Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 7/8 k. 24-k. 25
  • Jabulela Itaco YaseMexico

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Jabulela Itaco YaseMexico
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amataco Athandwa Kakhulu
  • Izinhlobonhlobo Zokudla Zenza Ukuphila KwaseMexico Kuthakazelise
    I-Phaphama!—1992
  • “Ngicela Unginike Ama-tortilla”
    I-Phaphama!—1999
  • IDolobha LaseMexico—Ingabe Liyisithabathaba Esikhulayo?
    I-Phaphama!—1991
  • Ukukhonza Ngomphefumulo Wonke Naphezu Kokulingwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 7/8 k. 24-k. 25

Jabulela Itaco YaseMexico

Ngumlobeli wePhaphama! eMexico

IYINI itaco? Kubantu abakhuluma iSipanishi, ingaba izinto eziningi. ESpain ingaba ngisho nayisifungo! Kodwa eMexico naseNyakatho Melika, ingukudla. Injani? Inambitheka kanjani?

Iwuhlobo lwesemeshi elenziwa ngeqebelengwane, eliyindilinga eliyisicaba elenziwa ngempuphu yommbila. Kuleliqebelengwane kufakwa izinto ezihlukahlukene futhi ngezinye izikhathi liyathoswa. Kukhona amaqebelengwane enziwe ngofulawa wamabele. Amaqebelengwane abaluleke kakhulu eMexico kangangokuba imexicano langempela alicabangi ukuthi ukudla kuphelele lingekho.

Muva nje, iUniversal yansuku zonke yaseMexico yanyathelisa indaba enesihloko esithi: “Amataco: Ukudla Kokunethezeka.” Phakathi kwezinye izinto, lathi: “Kufanele sizibize ngokuthi singamatacomexicano, njengoba, ngokungangabazeki, ewukudla kwethu esikuthandayo.” Kodwa amanye amataco asebiza kakhulu kangangokuba kubantu abaningi baseMexico asewukudla kokunethezeka. Kanti “ayisinkwa semihla ngemihla” sabakhi, izisebenzi zasezimbonini, izisebenzi zasemapulazini, kanye nabagibeli bezintaba, bonke abanomuzwa wokuthi abanakuphila ngaphandle kwawo. Kuyathakazelisa ukubukela abakhi bedla ukudla kwabo kwasemini. Bayabasa bese befudumeza amataco ngecomal, noma isitsha sobumba esiyisicaba—yeka indlela amnandi ngayo!

Lapho enziwe ekhaya, amataco awabizi kangako. Ungafaka phakathi kweqebelengwane noma yini edliwayo: ubhontshisi othosiwe, ushizi, inyama, amazambane, irayisi, ingulube, inkukhu, nokunye. Angenziwa angabi nemininingwane eminingi noma abe nayo, kodwa kungakhathaliseki ukuthi uwapheke kanjani, aba ukudla okulula okwanelisayo.

Amataco Athandwa Kakhulu

ENhlonhlweni yeYucatán, bapheka lokho okubizwa ngokuthi icochinita pibil. Bahlaba ingulube encane, bayiphalisise, bayinonge ngeachiote, bese belandelisa ngebarbecue. Lenyama ithambile futhi imnandi futhi ukunambitheka kwayo kuyingqayizivele. Amataco ayicochinita pibil adumile kulo lonke elaseMexico futhi athengiswa ngokushesha kuye ngokuthi mangaki enziwe.

Amataco angadliwa engathosiwe noma ethosiwe. Ukuze wenze itaco eklamuzelayo, sebenzisa amafutha engulube ashisayo noma uwoyela. Faka amataco kuwoyela isikhathi eside ngokwanele ukuba abe nombala onsundu, bese uyawakhipha futhi ukhame amafutha. Bese uthela isauce ebabayo noma ukhilimu omuncu uma uthanda. Anambitheka kamnandi ngempela!

Amataco athandwa kakhulu eDolobheni laseMexico amataco afakwe inyama yenkomo eyoswe ngamalahle. Uma ufuna ukuwapheka ekhaya, yiba nenyama engamagremu angu-110, uthele kuyo amanzi kalamula kanye nopelepele, bese uyibeka phezu kwento yokosa ngamalahle. Beka nezigaxa ezisencane zo-anyanisi kuleyonto yokosa. Lapho ubona amanzi phezulu enyameni, yifafaze ngosawoti (usawoti onongwe ngo-anyanisi uma uthanda) bese uyiphendula. Phakathi nalesosikhathi, fudumeza amaqebelengwane amabili. Uma inyama isivuthiwe, yifake phakathi kwalamaqebelengwane amabili, bese uthela phezu kwayo isauce ebabayo enombala obomvu noma oluhlaza ufake nezigaxa ze-anyanisi ezisencane ezimbalwa. Manje usunokudla okulula okumnandi kakhulu. Kungasetshenziswa indlela efanayo uma kwenziwa amafajita, inyama esikwe yaba amaqatha ayisicaba.

Amataco ayicarnitas amnandi kumelwe uwezwe. Inyama yengulube isikwa ibe izicucu bese ithoswa ngamafutha ayo ebhodweni lethusi elikhulu. Kufakwa usawoti obizwa ngokuthi isal-tierra enyameni ukuze uyenze ibe nombala obomvu. Lamataco kanye nenyama yemvu enongwe ngebarbecue ukudla okuyinhloko okuphathwa uma kuyodlelwa ngaphandle. Kungani? Phela, eDolobheni laseMexico kunabantu abayizigidi ezingu-18, futhi idolobha lihaqwe amadolobhana asezintabeni. Ngakho njalo ngezimpela-sonto izinkulungwane zemikhaya ziya ezintabeni, futhi kunokuba ziziphathele ukudla eziziphekele kona ekhaya, zizithengela inyama, amaqebelengwane amaningi, ushizi, imifino enjengenopales (umdolofiya othambile) kanye nomfino othile. Kusetshenziswa icoriander, kanye nezinye izithako uma kwenziwa isauce ebabayo. Esikhundleni sezibiliboco, baphatha izithelo.

Ngokulandelayo lapho ujahile, khumbula ukuthi amataco aseMexico angaphekwa ngemizuzwana embalwa. Ngakho, ungathanda yini ukudla itaco yaseMexico? Uyoyijabulela!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela