Ikheshe Elimangalisayo Elithutha Abantu Lase-Utah
“IKHESHE Elithutha Abantu Eliphakeme Kunawo Wonke Emhlabeni.” Yileyondlela elikhangiswe ngayo iKheshe elihamba phezulu eziMpophomeni iBridal Veil eProvo Canyon, e-Utah, e-U.S.A. Ngazibuza, ‘Ingabe lokho kuyiqiniso ngempela?’ Ngikhumbula ngithatha uhambo ngekheshe elihamba ngentambo emoyeni eCatalonia, eSpain, eminyakeni engaba ngu-15 edlule, lapho ngivakashela ezintabeni iMontserrat, futhi ngokubona kwami lelokheshe labukeka liphakeme. Pho kungani bethi eliphakeme kunawo wonke lilapha eziMpophomeni iBridal Veil? Ngoba liphakeme ngamamitha angu-374 entanjeni enobude obungamamitha angu-534—nge-engela esesilinganisweni engama-degree angaphezu kuka-45. Lapho lelikheshe lifika eduze nendlu yokuphumula elaphaya entabeni, ephakeme ngamamitha angu-1 900 i-engela iba ngama-degree angu-62!
Konke lokho kungumsebenzi wobuchwepheshe. Uhambo ngokwalo, ngalelikheshe elithwala abantu abayisithupha luyathakazelisa, njengoba sinyuka sisuka ngasemgwaqweni omkhulu futhi sinqamula iziMpophoma iBridal Veil siwelela ohlangothini olungakwesobunxele. Sikhuphuka ngesilinganiso sejubane esingamakhilomitha angu-8 ngehora. Izintaba ezimangelengele zisihaqile—ngemva kwethu iNtaba iTimpanogos ephakeme ngamamitha angu-3 600 kanti ngaphambi kwethu iNtaba iCascade, lena esiyikhuphukayo. Lempompopha yehlukene izingxenye ezimbili eziwolokohlela amamitha angaphezu kwangu-180 ngaphambi kokuba ingenele eMfuleni iProvo. Amanye amanzi ampontshelwa esiteshini sokukhiqiza ugesi ngokuphehla amanzi esiqhele ngamakhilomitha ayisithupha.
Lomzila wekheshe owenziwa eSwitzerland wavulwa ngo-1962 futhi usuthwale abantu abangaphezu kwesigidi nengxenye ngaphandle kokwenza ngisho neyodwa ingozi engathi sína. Uma uzizwa wesaba ukuhamba ngomzila wekheshe elihamba emoyeni, incwajana ethile iyachaza: “Imizila yamaKheshe ahamba emoyeni njengalelikheshe elihamba phezulu, ngokomlando nangokwezibalo, iyizindlela eziphephe kakhulu zokuhamba lapho usuka kwenye indawo uya kwenye.” Esikhathini esizayo lapho usebenzisa umzila wekheshe elihamba emoyeni, buza ukuthi—ingabe uphakeme ngaphezu kwalona ose-Utah?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Courtesy Mountainland Travel Region