Amanzi Abulalayo
ABACWANINGI baseYunivesithi Yesizwe iMayor de San Marcos ePeru bahlola amasampula angu-30 amanzi avela ezindaweni ezisetshenziswa umphakathi nasemakhaya edolobheni laseLima. NgokweVisión, umagazini waseLatin-America, amasampula angu-29 ayengcoliswe kakhulu amagciwane nezinsalela zendle. Isampula elilodwa kuphela lamanzi ayengase asetshenziswe abantu.
IMinistry of Health yasePeru iye yaphetha ngokuthi amaphesenti angu-50 amanzi asetshenziswa abantu baseLima angadlulisela “isifo sohudo, ityphoid, ukusha kwesibindi, ikholera, nokunye ukuphazamiseka kwesisu namathumbu.” Okudume kabi ngokukhethekile kuye kwaba umqedazwe wekholera owaqubuka ePeru, wahlasela abantu abangaba ngu-150 000 futhi wabulala abangu-1 100 phakathi nje kukaJanuary noApril ka-1991.
Ikhambi lalenkinga elituswa kakhulu ukubilisa amanzi isikhathi eside ngokwanele ukuze kubulawe amagciwane ayingozi. Nokho, lokhu akulula kangako ngaso sonke isikhathi ukukufeza. IVisión iphawula ukuthi emikhayeni eminingi “ukubilisa amanzi imizuzu eyishumi kuwukunethezeka ngempela ngoba uphalafini ubiza ngaphezu [kwe-R2,75 amalitha angu-3,8],” okuyingxenye enkulu yeholo elivamile lamasonto onke.
Inkinga yamanzi okuphuza angcolile ayiyona eyamazwe ahlaselwe ubumpofu kuphela. Ngokwesibonelo, ngokweNew York Times, eUnited States, “kulinganiselwa ukuthi unyaka ngamunye abantwana abangaphezu kuka-250 000 baphuza amanzi okuphuza anomthofu ngamazinga aphakeme ngokwanele ukuba onakalise ukukhula kwabo ngokwengqondo nangokomzimba.” Futhi eYurophu kunokukhathazeka okwandayo ngamapayipi amanzi angcolile. Umagazini iNew Scientist ubika ukuthi “iningi lamanzi aseYurophu avela eziphethwini, ezingase zingcoliswe kakhulu izinhlanganisela zensimbi namakhemikhali.”
KusAmbulo 14:7 iBhayibheli libhekisela kuJehova ‘njengaLowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.’ Unamandla futhi okuphendula amanzi ababayo nangcolile abe amanzi amtoti nahlanzekile. (Eksodusi 15:22-25; 2 AmaKhosi 2:19-22) Lokhu uyokwenza ngesilinganiso somhlaba wonke ngemva kokubhubhisa labo ababhubhisa umhlaba manje.—IsAmbulo 11:18.