Iviki Elibalulekile
IZWE lashaqeka ngoMsombuluko, ngoAugust 19, 1991, lapho abaholi babavukeli bethatha amandla ombuso eSoviet Union, futhi uMongameli uMikhail Gorbachev evaleleka ekhaya eCrimea. Amakhilomitha ambalwa ukusuka lapho, eOdessa enhle, kwakwenziwa amalungiselelo okugcina omhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova owawuzoba kulelodolobha ngempelasonto. Ngokudabukisayo, umhlangano wesigodi waseOdessa wavinjelwa izikhulu zendawo.
Nakuba kunjalo, oFakazi abalilahlanga ithemba. Baqhubeka nokwenza amalungiselelo angaphambi komhlangano futhi banxusa isikhulu sendawo ukuba senze konke esingakwenza ukuze sinqande ukuvinjelwa. Abameleli boFakazi BakaJehova batshelwa ukuba babuye ngoLwesine, ngoAugust 22. Ngaleyontambama, ngemva komhlangano womkhandlu wedolobha, oFakazi banikezwa imvume ebhaliwe yokuba nawo umhlangano futhi bafiselwa izilokotho ezinhle. EMoscow, abaholi babavukeli babephoqelelwe ukuba bahoxe ngalo lona lolosuku!
Yeka ukuthi konke kwakwenzeke ngokushesha kanjani! Futhi yeka ukuthi kwakumangalisa kanjani ukubona abangaphezu kuka-12 000 behlangana ngaleyompelasonto! NgoAugust 27, ngemva kwezinsuku ezimbili umhlangano wesigodi waseOdessa udlulile, abameleli boFakazi BakaJehova baya kuMnu. V. K. Simonenko, usihlalo weKomiti lesiGungu seDolobha laseOdessa, bambonga ngokuvumela ukuba umhlangano uqhutshwe, futhi bamnikeza ikhophi yencwadi entsha ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngolimi lwesiRashiya.
UMnu. Simonenko wazwakalisa ukwazisa ngalesipho futhi wathi: “Bengingekho emhlanganweni, kodwa ngazi konke obekwenzeka khona. Kusukela ekuqaleni kweOdessa, angikaze ngikubone okwedlula lokhu . . . Ngiyanethembisa ukuthi noma nini lapho nidinga imvume yokuqhuba imihlangano yenu, ngiyovuma ngasosonke isikhathi ukuninika.”
[Ishadi ekhasini 31]
IMIHLANGANO YESIGODI ESOVIET UNION NGO-1991
Usuku Idolobha Inani Ubhapa-Eliphakeme thizo
Lababekhona
NgoJuly 13, no-14 ETallinn, e-Estonia 4 808 447
NgoJuly 20, no-21 EUsolye-Sibirskoye, 4 205 543
ESiberia
NgoAugust 2, no-3 EKiev, eUkraine 14 654 1 843
NgoAugust 3, no-4 ELvov, eUkraine 17 531 1 316
NgoAugust 24, no-25 EOdessa, eUkraine 12 115 1 943
NgoAugust 31– EChernovtsy, 14 137 1 126
NgoSeptember 1 eUkraine
NgoSeptember 7, no-8 EAlma-Ata, 6 802 602
eKazakhstan
74 252 7 820