Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukudlala Ngothando Ngiyajabula ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabugwema Kanjani Ubuhlungu Obubangelwa Ukudlala Ngothando?” (December 8, 1991) Muva nje ngiye ngabhekana nemizwa yobuhlungu nokulahlwa ewumphumela wokudlala ngothando lapho insizwa engangithembisene nayo inqamula ubuhlobo bethu ngokushesha futhi ngaphandle kwesizathu. Kamuva ngathola ukuthi yayinedumela lokudlala ngothando futhi yayilimaze abanye ngaphambi kwami. Manje ngiyaqaphela ukuthi nami nginecala ngalesisimo esibuhlungu ngoba ngahileleka kakhulu ngokomzwelo ngokushesha okukhulu. Ngifisa sengathi lolulwazi lwalutholakale ezinyangeni ezedlule.
G. T., United States
Enye insizwa yangitshela ukuthi imane nje ifuna ngibe ngumngane wayo, futhi ngavuma. Kodwa yaqhubeka ishaya ucingo futhi ingicela ukuba siyophola. Kamuva lapho ingibuza ukuthi ngingayicabangela yini njengomlingane womshado, ngajabula! Kodwa esikhathini esingangonyaka kamuva ingitshela ukuthi ayikaze ngempela ifune ukushada. Ithi kwakungafanele ngizihilele kangako ngokomzwelo ngalokho njengoba yayingitshelile kwasekuqaleni ukuthi yayingawulungele umshado. Ukuze “izivikele,” ithi isafuna ukungishada—kodwa ezweni elisha. Kusebuhlungu kimi, kodwa lesihloko siyangisiza ukuba ngibhekane nalesimo.
S. Y., United States
Mikhaya Sondelanani Ngingomunye walabobaba ongakaze abe nesithakazelo kubantwana bakhe. Ngangingayiqapheli imiphumela ehlala njalo lokhu okungase kube nayo. Ukufunda izihloko zenu ezithi “Mikhaya—Sondelanani Kungakephuzi Kakhulu” (September 22, 1991) kwangicindezela kakhulu emoyeni! Ngithembisa ukushintsha nokwenza okusemandleni ami ukubonisa abantwana bami uthando olwengeziwe.
J. B. M., Gabon
Izihloko zazikhuluma ngokusabela ekukhaleni kwengane. Ingabe lokhu kusho ukuthi kufanele sisabele njalo lapho ikhala? Uma kunjalo, ingabe lokhu ngeke yini kuvumele usana ukuba lusizakale ngabazali balo—lulimale ekugcineni?
S. H., United States
Asizange simise umthetho owujuqu kodwa sanikeza isikhuthazo nje sokuba basabele ezinsaneni zabo. Futhi nakuba kungaba nokukhathazeka okuzwakalayo ngokutetemisa izingane ezikhulile nezikhasayo, odokotela abaningi bakholelwa ukuthi kunzima ukutetemisa izinsana ezincane kakhulu ngokusabela ekukhaleni kwazo.—Bheka isihloko esithi “Johnny, Thula Phela!” ku“Phaphama!” kaMarch 8, 1983.—ED.
Ukukhwabanisa Kwezesayensi Nganginesithakazelo kakhulu esihlokweni esithi, “Ukukhwabanisa Ezindlini Zokucwaninga Zesayensi.” (November 22, 1991) Ngiyilungu lenye yezinhlangano ezithintwe kulesihloko, futhi kuyashaqisa ukwazi ukuthi isenzo esinjalo singadaluleka emphakathini wezesayensi othenjwayo. Ziyenzeka izinto ezinjalo lapho ukuncintisana nokucindezelwa ukuba uphume phambili kuphishekelwa esikhundleni sokwethembeka. Ngiyasazisa isibindi nokwethembeka kukaDkt. O’Toole—okwamlahlekisela umsebenzi wakhe! Isimo sengqondo sibonakala singesokuthi, ‘Wayengubani uDkt. O’Toole ukuba angalungisa uDkt. Imanishi-Kari?’ Kucatshangwa ukuthi ososayensi baphawuleka ngokuba nomqondo ovulekile, kodwa ngezinye izikhathi akunjalo.
O. O., United States
Uvolo Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi, “Isimangaliso Sikavolo.” (September 22, 1991) Manje ngifundela ukuba umthungi, futhi siye safunda ngovolo. Ngiye ngenza lesihloko saba isisekelo somsebenzi wami wesikole. Ngangikhululekile ukukwenza ngoba engifunda nabo babengenza inhlekisa ngokuba omunye woFakazi BakaJehova. Uthisha-nhloko wethu waze wanikeza inkulumo ukuze axwayise abafundi ngoFakazi BakaJehova! Kodwa uthisha wami wasifunda ngokuthakazela lesihloko futhi wacela ikhophi yakhe siqu yePhaphama!
P. A., Czechoslovakia