Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 3/8 k. 31
  • Ukuxolisa Kwesonto Kuveza Ukwahlukana Okukhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuxolisa Kwesonto Kuveza Ukwahlukana Okukhulu
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UbuProthestani Nobandlululo
    I-Phaphama!—1988
  • Inkinga Engokwenkolo YaseNingizimu Afrika
    I-Phaphama!—1988
  • Isimo Esibucayi Esingokwenkolo ENetherlands
    I-Phaphama!—1993
  • Ukukhula Kanye NeNhlangano KaJehova ENingizimu Afrika
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 3/8 k. 31

Ukuxolisa Kwesonto Kuveza Ukwahlukana Okukhulu

“Ngivuma phambi kwenu naphambi kweNkosi hhayi nje isono necala lami . . . kodwa—njengommeleli—ngesibindi ngiphinde ngikwenze lokhu egameni leSonto laseDashi.” Uprofesa Willie Jonker, umfundisi ophambili waseDashi, wazwakalisa lokhu kuxolisa okumangalisayo phambi komhlangano wesizwe wamasonto ngoNovember 6, 1990, eRustenburg, eNingizimu Afrika. Futhi kukuziphi izono uJonker ayebhekisele kuzo? Wayebhekisele ekungalungini “kwezombangazwe, ezenhlalo, ezomnotho, nokwezinhlangano okuye kwenziwa” ngenxa yomthetho waseNingizimu Afrika wobandlululo.

“Ngizizwa ngikhululekile ukwenza lokhu,” kwaqhubeka uprofesa, “ngoba iSonto laseDashi lamemezela emkhandlwini walo wamuva ukuthi ubandlululo luyisono, futhi liye lalivuma icala lalo.” Nokho, ukusabela okusakazekile ekuxoliseni kukaJonker kubonisa ukuthi abalandeli besonto abaningi abavumelani ngokuphelele nenkulumo yesonto labo ngobandlululo.

Isizathu salokhu kuphikisana siwukuthi iSonto laseDashi laseNingizimu Afrika, elinamalungu alo amaningi okungamaBhunu amhlophe, sekuyisikhathi eside lihambisana nobandlululo.

Nokho, ngo-October 1986 umkhandlu wesonto wenza ushintsho oluphawulekayo esimweni ngokumemezela ukuthi ubulungu besonto babuvulekele zonke izinhlanga nokuthi isonto lalenze iphutha ngokuzama ukusebenzisa iBhayibheli ukuze lithethelele isimiso sobandlululo. Ngaphezu kwalokho, ngo-1990 umkhandlu wamemezela ukuthi isonto “kufanele ngabe lazehlukanisa kudala nalombono” nokuthi “liyakuqaphela futhi liyakuvuma ukwehluleka kwalo ukwenza kanjalo.”

Ukuxolisa kukaJonker kwabangela impikiswano, kuveza ukwahlukana okujulile mayelana nombono wesonto ngobandlululo. Ngokuqinisekile, ukuqhekeka kubonakala kudabula phakathi kwawo wonke amazinga esonto, kusukela kubantukazana kuye kulabo ababekade bengosihlalo bomkhandlu jikelele. Esabela ekuxoliseni kukaJonker, uWillie Potgieter, umfundisi waseDashi, waba nomuzwa wokuthi “kuwukungabi nakuhlakanipha ukwenza into enjalo ngokushesha okungaka.” Wathi cishe ingxenye yebandla lakhe isabheka ubandlululo njengesibonelo sobuKristu esingasebenza.

Ngokuqondakalayo, amalungu amaningi eSonto laseDashi akhathazekile ngalokhu kungabikho kobunye. Emazwini elinye ilungu elikhathazekile elabhalela iphephandaba laseGoli, iBeeld: “Sekuyisikhathi sokuba . . . siguqe ngamadolo sicele intethelelo ngokwehlukana kwethu okuyisono nangazo zonke izinto ezimbi esizishoyo ngomunye nomunye.”

Nokho, ukuvumelana okunjalo akunakwenzeka; futhi iSonto laseDashi alilona ukuphela kwesonto elikhungethwe ukwehlukana okunjalo. Ingxabano yalaba okuthiwa bangamaKristu ngokuqinisekile yehluke kakhulu othandweni nobunye uJesu athi kwakuyobonakalisa abalandeli bakhe beqiniso.—Johane 17:20, 21, 26; qhathanisa neyoku-1 Korinte 1:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela