Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 8/8 k. 24-k. 25
  • Icuscus Ekwenza Ufune Ukuyigona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Icuscus Ekwenza Ufune Ukuyigona
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umzala Wekoala
  • Isilwane Esifuywayo Esikhangayo
  • Ukukhangwa Ikoala Enobungane
    I-Phaphama!—1991
  • Lawo Mamarsupial Amangalisayo AseAustralia
    I-Phaphama!—1992
  • Amehlo Amakhulu—Umzimba Omncane!
    I-Phaphama!—2014
  • Ugamthilini—Uwusizo Kangakanani?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 8/8 k. 24-k. 25

Icuscus Ekwenza Ufune Ukuyigona

Ngumlobeli wePhaphama! ePapua New Guinea

SIMANGAZWE ukuba sisinake, lesilwane esincane esenza ufune ukusigona sasigqolozela ngamehlo aso amakhulu acwebezelayo anobumsulwa. Ebusweni baso obuyindilinga isici esasigqame kakhulu yikhala, futhi amadlebe aso ayecishe ambozwe uboya. Lesilwane esiyindilinga esingavamile esinoboya obuxube umbala omhlophe nophuzi esinomsila omude ongenaboya sasiyicuscus.

Njengoba sasisondela ukuze sisibone kahle, sabalekela phezulu emthini, sibambelela emagatsheni ngazo zozine izinyawo nangomsila ngezinye izikhathi, ukuze siyozihlalela sodwa ngokuthula endaweni ephakeme.

Umzala Wekoala

Icuscus ingesinye salezozilwane ezingavamile ezitholakala kuphela esiqhingini saseNew Guinea, enyakatho yeAustralia, naseziqhingini eziseduze. Nakuba ingaziwa kakhulu njengomzala wayo odumile ikoala, ifana nayo ngokuningi.

Njengekoala, icuscus ngemva kokuzala ithwala abantwana bayo—ababili kuya kwabane ngesikhathi—esikhwameni esisesiswini. Futhi icuscus iyisilwane esinamahloni nesihamba kancane esihlala emthini. Isimiso sayo sansuku zonke sihlanganisa ukulala kakhulu. Njengoba izimpintshe endaweni okuhlukana kuyo amagatsha amabili phezulu emthini, umsila wayo obomvana ulengela phansi umise okophawu lombuzo olubhekiswe phansi, usuku luyaphela ingawuqapheli umsebenzi owenziwa phansi. Njengoba iyisilwane sasebusuku, isebenza kakhulu ebusuku.

Endaweni yayo yokuhlala engokwemvelo, icuscus iphila ngokuyinhloko ngamaqabunga emithi, imiqumbe, kanye nezithelo ezinamakhasi athambile, kuhlanganise nezinyoni ezincane nezinambuzane. Igama layo lesayensi, elithi Phalanger, lisho ukuthi “Isilwane esineminwe.” Sabona enye icuscus iqosheme ihlezi ngezinqe zayo ezinkulu ihluba ngokucophelela ubhanana futhi iwukhotha njengoba senza uma sijabulela uice cream.

Isilwane Esifuywayo Esikhangayo

Mhlawumbe ngenxa yokuba kwayo ngefundiseka kalula, icuscus ithandwa kakhulu njengesilwane esifuywayo. Ukuthi iyakhanga akunakuphikwa. Okokuqala, inemibala ekhangayo. Uboya ngokwabo bungaba nombala omhlophe oxube othi awube phuzi, obomvu ngokunsundu, noma umbala ompunga oyizinhlobonhlobo kuye komnyama bhuqe. Amanye anamabala, kuyilapho amanye enomthende omnyama owehlayo emhlane. Ukuba kwayo noboya obunjengovolo, nezici eziyindilinga, ukuhlala kwayo igqolozile ngamehlo abonisa ukufuna ukwazi, ukuhamba kwayo kancane nangokunganaki—konke kwenza icuscus ibe isilwane esifuywayo esikhangayo.

Uma nje uhlala ukhumbula ukuthi inezinzipho eziklwebhayo, ungayigona nokuyigona icuscus njengekati. Icuscus ingakhula ibe ngamasentimitha acishe abe ngu-60 ubude ngaphandle komsila, ongamanye amasentimitha acishe abe ngu-30 ubude. Ingxenye yokugcina yomsila ayinaboya futhi imbozwe amazenga amaholo, eyenza ibukeke futhi ibe njengephepha lokukhuhla elicoliweyo lapho uyithinta—ewusizo ekubambeleleni.

Enye yalamacuscus yasihlaba umxhwele ngokusibonisa indlela edla ngayo isikhwebu sommbila. Isibambe ngazo zombili izidladla lesikhwebu, yadla umugqa owodwa futhi ngaphambi kokuba idlulele komunye yahogela ngokucophelela kulomugqa eqeda kuwudla ukuze iqiniseke ukuthi alukho uhlamvu olusele. Lapho usuphelile, yakhotha izidladla zayo zahlanzeka futhi yazelula egatsheni lomuthi, yanelisekile.

Icuscus inezinye izitha ezimbalwa ngaphandle komuntu. Abantu bendawo babamba lesilwane ukuze bathole inyama futhi basebenzise uboya baso obuhle ekwenzeni iziphika namakepisi. Namuhla, ukungenela komuntu endaweni yokuhlala engokwemvelo yecuscus, amahlathi emvula, ngokuthuthukiswa kwezindawo, izimayini, ukwakhiwa kwezindawo zokubukwa izivakashi, nokunye, kwenza ukuqhubeka kwayo iphila kube sengozini. Lesi ngesinye isibonelo sokona komuntu lokho akuphathiswe nguNkulunkulu ukuba akunakekele.—Genesise 1:26; IsAmbulo 11:18.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela