Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 2/8 k. 31
  • Ukucaca Izintaba Ngendlela Elula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukucaca Izintaba Ngendlela Elula
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ikheshe Elimangalisayo Elithutha Abantu Lase-Utah
    I-Phaphama!—1993
  • Izintaba—Ubunyoninco Bendalo
    I-Phaphama!—1994
  • Siyakwamukela ECopper Canyon
    I-Phaphama!—2000
  • Izintaba Zenyanga
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 2/8 k. 31

Ukucaca Izintaba Ngendlela Elula

INQOLA yethu ehamba ngekhebula yayifana nesicabucabu esincane esihamba kancane ngomucu owodwa wobulwembu. Eqinisweni, sasicaca intaba ngendlela elula—sihamba emzileni wekheshi osemoyeni omude kunayo yonke emhlabeni.

Lomzila wekheshi ongamakhilomitha angu-4,3 ukhuphukela esiQongweni iSandia, ephakeme ngokumangalisayo ngaphezu kwedolobha elisogwadule laseAlbuquerque, eNew Mexico, eU.S.A. Lapho kusukela khona amakheshi ekuphakameni kwamamitha angu-1 980, sagibela ikheshi elakhiwe kahle elithwala abantu abafinyelela ku-60. Njengoba lelikheshi lalikhuphuka liya phezulu, kwaba sengathi singangezintuthwane uma siqhathaniswa nobuhle bezingelengele zamadwala. Kwezinye izindawo sasilenga ebangeni elingamamitha angu-460 ngaphezu kwezindonga ezingaphansi.

Emizuzwini engaphansi kwengu-20 kamuva safika endaweni yokubuka phansi, ephakeme ngamamitha angu-3 163 ukusuka ogwini lolwandle, futhi ukubuka kwakubangela isiyezi. Indawo enkulu engamakhilomitha-skwele angu-28500 yayendlaleke phambi kwamehlo ethu. Ingabe kwakuwukuphakama okwakwenza ukuba izinhliziyo zethu zishaye ngamandla, noma kwakuwukubuka okujabulisayo okungasithiwe? Kwakunzima ukusho.

Kamuva sathola ukuthi ukwakhiwa koMzila Wamakheshi wesiQongo iSandia, wawuyimpumelelo yobunjiniyela. Ezindaweni eziningi kwakunzima ukunqamula kulendawo enezintaba. Ngakho abakhi bakhetha ukusebenzisa izindiza ezinophephela emhlane ukuze zithwale impahla. Zazithwala yonke into kusukela emishayweni yensimbi kuya kukhonkolo. Izintambo zakhelwa imibhoshongo emibili, omunye ungamamitha angu-71 ubude nomunye ungamamitha angu-24. Ukwakha izisekelo eziqinile zalemibhoshongo nokuyiqondanisa kahle kwakudinga ukucophelela okukhulu. Kwafakwa izimiso eziyinkimbinkimbi zamabhuleki ukuze kuqinisekiswe ukuphepha. Lomsebenzi, owathatha izinyanga ezingu-24, waphela entwasahlobo ka-1966.

Lapho uhambo lwethu seluphelile, saphinde sabheka phezulu esiqongweni sentaba esiphakeme kakhulu esasisanda kuyicaca sabuye sayehla. Yeka indlela lezozintaba ezisabeka ngayo! Yeka injabulo nodumo okuyikho ukucabanga ngoMdali wazo, olinganisa izintaba ngezisindo zakhe! (Isaya 40:12).—Inikelwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela