Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/14 kk. 10-11
  • Amehlo Amakhulu—Umzimba Omncane!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amehlo Amakhulu—Umzimba Omncane!
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izandla Zethu Ezimangalisayo
    I-Phaphama!—1992
  • Zazise Izipho Zakho Eziyigugu
    I-Phaphama!—2011
  • Abaculi Abagxumayo Bezwe Lezinambuzane
    I-Phaphama!—1993
  • Ukwakheka Okuhlukile Nobukhulu Bezibankwakazi
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 12/14 kk. 10-11
I-tarsier

Amehlo Amakhulu—Umzimba Omncane!

ABANINGI bangathi siyathandeka; abanye bangathi sixakile. Sinemilenze emide ezacile, uboya obuthambile kanye namehlo amakhulu acwebezelayo. Umzimba waso ungamasentimitha angu-12,5 ubude, kanti sinesisindo esingamagremu angaba ngu-114. Yini leyo? Yisilwanyana okuthiwa yi-tarsier!

Ake sibukisise esisodwa salezi zidalwa, i-tarsier yasePhilippines. Amehlo aso, amadlebe, izandla, izinyawo, imilenze nomsila, konke kubukeka kukukhulu kakhulu kunomzimba waso omncanyana. Noma kunjalo, ukusibukisisa lesi silwanyana esixakile kwembula ukuthi siklanywe ngobuhlakani.

AMADLEBE ASO: Amadlebe alesi silwanyana awuntwentwesana akwazi ukugoqeka, avuleke, abuye aphenduphenduke ukuze ezwe ngisho nemisinjwana emincane. Ukuba kwaso nodlebe olubukhali akusisizi nje kuphela ukuba sigweme izitha zaso, njengamakati asendle, kodwa futhi nokuba sikwazi ukuthola izinambuzane esizidlayo. Lapho sekuhwalele, amadlebe alesi silwanyana athungatha imisindo yezinyekevu, imihlwa, amabhungane, izinyoni namaxoxo. Khona-ke, nekhanda lizobe selilandela, libhekise lawo mehlo amakhulu lapho ukudla kungakhona.

SIYABAMBELELA: Izandla ze-tarsier ziklanyelwe ngokukhethekile ukubambelela emagatsheni amancane. Izihloko zeminwe yayo zinamazenga akwazi ukubambelela njengesondo lemoto. Ngisho nalapho ilele, i-tarsier kudingeka ibambelele iqinise. Amazenga angaphansi komsila wayo omude ayisiza ukuba inamathele lapho ilele ize iphaphame.

AMEHLO ASO: Asikho esinye isilwane esincelisayo esinamehlo amakhulu kangaka uma siqhathaniswa nomzimba waso. Empeleni, ngalinye iso le-tarsier likhulu kunobuchopho bayo! Amehlo e-tarsier awakwazi ukuguquguquka; ahlale ebheke phambili. Ingabe lokhu kuyinkinga kulesi silwanyana? Cha. I-tarsier isizwa ukuthi inentamo ekwazi ukujika ngokuphelele ibheke emuva umzimba ube ubheke phambili.

SINOMZIMBA OLULA: Imilenze emide ye-tarsier yenza ikwazi ukugxuma ibanga elingaba amamitha ayisithupha—okuyibanga elibuphinda izikhathi ezingu-40 ubude bayo! Lapho sizingela, lesi silwanyana sigxuma ebumnyameni iminwe yaso ivulekile ilungele ukuhlala izithonto esisulwini saso.

Kuyethukela ama-tarsier ekwazile ukuphila lapho efuyiwe, ngokwengxenye ngenxa yokuthi athanda kakhulu ukudla izinambuzane eziphilayo kanye nokuthi awakuthandi nhlobo ukubanjwa. Noma kunjalo, lesi sidalwa esingavamile siyaqhubeka sibahlaba umxhwele abantu basePhilippines. Cishe zonke izitho zalesi silwane esinamehlo amakhulu esihlala ehlathini zikushiya ubambe ongezansi.

Ukuvikela I-Tarsier

I-tarsier ihlezi esandleni somuntu

Ngo-1997, uhulumeni wasePhilippines wamemezela ukuthi i-tarsier yasePhilippines iwuhlobo lwesilwane “esivikelwe ngokukhethekile.” Ngakho, akukho emthethweni ukusizingela, ukucekela phansi indawo yaso, noma ngisho nokusifuya. I-tarsier ithandwa kakhulu abantu basePhilippines futhi iyazikhanga izivakashi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela