Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 4/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1992
  • Ibhu Elihle
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 4/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukwelashwa Komdlavuza Ngikholelwa ukuthi indaba ethi “Ukuqhathaniswa Kwezindlela Zokwelapha” eyavela engxenyeni ethi “Ukubuka Okwezwe” (September 22, 1991) yayidukisa kakhulu. Ibonisa ukuthi abantu abaphethwe umdlavuza bebengazuza ekulashweni okungekhona okwakudala ngendlela abebengazuza ngayo ekulashweni esikhungweni sezempilo esimisiwe. Umqondo osesihlokweni seNew England Journal of Medicine indaba yenu eyayisekelwe kuso uhluke ngokuphelele endabeni yenu.

A. R., M.D., United States

Indaba yethu emfushane yayishaya emhloleni, kodwa asizange sikubike okukodwa okuyinhloko okwatholwa yilokhu kuhlola, okungukuthi, iziguli ezigulela ukufa ezithola ukwelashwa ngokwelapha okuvamile zabika “isimo esingcono kakhulu sempilo” kunalezo ezithola ukwelashwa okungekhona okuvamile. Nakuba kunjalo, njengoba indaba yethu yabonisa, akukho nokukodwa kwalokhu kwelapha okuye kwabonakala kunweba ukuphila kweziguli. Ngakho lokhu kuhlola kwasikisela ukuthi “akukho kwelapha okuhlukile” okungacatshangelwa kwezinye zeziguli ezigulela ukufa. Abafundi kufanele baphawule futhi ukuthi, ngokwabacwaningi ngokwabo, lokho okwatholwa “ngeke kuvunyelaniswe neziguli ezinamazinga aphansi [omdlavuza].” Abenzi balokhu kuhlola baphetha ngokuthi okunye kokwelapha okungekhona okuvamile “kungase kuvumele ukuhlola okufanelekile” kwabacwaningi bezempilo.—ED.

Imihlangano YesiGodi YaseMpumalanga Yurophu Ngithole izihloko ezithi “Abathandi Benkululeko Yokwesaba UNkulunkulu Bayajabula EMpumalanga Yurophu” zishukumisa ngempela. (December 22, 1991) Kwakunjengokungathi ngizokuzwa ukumemeza kwenjabulo nokudumisa njengoba abafowethu abangamaKristu lapho bamukela izincwadi zeBhayibheli ngezilimi zabo siqu. Njengoba ngingazange ngikwazi ukuba kuleyomihlangano yesigodi, ngibonga kakhulu ngokuthi niye nanyathelisa lezihloko, ezenza ukuba nathi, ngesilinganiso esithile, sikwazi ukuhlanganyela injabulo yabo futhi siyazise kangcono inkululeko esiyijabulelayo.

M. M., Italy

Ukudlala Ngothando Ngafunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabugwema Kanjani Ubuhlungu Obubangelwa Ukudlala Ngothando?” (December 8, 1991) Sayithinta inhliziyo yami, njengoba ngiye ngaba nokuhlangenwe nakho okufana nalokho okulandiswe esihlokweni. Esinye isihlokwana sasithi “Musa Ukulinyazwa Ukudlala Ngothando!” Lokho kunzima ngoba ngesikhathi uqaphela ukuthi uyisisulu sokudlala ngothando, kungenzeka ukuthi usulimele kakade. Kodwa njengoba isihloko sisho, kungase kudingeke sithole imihuzuko embalwa nezibazi endleleni eya othandweni lweqiniso. Ngiyabonga ngezihloko ezinjalo eziyigugu.

S. C. S. M., Brazil

Inkinga Yegazi Ngisanda nje kuqeda ukufunda isihloko esithi “Ungasho Neze Ukuthi Ngeke!” (September 22, 1991), futhi ngikhala izinyembezi njengoba ngibhala lencwadi. Ngihlala emkhayeni ohlukene ngokwenkolo futhi nginendodakazi encane. Ngisho nakuba umyeni wami engaluphikisi ukholo lwami okwamanje, uma kungaphakama isimo esihilela indodakazi yethu lapho ukumpontshelwa igazi kungaba yimpikiswano khona, angaluphikisa. Lesihloko siye sagcizelela engqondweni yami isidingo sokuqeqesha abantwana bethu ukuze bona ngokwabo bamelele izimiso zeBhayibheli ebuntwaneni.

L. W., United States

Uvolo Nenundu Esihlokweni senu esithi “Isimangaliso Sikavolo” (September 22, 1991), nithi: “Ngokunokwenzeka awudingi ukukhunjuzwa ukuthi inundu iyawuthanda uvolo. Izalela amaqanda ayo ukuze amacimbi asanda kuchanyiselwa abe nokudla okuningi.” Nokho, inundu eningi ayiwonakalisi uvolo noma ngabe iyiphi impahla! Lamazwi azoqinisekisa abantu ukuthi yonke inundu iyingozi futhi kufanele ibulawe.

T. K., England

Isihloko asizange nakancane siyale ukuba kubulawe ngokuphelele inundu kodwa sasimane nje sinikeza ukusikisela okuwusizo kokuvikela ukusakazeka kwenundu. Ngokuthakazelisayo, ngokwe“Grzimek’s Animal Life Encyclopedia,” izinhlobo zenundu ezizondla ngovolo “ziyavilapha kakhulu ukundiza. Eziningi izinhlobo zenundu ezindiza ezindlini zingaphansi kwezinye izinhlobo, ezingeyona ingozi.”—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela