Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 3/22 k. 12
  • Ingabe Ingaba Khona Ngempela Impi Yokulunga?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ingaba Khona Ngempela Impi Yokulunga?
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Yibani Njengamadoda Abhekene NeHar-Magedoni Ngokungesabi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • ‘Abantu Kumelwe Babalekele’ Ekukhulekeleni Okunikeza Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • IArmagedoni—Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
I-Phaphama!—1992
g92 3/22 k. 12

Ingabe Ingaba Khona Ngempela Impi Yokulunga?

PHAKATHI namakhulu eminyaka, eLobukholwa liye lakhuluma kakhulu ngomqondo “wempi yokulunga.” Ngonyaka odlule umagazini iTime wasakaza uhlu lwezimfuneko eziyisithupha eziyisisekelo lezo izazi zezenkolo ezinomuzwa wokuthi impi kufanele ihlangabezane nazo ukuze ibhekwe “njengelungile.” Umlando ubonisa ukuthi ayikho neyodwa ezimpini ezisekelwe eLobukholwa eye yahlangabezana ngempela nalezimfuneko.

Kodwa iHar–Magedoni, impi uNkulunkulu athembise ukuyiletha ngokumelene nalesimiso sezinto esonakele, iyahlangabezana nazo zonke izici eziyisithupha zezazi zenkolo.

“Iphishekela ‘inkambo yokulunga,’ njengokuzivikela noma ukunqoba ububi.” IHar–Magedoni iyochoboza iqede zonke izingxenye zezwe elibi uSathane uDeveli angunkulunkulu walo. Ngakho, kungashiwo ngeQhawe likaNkulunkulu ‘Elithembekileyo neliQinisileyo’ eHar–Magedoni, uKristu Jesu, ukuthi “uyahlulela, alwe ngokulunga.”—IsAmbulo 19:11; 2 Korinte 4:4.

“Ilwiwa futhi iqondiswe ‘igunya elifanelekayo.’” IHar-Magedoni ngokusobala iphawulwa ‘njengokulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’—impi yakhe. Ubani ongaba igunya elifaneleka ngokwengeziwe ngaphandle koMdali wendawo yonke ngokwakhe?—IsAmbulo 16:14; bheka futhi no-11:17, 18; qhathanisa noIsaya 36:10.

“‘Iyikhambi lokugcina’ ngemva kokuba imizamo yokuthula ihlulekile.” Sekuyizinkulungwane eziningi zeminyaka manje, uMdali ekhuthaza—enxusa ngisho nokunxusa—isintu ukuba ‘sibuyisane noNkulunkulu’ futhi ‘sikhonze uJehova ngokwesaba.’ Kodwa ngokungalaleli imizamo yokuthula nezixwayiso ezivela kuNkulunkulu eminyakeni engu-6 000, umuntu uye washiya uMdali kungekho angakwenza ngaphandle kwempi.—2 Korinte 5:20; IHubo 2:2, 10-12.

“Okungenani ihambisana ‘nethuba’ lempumelelo.” Cabanga ngezinhlangothi ezilwayo. Kolunye uhlangothi kunamandla abumbene ezizwe zalomhlaba, nazo zonke izinqolobane zazo zezikhali ezisabekayo. Ngakolunye uhlangothi kunoMdali wendawo yonke. Enye yendalo yakhe encane, ilanga, liyisithando esikhulu sokuqhuma okushisayo kwamandla enuzi okunamandla kakhulu kangangokuthi ngisho nakuba izizwe zazingaqhumisa zonke izikhali zazo zenuzi ekuqhumeni okukodwa okukhulu, lokho kuqhuma bekuyofana nokuqhwiza kothi lukamentshisi uma kuqhathaniswa. UJehova unawo wonke amabutho endalo anamandla ukuze aqinisekise ukuthi impi yakhe ifinyelela impumelelo eqinisekile.—Isaya 40:15; 54:17.

“Ivumelana ‘nesimiso sokulinganisela’—okuhle okufinyelelwe kuyowedlula kude umonakalo owenzekile.” Cabanga ngekusasa ngaphandle kwempi kaNkulunkulu yeHar–Magedoni. Isintu siphoqeleka ngokungaguquki ekuzibhubhiseni ngokwaso. Uma umuntu eshiywa namacebo akhe, bekuyomthatha isikhathi esingakanani ukubhubhisa lembulunga futhi asheshele endleleni eya ekuziqothuleni, engowokugcina ohideni lwezinto eziphilayo aye waziqothula? Ingabe kuyoba yintambama eyodwa yesibhicongo senuzi? noma amashumi ambalwa eminyaka yokungcoliswa kwembulunga? Kunoma yikuphi, isintu singabhubha uma uNkulunkulu engangeneli ezindabeni zesintu. Ngakolunye uhlangothi, cabangela ubuhle iHar–Magedoni ethembisa ukubufinyelela—ikusasa elinokuthula lesintu esesaba uNkulunkulu kulembulunga, kungasekho ukungcola, ingasekho impi, bungasekho ubumpofu, kungasekho ukugula noma ngisho nokufa. UNkulunkulu uyathembisa: “Bheka, ngenza konke kube-kusha.”—IsAmbulo 21:3-5.

“‘Iyakhetha,’ igwema ukulimaza labo abangalwi lapho kunokwenzeka.” IHar–Magedoni iyoba ngekhethayo. “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.”—IHubo 37:9.

Bonke labo abanesithakazelo sokusinda kulempi elunge ngempela kudingeka bafunde isisekelo ‘sokulindela uJehova’ ngesifundo somuntu siqu seZwi lakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela