Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 2/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “INkosi Yokuthula” Ibhekene NeArmagedoni
    Ukulondeka (ws)
  • IMegido—Inkundla Yempi Yakudala Enencazelo Engokwesiprofetho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ingabe Ingaba Khona Ngempela Impi Yokulunga?
    I-Phaphama!—1992
  • IArmagedoni
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 2/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Iyini ‘impi kaNkulunkulu uMninimandla onke’ eyolwelwa eHar–Magedoni futhi uyoba yini umphumela?—IsAmbulo 16:14, 16.

IHar–magedoni yimpi yomhlaba wonke eyolwiwa esikhathini esizayo lapho iNkosi kaJehova emisiwe, uJesu Kristu, iyobhubhisa khona izitha zikaNkulunkulu. IBhayibheli lichaza ukuthi lezi zitha, ‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe,’ zigqugquzelwa “yizinkulumo eziphefumulelwe amademoni” futhi zibuthelwa ndawonye “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke . . . endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi iHar–Magedoni.”—IsAmbulo 16:14, 16.

Indawo amabutho ahlanganela kuyo akuyona indawo engokoqobo. Igama elithi Har–Magedoni, elihunyushwa ngokuthi “Armagedoni” kwezinye izinguqulo zeBhayibheli, lisho “iNtaba YaseMegido.” (IsAmbulo 16:16) Ayikaze ibe khona intaba enalelo gama. Ngaphezu kwalokho, “amakhosi omhlaba namabutho awo” awanakuhlangana ngokoqobo endaweni eyodwa. (IsAmbulo 19:19) Kunalokho, le ‘ndawo’ ibhekisela esimweni ababusi bezombusazwe nabasekeli babo abaholelwa kuso—sokumelana noJehova kanye ‘namabutho asezulwini’ aholwa “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi,” uJesu Kristu.—IsAmbulo 19:14, 16.

Okuphawulekayo ukuthi igama elithi “Har–​Magedoni” lihlobene nomuzi waseMegido owawukwa-Israyeli wasendulo. Njengoba yayisendaweni ekahle empumalanga yeNtaba iKarmeli, iMegido yayilawula imizila emikhulu kwezokuhweba nakwezempi ngaleso sikhathi. Futhi yayiyindawo okwalwelwa kuyo izimpi eziwumnqamulajuqu. Ngokwesibonelo, umahluleli wakwa-Israyeli uBharuki walinqoba “ngasemanzini aseMegido” ibutho elinamandla laseKhanani eliholwa uJenene Sisera. (AbaHluleli 4:12-24; 5:19, 20) Kuyo leyo ndawo, uMahluleli uGideyoni wacoboshisa abakwaMidiyani. (AbaHluleli 7:1-22) Ngokuhlobanisa iMegido nempi ezayo, iBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uzozibhubhisa aziqede nya izitha esebenzisa iNdodana yakhe.

Uyoba yini umphumela? IHar–Magedoni iyoqeda yonke inkohlakalo nobubi obusemhlabeni. Iyoqala inkathi emangalisayo emlandweni wesintu. (IsAmbulo 21:1-4) NgoMbuso kaNkulunkulu osekelwe othandweni, umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi abalungile abayohlala kulo phakade.—IHubo 37:29.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela