Ukucaca Izintaba Ngendlela Elula
INQOLA yethu ehamba ngekhebula yayifana nesicabucabu esincane esihamba kancane ngomucu owodwa wobulwembu. Eqinisweni, sasicaca intaba ngendlela elula—sihamba emzileni wekheshi osemoyeni omude kunayo yonke emhlabeni.
Lomzila wekheshi ongamakhilomitha angu-4,3 ukhuphukela esiQongweni iSandia, ephakeme ngokumangalisayo ngaphezu kwedolobha elisogwadule laseAlbuquerque, eNew Mexico, eU.S.A. Lapho kusukela khona amakheshi ekuphakameni kwamamitha angu-1 980, sagibela ikheshi elakhiwe kahle elithwala abantu abafinyelela ku-60. Njengoba lelikheshi lalikhuphuka liya phezulu, kwaba sengathi singangezintuthwane uma siqhathaniswa nobuhle bezingelengele zamadwala. Kwezinye izindawo sasilenga ebangeni elingamamitha angu-460 ngaphezu kwezindonga ezingaphansi.
Emizuzwini engaphansi kwengu-20 kamuva safika endaweni yokubuka phansi, ephakeme ngamamitha angu-3 163 ukusuka ogwini lolwandle, futhi ukubuka kwakubangela isiyezi. Indawo enkulu engamakhilomitha-skwele angu-28500 yayendlaleke phambi kwamehlo ethu. Ingabe kwakuwukuphakama okwakwenza ukuba izinhliziyo zethu zishaye ngamandla, noma kwakuwukubuka okujabulisayo okungasithiwe? Kwakunzima ukusho.
Kamuva sathola ukuthi ukwakhiwa koMzila Wamakheshi wesiQongo iSandia, wawuyimpumelelo yobunjiniyela. Ezindaweni eziningi kwakunzima ukunqamula kulendawo enezintaba. Ngakho abakhi bakhetha ukusebenzisa izindiza ezinophephela emhlane ukuze zithwale impahla. Zazithwala yonke into kusukela emishayweni yensimbi kuya kukhonkolo. Izintambo zakhelwa imibhoshongo emibili, omunye ungamamitha angu-71 ubude nomunye ungamamitha angu-24. Ukwakha izisekelo eziqinile zalemibhoshongo nokuyiqondanisa kahle kwakudinga ukucophelela okukhulu. Kwafakwa izimiso eziyinkimbinkimbi zamabhuleki ukuze kuqinisekiswe ukuphepha. Lomsebenzi, owathatha izinyanga ezingu-24, waphela entwasahlobo ka-1966.
Lapho uhambo lwethu seluphelile, saphinde sabheka phezulu esiqongweni sentaba esiphakeme kakhulu esasisanda kuyicaca sabuye sayehla. Yeka indlela lezozintaba ezisabeka ngayo! Yeka injabulo nodumo okuyikho ukucabanga ngoMdali wazo, olinganisa izintaba ngezisindo zakhe! (Isaya 40:12).—Inikelwe.