Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 8/8 k. 18-k. 20 isig. 6
  • Izandla Zethu Ezimangalisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izandla Zethu Ezimangalisayo
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zenziwe Ngendlela Emangalisayo
  • Igilavu Elilingana Kahle
  • Izinkulungwane Zemizwa
  • Ziyasiceba
  • Isandla—‘Isitho Esihle Kakhulu Esinobungcweti’
    I-Phaphama!—1988
  • Zazise Izipho Zakho Eziyigugu
    I-Phaphama!—2011
  • Izinzipho Zakho—Ingabe Uyazinakekela?
    I-Phaphama!—1998
  • Umkhakha Othakazelisayo—Wezincwadi Ezincane
    I-Phaphama!—1998
I-Phaphama!—1992
g92 8/8 k. 18-k. 20 isig. 6

Izandla Zethu Ezimangalisayo

NGOKUMEMEZA okuklabalasayo, insizwa ilahla isando sayo phansi futhi ibamba isithupha sayo iyasicindezela njengokungathi ikhipha ubuhlungu. Esikhundleni sokuqonqothela isipikili, yayishaye isithupha sayo—futhi.

Ngalesosikhathi lowo ozoba umbazi kungenzeka ukuthi uba nomuzwa wokuthi ubengaba ngcono uma lesosithupha singekho. Kodwa isithupha ngokuvamile “esingenabo ubuciko” siyingxenye yethuluzi eliyigugu kakhulu umuntu ngamunye analo—isandla somuntu.

Ngenxa yokuthi sesizijwayele kakhulu izandla zethu—iminwe enyakaza kalula, amalungu agobeka kalula, imizwa esheshayo ukuzwela, njalonjalo—kulula ukuzithatha kalula. Kodwa awukho umsebenzi esingawenza ngaphandle kokusebenzisa izandla zethu. “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho,” kunxusa iNkosi ehlakaniphile uSolomoni. (UmShumayeli 9:10) Wasikhetha ngokufanelekile isandla njengesiwuphawu lwemisebenzi yomuntu, ngoba ngempela siyithuluzi lobuciko elingenakulinganiswa nalutho.

Zenziwe Ngendlela Emangalisayo

Iminwe yethu ingahamba ngokushesha ezinkinobheni zomshini wokubhala mhlawumbe ibhale amagama angaphezu kwekhulu ngomzuzu. Ingadansa kokhiye abangaphezu kuka-88 bopiyano olukhulu futhi ishaye ungqambothi lomculo iwususela emanothini abhalwe phansi ephepheni. Kodwa kuthiwani ngesithupha? Ake uzame lokhu: Vula intende yakho, bese uqondisa iminwe yakho ithi thwí. Goba umunwe ngamunye, uqale ngocikicane. Phawula ukuthi kunzima kangakanani ukugcina eminye iminwe inganyakazi. Manje goba isithupha sakho, sinyakazise usiyise phezulu naphansi, senze sishaye indingilizi. Ungakwenza lokho cishe ngaphandle kokuba eminye iminwe inyakaze. Lokhu kuzimela okuyingqayizivele kwesithupha—okwenziwa kube nokwenzeka ilungu eliphansi emsukeni waso kanye nokuba kwaso nezicubu zaso siqu—kusenza sibe namakhono amaningi akhethekile.

Elinye lawo liwukuthi isithupha sethu esingamelana neminye iminwe singathinta phansi emsukeni womunwe ngamunye, noma sibambe into ephakathi kwaso nanoma imuphi kuyo. Ingabe lokhu kuyisici esingabalulekile? Zama ukucosha imali ungasebenzisi isithupha sakho, noma uvule ujeke, noma uvule ingidi yomnyango. Ngisho nomngane wethu owumbazi uyazidinga lezozithupha “ezingenabuciko” ukuze akwazi ukubamba isipikili singanyakazi noma aphakamise isando sakhe. Eqinisweni, ukuze kukhinyabezwe amasotsha ayizitha, ezinye izizwe zasendulo zalandela umkhuba ononya wokunqamula izithuba zawo.—AbAhluleli 1:6, 7.

Ngokwayo yonke imisebenzi iminwe engayenza, inezicubu ezimbalwa ngokumangalisayo. Kalula nje, lokhu kungabonakala kuyisiphazamiso, ngoba ukuba nezicubu eziningi kusho ukuba namandla amaningi. Nokho, izicubu zivame ukukhula lapho zisetshenziswa njalo. Yini ebingenzeka ukuba iminwe yethu ibinikezwe izicubu ezinamandla? Ngesilinganiso somsebenzi owenziwa iminwe, izandla zethu ngokushesha bezingafana nezigwedlo eziwugqinsi, zenze kube nzima noma kungabi nakwenzeka ukwenza umsebenzi ofuna ukucophelela. Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uMdali wethu ngokuhlakanipha wenza izicubu eziningi zaba sezingalweni, ezihlanganisa neminwe ngemisipha eqinile!

Igilavu Elilingana Kahle

Isikhumba esemboze isandla sakho singaphezu nje kokuba isembozo. Ncinza isikhumba esingemuva kwesandla sakho. Uzobona ukuthi asinamathele futhi siyanyakaza. Sivumela ukuba ukwazi ukusonga inqindi. Manje, kuthiwani ngentende? Isikhumba esikuyo asivumi kangako ukusuka entendeni. Ake ucabange nje ukuthi bekungaba nzima kangakanani ukubamba into uyiqinise ukuba isikhumba besinyakaza siye phambili nasemuva. Ukuze kuqiniswe ukubamba, intende igqishwe ngemiqamelwana ethile. Lezinsalela zamafutha ziwugqinsi ikakhulukazi ngezansi nje kweminwe nasesithendeni sesandla—izindawo ezicindezela kakhulu lapho sibamba noma sicindezela okuthile.

Uma ubhekisisa intende yesandla sakho, uzophawula ukuthi isikhumba asibushelelezi ngokuphelele. Ngaphandle kwemigqa egqame kakhulu esentendeni, isandla sembozwe imigqa eminingi emincane ehambisanayo kanye nemigqa eyizihibe ezincane ethiwa amapapillary ridge. Njengemigqa engaphansi kwezicathulo zakho, lemigqa yenza kungabi nzima ukudonsa futhi ithuthukise ukukwazi ukubamba.

Ekugcineni kwalemigqa kunezimbotshana zezindlala ezincane zomjuluko ezenza intende ibe nomswakama. Akungabazeki ukuthi uye wambona umuntu osebenzayo ehlikihla kakhulu izandla zakhe ezihlanganisile ngaphambi kokuba asukele umsebenzi onzima. Lona akusiwo nje umkhuba oyinjwayelo. Ukuhlikihla kwenza kube nokushisa, okushukumisa izidlala zomjuluko. Umswakama wenza kungasheleli ukuze kubambeke kangcono. Yini oyenzayo lapho unenkinga ekuvuleni amakhasi anephepha elilula kakhulu? Cishe wenza okufanayo—uhlikihla amachopho eminwe yakho esithupheni ukuze wenze ukuvula amakhasi kube lula.

Imigqa eyizihibe ezincane kanye nokushwileka kwemigqa emachosheni eminwe yakho kunomunye umsebenzi—kwenza izinyathelo zeminwe ezingezakho wedwa. Nakuba kungase kubonakale kungakholeki, phakathi kwalesosikhala esincane sechopho lomunwe kunesimo sokuma kwemigqa okungekho esifana naso eminweni nezithupha ezingaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-50 ekhona. Ngisho nakuba amawele engase abonakale efana, izinyathelo zeminwe yawo iwenza ahluke. Ngokuthakazelisayo, emuva ekhulwini lesithathu leminyaka B.C.E., osomabhizinisi baseChina babebona amakhasimende abo ngezinyathelo zeminwe, okwabonakala kungokungathenjelwa kukho njengokusayinda. Empeleni, ngisho nokulimala emnweni ngeke kuzishintshe izinyathelo zomunwe. Ziyobuya zikhule zingashintshile uma nje ingozi ingajulile kakhulu.

Izinkulungwane Zemizwa

Nakuba izandla zethu zingenakukwazi ukubona, ukuzwa, noma ukuhogela, naphezu kwalokho zingenye yezindlela zethu eziyinhloko zokuzwa indawo ezungezile. Ngokwesibonelo, yini oyenzayo lapho uzithola usendlini emnyama ngokuphelele? Welula izandla zakho, iminwe isabalele, bese uphuthaza endlini. Yebo, izandla zethu aziwona nje kuphela amathuluzi anobuciko kodwa futhi ayizinzwa ezisheshayo ukuzwa. Zisinikeza ukwaziswa okunganqamuki—isitofu siyashisa, ithawula limanzi, ingubo yokuvuka iwusilika, uboya bekati buntofontofo, njalonjalo. Inzwa yethu yesihlanu, inzwa yokuthinta, iqala ngezandla.

Amachopho eminwe yethu azwela kangaka ngenxa yokuthi anamangqamuzana amaningi amukela imizwa—angu-1 400 ngemasentimitha-skwele. Ngokwesibonelo, uma uphethe okhanjana ababili abaqhelelene ngamamilimitha ayisithupha bese uthinta ubuso bakho ngabo, kuzozwakala sengathi uhlatshwa ukhanjana owodwa. Kodwa thintisa okhanjana abafanayo echosheni lomunwe wakho, khona-ke imizwa egqishelene lapho ngokuphazima kweso izokutshela ukuthi beyizwa okhanjana ababili. Yilokho okwenza impumputhe ikwazi ukufunda iBraille. Ubani othi izandla azikwazi ukubona?

Okuwukuphela kwengxenye yesandla engenayo imizwa izinzipho. Kodwa lokho akusho ukuthi azinamsebenzi walutho. Ngokuphambene, izinzipho zisekela futhi zivikele amachopho eminwe asheshayo ukuzwela kodwa alimala kalula. Ziba usizo futhi lapho ufuna ukucwecwa iwolintshi, ukususa ibala elincane, noma ukucosha ubuhlalu obuncane. Wake wazibuza yini ukuthi izinzipho zikhula ngokushesha kangakanani? Lokho kuxhomeke ezicini eziningi. Izinzipho zethu zikhula ngokushesha kakhulu ehlobo kunasebusika. Zikhula ngokushesha kakhulu esithupheni futhi azisheshi kucikicane. Zikhula ngokushesha esandleni esisetshenziswa kakhulu. Isilinganiso sokukhula kwazo zonke silinganiselwa kumamilimitha angu-0,1 ngosuku.

Ziyasiceba

Izandla zethu zingasho okuningi ngathi. Ukuxhawula ngemfudumalo, ukwanga ngothando, inqindi efingqiwe—konke kusho okuthile ngathi. Empeleni, iningi lethu lingakuthola kunzima ukukhuluma ngaphandle kokuhlobisa amazwi ethu ngohlobo oluthile lokunyakaza kwezandla okugcizelelayo noma okuchazayo. Ngezithulu, lelikhono lokukhuluma liba elingenakugwenywa. Lapho izwi elikhulunywayo lehluleka, isandla singaqhubeka ngolimi lokukhuluma ngezandla. AmaNdiya aseMelika, abantu baseHawaii, kanye naBathwa baseAfrika bonke banohlobo lwabo siqu olukhangayo lolimi lokukhuluma ngezandla.

Ngaphezu nje kokusiceba, izandla zethu zisitshela okuthile futhi. “Ngokwesilinganiso ezisetshenziswa ngaso ekukhulumeni, hhayi amazwi nje kuphela kodwa nemizwelo kanye nemiqondo, izandla zomuntu zingezivelele.” kubhala uJohn Napier encwadini yakhe iHands. Ngisho nakuba “izandla” eziningi zezilwane ngokuyisisekelo zibukeka zifana nezethu, ukwakheka okuvelele nekhono lesandla somuntu ngeke kwalulazwa ngokuphendukela ekuziphendukeleni kwemvelo okwenzeka ngenhlanhla. Kunalokho, umklamo waso wobuchwepheshe ubonisa ngokucacile ukuhlakanipha koMklami waso, uMklami noMdali wazo zonke izinto, uJehova uNkulunkulu.—IsAmbulo 4:11.

Ngakho lapho insizwa yethu ewumbazi, ephethe isando ngesandla, iphinda imisa isipikili phakathi kwesithupha nonkomba, kungenzeka ibe nenhlonipho evuselelwe ngezandla zayo eziyigugu. Ngempela, sihlonyiswe kahle ukuba senze konke isandla sethu esikufumanayo ukukwenza.

[Isithombe ekhasini 20]

Ayikho iminwe emibili noma izithupha phakathi kwezingaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-50 ekhona eye yatholwa inesinyathelo esifanayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela