Ingabe “Izinja EzingoDeveli”?
UKUHLASELA kwezinja ezingamapit-bull eCanada, eNgilandi, naseUnited States kuye kwasakazwa kabanzi eminyakeni embalwa edlule. ISikhungo Sokunqandwa Kwezifo saseU.S. sibika ukuthi amaphesenti angu-42 abantu abangu-157 okuqinisekwayo ukuthi bafa ngokulunywa yizinja eUnited States phakathi kuka-1979 no-1988 ayebulewe amapit-bull. Abezindaba eBrithani baye babhekisela ezimakwini ezinonya ezingamapit-bull ngokuthi “Izinja EzingoDeveli.” Umagazini iEquinox ubiza lenja ngokuthi “umshini omuhle kakhulu wokubulala.”
Emdlalweni ongekho emthethweni ochitha igazi wokuqhathwa kwezinja, ipit-bull ibhekwa “njengevelele ezinjeni ezibulalayo,” ngenxa yamandla ayo, ukukhalipha, ukubambelela ngamandla, kanye nolaka. IGlobe and Mail yaseToronto, eCanada, ithi ‘ipit-bull ikhiqizelwe ukubulala ezinye izinja.’
“Imihlathi yayo eqinile ingenza umonakalo omubi kwezinye izilwane kanye nakubantu, ikakhulukazi kubantwana, abangakwazi ukuzivikela,” kusho iToronto Star. Imibiko eshaqisayo yokuhlaselwa ihlanganisa nalokho kwentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala eyadinga amahora amahlanu eplastic surgery ebusweni bayo ngemva kokuba ilinyazwe ipit-bull. Oneminyaka engu-13 ubudala wadinga ukwelashelwa izilonda ebusweni, emzimbeni, emilenzeni, ekuqaleni kwethanga, nasezinqeni. Omunye unobuhle oneminyaka engu-21 ubudala walimala kabi ebusweni, wadinga cishe izitishi ezingu-70, ngesikhathi ipit-bull yomngane wakhe isabela ngokumluma lapho ezama ukuyiqabula. ENgilandi indoda eneminyaka engu-54 ubudala yalinyazwa ezimbili “zaleZinja EzingoDeveli” futhi zayidlephuna ikhala.
UKathleen Hunter, umqondisi ongumphathi weToronto Humane Society, wake wakholelwa ukuthi ngokuqeqeshwa okufanele ipit-bull ingafana nanoma iyiphi inja yasekhaya. Nokho, manje uyavuma ukuthi “ngokofuzo ipit-bull yakheke ngendlela eyenza ibe isilwane esingabikezeleki kakhulu. Iyinja enolaka ngempela . . . , ekhiqizwe ngenjongo yokuba ihlasele ngaphandle kokuchukuluzwa.”a Umphathi-jikelele wegatsha lezinkonzo zokuphathwa kwezilwane wePublic Health Department yaseToronto, uJim Bandow, uyaphawula: “Ipit-bull iyibhomu elicushiwe. Awunakuqiniseka ngokuthi izohlasela nini.”
Abenzi bemithetho bazama ukuyixazulula kabusha lenkinga ngokumisa nokuphoqelela imithetho ehlukahlukene. Abanikazi bamapit-bull e-Edmonton, eCanada, kudingeka baphathe okungenani amaRandi angu-1 375 000 futhi bakhokhe imali yelayisense engamaRandi angu-275. EWinnipeg, eCanada, amapit-bull amasha awavunyelwe phakathi nemingcele yedolobha, futhi abanikazi kumelwe bawabophe ngebhande bawafake isimfonyo baveze ubufakazi obungamaRandi angu-825 000 bomshwalense wokukhokhela ukulimala okungase kubangelwe inja yabo. IPhalamende laseBrithani ladlulisela umthetho-sivivinywa onezibopho ezifanayo kubanikazi bamapit-bull. Ukwephula lomthetho kungaphumela ekuhlawulisweni nasesigwebeni sokugqunywa ejele.
NgokoMthetho kaNkulunkulu kuIsrayeli wasendulo, izilwane eziyingozi kwakumelwe ziqashelwe. Uma isilwane esiyingozi sasingaboshwa, umnikazi wayeba necala ngomonakalo esiwenzile. Uma isilwane sibulale umuntu, umnikazi wayeba necala legazi, futhi lokho kwakungamlahlekisela ukuphila kwakhe. (Eksodusi 21:29) Uma kucatshangelwa lokho okulotshwe eMthethweni kaNkulunkulu, kungaba inkambo yokuhlakanipha ngamaKristu ukuthatha izinyathelo ezidingekile zokulawula izilwane ezinolaka, nezingabikezeleki noma ukunquma ukungazigcini.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe ngalokhu, bheka iPhaphama! yesiNgisi kaMarch 22, 1988, ikhasi 25.