Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Usizo Ngabafayo Njengoba ngingumhlengikazi osebenza ophikweni lwezifo zenhliziyo esibhedlela, umagazini wenu wePhaphama! onesihloko esithi “Usizo Ngabafayo” (October 22, 1991) wangithakazelisa. Kodwa, nginomuzwa wokuthi kumelwe kulungiswe iphutha elincane nje, ngoba nithi: ‘Odokotela abaningi baye baphetha ngokuthi kuyavumeleka ngokwezimiso abazinikiwe ukuncisha iziguli ezithile ezifayo, ezigulela ukufa, noma eziquleke isikhathi eside ukudla nokuphuzwayo [uketshezi].’ Nginiqinisekisa ngokuthi kungaba unya nento ebuhlungu kakhulu ukuyeka ukunika umuntu ogulela ukufa ukudla nokuphuzwayo. Ngokuhlangenwe nakho kwami, ngingathi lokhu kungabangela nokugula ngokwengeziwe.
M. S., France
Inkulumo obuza ngayo yacashunwa kuyi“New England Journal of Medicine” futhi ibonisa ukucabanga kodokotela abaningi. Odokotela bakholelwa ukuthi iziguli eziningi ezilimele ingqondo kakhulu azikwazi ukuzwa izinhlungu nokugula. Ngaphezu kwalokho, ukunika ukudla nokuphuzwayo ngenjongo yokwelapha kudinga ikhono elikhulu kakhulu lezokwelapha futhi kubanga ukungakhululeki nezingozi khona ngokwakho. Khona-ke abanye odokotela bakholelwa ukuthi ezimweni ezithile, izingozi ezinjalo zidlula izinzuzo. Kunoma ikuphi, amaKristu ngamanye kumelwe azenzele izinqumo zawo siqu ezicatshangelwe kahle lapho kuziwa ezindabeni ezibuhlungu kanjalo nezithinta umzwelo.—ED.
Eminyakeni engamashumi amabili edlule ngenza isinqumo sokunqamula izinto zokusekela ukuphila kwendodana yami eyayinosuku olulodwa ubudala. Yayizalwe ngaphambi kwesikhathi futhi ife ingqondo. Ngangizibelethise yona mina ekhaya, njengoba sasingakwazanga ukufika esibhedlela kusenesikhathi. Angikwazi ukuchaza ukudabuka nomuzwa wecala ebenginakho iminyaka eminingi. Kodwa ngokufunda lezihloko, ngakwazi ukuphila nomthwalo wami osuneminyaka engu-20 ukhona.
S. M., United States
IMihlangano Yesigodi YaseMpumalanga Yurophu Ngathintwa kakhulu uchungechunge lwesihloko esithi “Abathandi Benkululeko Yokwesaba UNkulunkulu Bayajabula EMpumalanga Yurophu.” (December 22, 1991) Njengoba ngakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova, bengilokhu ngithambekele ekungakunakini ukudla okungokomoya esikutholayo. Kodwa ukufunda ngendlela oFakazi eMpumalanga Yurophu abamukela ngayo ngokokuqala ngqá izincwadi ezingolimi lwabo osekuyiminyaka thina sinazo kwangenza ngalazisa kangcono ilungelo enginalo lokuba ingxenye yenhlangano enhle kangaka.
T. O., Japan
Ukufunda Ngineminyaka engu-13 ubudala. Isihloko esithi “Funda Ukuze Unwebe Imingcele Yakho” (July 22, 1991) sasiyilokho kanye engangikudinga. Ngangivame ukufunda igama elilodwa ngesikhathi. Ingqondo yami yayivame ukuzulazula, ikwenza kudingeke ukuba ngiyifunde ngokuphindaphindiwe into ukuze ngiyiqonde. Amacebiso enu amahle aba usizo olukhulu.
A. K., Poland
Ukulungisa Ukuziphatha Kwezigebengu Nginendodana esejele enesikhokhelo sePhaphama!, futhi ngentshiseko ngiye ngathandazela ukuba kube nezihloko ezingase zithinte inhliziyo yayo. Ngakho ngazazisa kakhulu izihloko ezithi “Amandla Eqiniso Okulungisa Ukuziphatha” (July 22, 1991) nesithi “Ngangiwumgqekezi Oyingcweti.” (September 8, 1991) Ngazifunda ngezinyembezi zokubonga okujulile kuNkulunkulu, lowo ‘othanda ukuba bonke baphenduke.’ (2 Petru 3:9) Ngithemba ukuthi, ngolunye usuku indodana yami iyokwenza okufanayo.
A. F., United States
Ikhilikithi Ikhilikithi ingenye yezinto esichitha ngazo isizungu esizithanda kakhulu lapha eCaribbean. Kodwa ngamangala ngempela ukubona isihloko esithi “Ikhilikithi Noma Ibaseball—Uyini Umehluko?” (November 8, 1991) Angikaze ngiphuphe ngibona isihloko esinjalo kumagazini! Sasinika ukwaziswa okukhulu, futhi ngokusebenzisa lesihloko nje, ngakwazi ukuhambisa amakhophi amaningi ePhaphama! kwabanye.
J. D., Jamaica