinto ezivela kwamanye amazwe. INew African ibika ukuthi enye inkampani yamakhemikhali yaseSwitzerland muva nje isanda kuvuma ukuthi yadayisela iTanzania amalitha angu-450 000 esibulala zinambuzane esineDDT, okuyikhemikhali eyingozi kakhulu eyavalwa noma yalawulwa kakhulu emazweni angu-45. EGhana esemaphandleni, iDDT ngezinye izikhathi isetshenziselwa ukubamba izinhlanzi. Lekhemikhali ithelwa emifuleni, ibulale izinhlanzi futhi izenze zibambeke kalula. Izinhlanzi, sezinoshevu onamandla, zigcina ekudleni kwaseAfrika.

Ukuchochobalisa Isikhumba Elangeni Okuyingozi

Umdlavuza wesikhumba kubantu baseCanada “uye wanda ngamaphesenti angu-235 eminyakeni eyisishiyagalombili edlule,” kubika iToronto Star. Izibalo ezintsha zembula ukuthi oyedwa kubantu baseCanada abangu-7 uyoba nomdlavuza wesikhumba phakathi nokuphila kwakhe. Iyini imbangela eyinhloko? Ukushiswa ilanga, ngokusho kweDermatology Association yaseCanada. UDkt. Gary Sibbald, udokotela wesikhumba, uthi “ibhamuza elilodwa nje lokushiswa ilanga liyiphinda kabili ingozi yakho yokuba nomdlavuza wesikhumba.” Uyenezela: “Ukuchochobalisa isikhumba ngelanga akuyona impilo. Kudala ingozi yesikhumba.” NgokweGlobe and Mail, kungaholela “ekushwabaneni, ekubeni nemisele, izisihla, ukulimala kanye nemidlavuza yesikhumba.” Ukugcoba into ekahle evimbela ukushiswa ilanga, ukugqoka izingubo ezivikelayo, kanye nokugwema ukuqondana ngqó nelanga phakathi nehora leshumi ekuseni nelesithathu ntambama kwatuswa njengokungavikela.

Abefundisi Abangongqingili

IFaculty of Theology yaseYunivesithi yaseHelsinki eFinland inenhlangano emelela abafundi abangongqingili. Abafundi abangaba ngu-20 baye bahlanganyela kulesisenzo saleliqembu elibizwa ngokuthi iGay Theologians, kubika iKotimaa, umagazini oyinhloko wesonto. Ummeleli wabeGay Theologians wachaza ukuthi eFinland kunongqingili abaningi abangabefundisi kanye nezikhulu zesonto abalingana nabakubo bonke abantu. Inani eliqondile alaziwa, kodwa ukulinganisela kuyahlukahluka kusuka emaphesentini amane kuya kwayishumi. Labafundi abafundela ubufundisi balwela ukuthi isonto laseFinland alikakavumi ukumisa labo abavuma obala ukuthi bangongqingili.

Ukusiza Ekhaya

Ngokwesiko, amadoda aseJapane awakaze abe nedumela lokusiza emsebenzini wendlu, kodwa izikhathi ziyashintsha. Ukuhlola kwamuva okwenziwa eTokyo kwembula ukuthi nakuba ngokuvamile amadoda asabheka ukupheka, ukukhulisa izingane, kanye nokugeza izitsha njengomsebenzi wabesifazane, amaphesenti acishe abe ngu-60 akholelwa ukuthi amadoda kufanele asize ngemisebenzi yasekhaya. Amaphesenti acishe abe ngu-70 athi ngokuvamile ayayenza imisebenzi enjengokuhlanza, ukuyothenga esitolo, kanye nokuchitha izibi. Amadoda asemasha yiwona azimisele kakhulu ukusiza; amaphesenti angu-60 awo ayavuma ukuthi “amadoda kufanele ahlanganyele emsebenzini wendlu ngangokusemandleni awo,” futhi amaphesenti angu-29 athi “akuwakhathazi ukusiza.” “Nokho, lesimo sokusiza kumadoda asemasha asihlali isikhathi eside,” kusho iMainichi Daily News, inezela ngokuthi “phakathi kwemikhaya enengane yokuqala esesesikoleni sabaqalayo, amadoda ayethi azimisele ukuhlanganyela emisebenzini yokuhlanza indlu ngangokunokwenzeka ancipha ngamaphesenti angu-47.” Ngaphezu kwalokho, inani lamadoda asemikhayeni enjalo ayegomela ngokuthi akudingekile ukusiza ekhaya laphakama laba amaphesenti angu-13.

ITV Necholesterol

Izingane ezichitha isikhathi esiningi kakhulu zibuka ithelevishini azilimazi nje kuphela izingqondo zazo kodwa futhi nemithambo yazo yegazi. Ukuhlolwa kwamuva kwentsha engu-1 000 engaphansi kweminyaka engu-20 ubudala kwembula ukuthi izingane ezibukela ithelevishini amahora amabili kuye kwamane ngosuku zisethubeni lokuba nesilinganiso esithé ukuphakama secholesterol kunalezo eziyibukela kancane. NgokwePrevention, umagazini wezempilo, uDkt. Kurt V. Gold waseYunivesithi yaseCalifornia-Irvine uchaza ukuthi “ukuba necholesterol ephakeme eminyakeni ephansi kangako yobudala kungandisa amathuba okuba nesifo senhliziyo ngokushesha.” UDkt. Gold uthi “iTV ihlanganisela ndawonye izici eziningi eziyingozi ezaziwayo. Ungagcina uhleli usuku lonke udla ukudla okungenamsoco futhi ungavivinyi umzimba ngokwanele.”

Omama Abangashadile

Umbiko wamuva wembule ukuthi abesifazane abangaphezu kwesigamu sesithathu abazala izingane eCosta Rica phakathi no-1990 babengashadile. Cishe amaphesenti angu-16 ayengaphansi kweminyaka engu-19 ubudala. Ingqikithi yezingane ezazalwa eCosta Rica ngalowonyaka yayingu-81 939. Kulezingane, ezingu-30 119 zazinomama abangashadile, kuyilapho ezingu-50 411 zazalwa omama abashadile. Zonke ezinye zazalwa abafelokazi, abahlukanisile, noma omama abahleli ngokwehlukana nabayeni babo. Ngokwephephandaba iNación, laseSan José, eCosta Rica, izingane ezingu-360 zazinomama abangaphansi kweminyaka engu-15 ubudala, futhi ezingu-12 578 zazinomama abaphakathi kweminyaka engu-15 nengu-19.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela