Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Amapit bull Ngangiwumnikazi wepit bull, futhi yayiyinja ethandeka ukuzedlula zonke nemnene kakhulu engake ngaba nayo. Ngakho-ke isihloko esithi “Ingabe ‘Izinja Ezingodeveli’?” sangizwisa ubuhlungu. (May 22, 1992) Lesihloko sinikeza umbono wokuthi wonke amapit bull ahlobene noSathane nezinto ezimbi. Ukuba nje nepit bull manje kungaphumela ekucasuleni abanye. Nokho, ngiyavuma ukuthi abantu kufanele baqaphele uma becabanga ukuyifuya. Ngitusa ukuba bazi isizinda salenja nabazali bayo. Tholani, futhi ukuthi lenja ibinakekelwa kahle yini. Uma kunjalo, kungase kwenzeke ibe nokuthambekela kokuba mnene.
L. H., United States
Isihloko sethu simane sicaphuna iphephandaba laseBrithani, eliye lasebenzisa leligama ngokuvamile ukuze lichaze i“pit bull” engenakwaziwa kusengaphambili. Sasingasho neze ukuthi lezinja zinobusathane ngokwemvelo; futhi asizange sikugxeke ukuba nazo. Kodwa ngenxa yengozi yangempela engaba khona, sanxusa abanikazi bama“pit bull” ukuba baqaphele ngokwengeziwe ukuze bagcine izilwane ezinjalo zilawuleka.—ED.
Ukulwela Ukuphila Ngemva kokufunda isihloko esithi “Ukulwela Kwami Ukuphila,” ngithanda ukubonga uHans Augustin nomkakhe. (April 22, 1992) Ngifuna ukubabonga ngesibindi nesibonelo sabo sokwethembela kuJehova naphezu kokuhlupheka. Mina siqu ngijwayelene kahle nohlobo lokuhlangenwe nakho ababhekane nalo, futhi ngihlala ngicabanga ngabo futhi ngibathandazela.
A. Y., France
Ngisanda kuqeda nje ukufunda lesihloko, futhi izinyembezi ziyehla ebusweni bami. Izihloko ezinjalo zisibonisa ukuthi sinabafowethu nodade abaningi abahle abangamaKristu emhlabeni wonke abakhuthazela kakhulu nokho abahlala begxilile okholweni lwabo. Siyasizwa futhi ukuba sikhumbule ukuthi kungakhathaliseki ukuthi izinkinga zethu zinkulu noma zincane, into eyinhloko iwukuhlala sibheke esikhathini lapho konke lokhu okuhlangenwe nakho okubi kungeke ngisho kusakhunjulwa.
R. T., United States
Ukuba Ngohlukile Ngiyanibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kumelwe Ngehluke?” (June 8, 1992) NgingumKristu oneminyaka engu-18 ubudala, futhi kufanele ngivume ukuthi kunzima ngempela ukwehluka kwenye intsha. Lapho bebuza ukuthi, “Kungani ungagqoki njengathi?” noma, “Kungani ungayi kulomdanso?” nokunye, kudinga isibindi ukuze ubaphendule futhi ubachazele. Kodwa ngosizo lukaJehova nomagazini iPhaphama!, ngiye ngakwazi ukwenza kanjalo. Ngiyanibonga ngokusikhathalela!
H. O. N., Brazil
Amaphela Isihloko esithi “Iphela Elibekezelayo” sasithakazelisa kakhulu. (January 22, 1992) Umkhaya wakithi uye wakusebenzisa lokhu kwaziswa, futhi selokhu kwenziwa kanjalo, ila cucaracha ayisaziwa nangokhalo ekhaya lethu.
B. H., United States
Ngafunda ngamaphela esikoleni eminyakeni engaba mithathu edlule. Kodwa angikaze ngiwacabangele njenganosizo. Ngamangala ukwazi ukuthi amaphela, lawo abhekwa njengezitha ngokuvamile, angaba usizo ngandlela-thile. Manje ngiyaqonda ukuthi kungani kunzima ukuwabhubhisa, ngisho nangemithi yezinambuzane.
E. A., Nigeria
Ngiyamangala ukuthi anizange nikhulume ngeboric acid ‘njengekhambi’ lokuhlupha kwamaphela. Siye sayisebenzisa ekhaya, futhi iyaphumelela!
S. D., United States
Abacwaningi baxwayisa ngokuthi i“boric acid” ingase ibangele izingozi zempilo ezingathi sína ezinsaneni nakubantwana. Bheka isihloko esithi “Okuphawulwa Abafundi Balomagazini” ku- “Phaphama!” yesiNgisi kaOctober 22, 1984.—ED.