Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 3/22 k. 31
  • Usana Kufanele Lulale Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usana Kufanele Lulale Kanjani?
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1999
  • Izivikelo Nezingozi
    I-Phaphama!—1990
  • Lokho Izinsana Ezikudingayo Nezikufunayo
    I-Phaphama!—2004
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 3/22 k. 31

Usana Kufanele Lulale Kanjani?

UKUFA KWEZINSANA NGOKUZUMAYO (SIDS [Sudden Infant Death Syndrome]) sekubulale izinsana eziningi emhlabeni wonke. E-United States, kuyimbangela eyinhloko yokufa kwezinsana eziphakathi kwenyanga eyodwa nezinyanga ezingu-12 ubudala. Ingabe ikhona indlela yokunciphisa le ngozi? Ngokwe-Journal of the American Medical Association (JAMA), ukucwaninga kweminyaka yamuva nje kubonisa ukuthi ingozi ye-SIDS ibonakala incipha kakhulu lapho izinsana zilaliswa ngomhlane kunokuba zilaliswe ngezisu. Amazwe athile aye asungula izinhlelo zokuqaphelisa abazali indlela i-SIDS ehlobene ngayo nendlela usana olulala ngayo. E-Australia, eNgilandi, eDenmark, eNew Zealand naseNorway, i-SIDS yancipha okungenani ngamaphesenti angu-50 ngemva konyaka owodwa kuya kwemibili kusungulwé imikhankaso yomphakathi yokulalisa izinsana ngomhlane.

Akwaziwa ngempela ukuthi ukulala kosana ngesisu kuhlobene kanjani ne-SIDS, kodwa abanye abacwaningi basikisela ukuthi ukulala ngale ndlela kungabangela ukuthi usana luphinde luhogele wona kanye umoya oluwukhiphile, ngaleyo ndlela kwandise izinga lesikhutha egazini. Umzimba wosana ungase futhi ushise kakhulu ngenxa yokuthi awuwutholi umoya kahle lapho usana lulele ngesisu. Noma kunjalo, lapho izinsana zilaliswe ngomhlane noma ngesisu azivamile ukuphenduka. Ukuhlola kubonisa nokuthi ukulalisa usana oluphile kahle ngomhlane kungcono kunokululalisa ngohlangothi.

Kungani omama bekhetha izindlela ezithile zokulalisa izinsana zabo? I-JAMA iphawula ukuthi ngokuvamile omama bamane balandele isiko—balalisa izinsana zabo ngendlela onina noma abanye emphakathini abebengenza ngayo. Noma bangase benze lokho abakubona esibhedlela. Kanti abanye omama banomuzwa wokuthi izinsana zabo zithanda noma zilala kangcono uma zilele ngendlela ethile. Omama abaningi njalo balalisa izinsana ngomhlane phakathi nenyanga yokuqala bese beqala ukuzilalisa ngezisu kamuva. I-JAMA iyaphawula: “Lo mkhuba uyethusa, ngoba ingozi yokubulawa yi-SIDS inkulu ezinsaneni ezinezinyanga ezimbili kuya kwezintathu ubudala.” Odokotela bazama ukufundisa abazali bezinsana ngalokho abathi kuyindlela elula nesebenzayo yokunciphisa ingozi ye-SIDS—ukulalisa izinsana ezinempilo ngomhlane.a

[Umbhalo waphansi]

a Uma usana lunesifo semigudu yokuphefumula noma lukhipha amathe ngendlela engavamile, kungaba ukuhlakanipha ukubonana nodokotela ukuze akutshele ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu yokululalisa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela